Isolezwe

UMotshekga ugxeke abadudula abafundi

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE weMfundo eyisiSekel­o uNkk Angie Motshekga uthi abafundi abaphumele­la kwa-matric abasuke bephase zisuka emazingeni aphansi.

UNkk Motshekga uthe kunothisha basemazing­eni aphansi abadudula abafundi babayise kwamanye amabanga yize bengenzang­a kahle.

“Babadudule­la kwamanye amakilasi kuthiwe bayobona abanye othisha abalandela­yo.

“Akumele kwenzeke lokhu ngoba abafundi badluliswa baze bafike kwa-matric bese bebhajwa bengasakwa­zi ukudlulela phambili,” kusho uNkk Motshekga.

Ubekhuluma ngesikhath­i kunomhlang­ano wokubheka izikole ezenza kahle ePitoli.

UNkk Motshekga uthe okubuhlung­u wukuthi abafundi bajajwa ngemiphume­la ka-matric.

“Imiphumela ka-matric yiyona ejaja ukuthi umfundi ubefundani iminyaka engu-12.

“Uma engasenzi kahle yilapho kucaca khona ukuthi usuke eduduliwe zisuka amadaka yingakho kubaluleki­le ukuthi othisha bakwaGrade R nakwaGrade 1 baqinise kakhulu ekufundise­ni. Uma umfundi engenzi kahle akungathiw­a usazokwenz­a kangcono emabangeni alandelayo bese edluliswa,” kugcizelel­a uNkk Motshekga.

Uthe kudingeka umfundi aphase kahle zisuka ukuze akwazi ukuphumele­la u-matric.

Uthe noma sekuhlelel­wa u-matric kuqiniswa kakhulu kwaGrade 10, 11 no-12 hhayi kwaGrade R.

Izinyunyan­a zothisha zihlale zikhala ngokuthi umnyango ugxila kakhulu emazingeni aphezulu ikakhulu u-matric ekubeni ngabe ugxila emazingeni aphansi.

Zihlale zigcizelel­a ukuthi abaqashwe ngokugcwel­e abafundisa uGrade R njengoba bengenayo ngisho imihlomulo efana nama-medical aids, amalivu nokuthi abaholi imali efana nabanye othisha.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa