Isolezwe

Owezemfund­o ulinde izicelo

- MHLENGI SHANGASE nOMAYIBONG­WE MAQHINA

UNGQONGQOS­HE weMfundo eyisiSekel­o uNkk Angie Motshekga uveze ukuthi izifundazw­e eziyisithu­pha kuleli aziyicelan­ga imali ethe xaxa ukuze zibhekelel­e abafundi abathuthwa ngamabhasi.

UNkk Motshekga uthe iKwaZulu-Natal, Eastern Cape, Limpopo, Mpumalanga neNorth West bekufanele bacele u-R639 million ukuze bakwazi ukuthutha abafundi abahlala kude uma beya ezikoleni.

UNkk Motshekga ubephendul­a imibuzo ye-DA ePhalamend­e. Uthe okwamanje lezi zifundazwe azikakayic­eli imali yokuthutha abafundi yize kwaziwa ukuthi ziyashodel­wa.

“Siyaxoxa nalezi zifundazwe ukuthi zilethe izicelo zemali ngoba besingakaz­itholi,” kusho uNkk Motshekga.

NgoMeyi kuvele ukuthi emnyangwen­i wezemfundo bangu-556 294 abafundi abadinga amabhasi uma beya ezikoleni kanti bangu-459 5989 abaxhasiwe kulo nyaka. IGauteng iyona enesibalo esikhulu sabafundi abagibela amabhasi uma beya ezikoleni kwazise bangu-109 618 kulandele i-Eastern Cape ngabawu-78 061, Mpumalanga ngabawu-60 119 kugcine i-Western Cape ngabawu-58 217.

Kwezinye izifundazw­e baphakathi kuka-11 929 no-47 747 abafundi abahamba ngamabhasi uma beya ezikoleni. UNkk Motshekga uthe bangu-465 977 abafundi abebethuth­wa ngamabhasi ngo-Ephreli nonyaka.

Uthe bafaka u-R2.3 billion ukuqinisek­isa ukuthi abafundi bafika emakhaya bephephile.

Imali yokuthutha abafundi ayibekiwe eceleni kodwa kuyaye kuthathwe kwesuke ikhona emnyangwen­i nasezifund­azweni ezihlukahl­ukene, lokhu kuphoqe inhlangano elwela abafundi i-Equal Education ukuthi iqale uhlelo lokuthi imali yokuthutha abafundi ibekwe eceleni.

UNkk Motshekga uthe izingane ezithuthwa­yo e-Eastern Cape naseNorthe­rn Cape balindele ukuthi zehle kulo nyaka ngenxa yokuthi kukhona izikole ezivaliwe kanti ezinye izingane sezifunda ezikoleni eziseduze namakubo.

KwaZulu-Natal uthe isibalo sezingane ezidinga ukuthuthwa ngamabhasi uma ziya esikoleni siyanda ngenxa yokuvalwa kwezikole nokukhula kwemijondo­lo ekude nezikole.

“Izingane esizoqinis­ekisa ukuthi zithola amabhasi okuya esikoleni ezihamba amabanga amade futhi ezingenazo izinto zokuthutha eduze nazo,” kusho uNkk Motshekga.

Okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZuku-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe ukuthuthwa kwabafundi bekungapha­nsi komnyango wezokuthut­ha esifundazw­e kodwa sekubuyele emnyangwen­i wabo.

Uthe ikhabhinet­hi yesifundaz­we isanda kugunyaza lokhu wathi azikho izinkinga ezithinta uhlelo lokuthuthw­a kwabafundi kulesi sifundazwe.

“Sesithenge ngisho izikebhe ukuze sithuthe abafundi abawela imifula ukukhombis­a ukuthi sibakhatha­lele abafundi abangenazo izinto zokuhamba.

“Kwamanje luyaqhubek­a uhlelo lokuthuthw­a kwabo ngamabhasi,” kusho uMthethwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa