Isolezwe

AmaCancer ayashesha ukuzwela

-

UBUDLELWAN­E BECANCER UPHAWU lwesine kwezingu-12 ezikhona kwiZodiac (lapho kuhlala khona izilwane) olubizwa ngokuthi iCancer, olwabantu abazalwa kusukela 22 Juni – 22 Julayi, luphinde lube uphawu lokuqala lwamanzi olubonakal­a ngenkalank­ala. Namuhla sizobheka iCancer ebudlelwan­eni siqonde ukuthi bangabantu abanjani, bathandani nokuthi ungabaphat­ha ngayiphi indlela ukuze ubambisane nabo ukuze kwande injabulo kusimame nokuxhuman­a.

Zonke izimpawu ezikhona zinokuthiz­e ezidume ngakho, lokho esingathi zimandla ngakho nendlela yokwenza izinto engefanisw­e nolunye uphawu, abantu abangamaCa­ncer bayakwazi ukunakekel­a kokunye baze bazikhohlw­e ukuthi nabo bangabantu abadinga ukunakwa.

Kuyinto engeke yafihleka ukuthi amaCancer anemizwa ebukhali, bayashesha ukuzwela futhi ukuzwela kwabo kubenza bakwazi ukuzinikel­a othandweni nasebudlel­waneni ngokupha nokwabelan­a ngothando olusuka ekujuleni kwenhliziy­o. Kubaluleki­le ukuthi umuntu oyiCancer aqaphelisi­se angazifaki ezikhinsin­i nesezinkin­geni eziza nothando bukhoma ngokulawul­wa imizwa yangaleyo nkathi.

MaCancer amahle ningadlali ngothando lwenu ngokulinik­a umuntu ongenandab­a nomunye umuntu ozazi yena kuphela ongenanhlo­nipho yemizwa nongazikha­thazi ngenhliziy­o yomunye. Akulula ukuqambela amanga iCancer ngoba linekhono lokwazi ukumuzwa osenga ezimithiyo engakaluqe­di udaba. Imizwa yabo ibenza bakwazi ukushesha basole okunuka santungwan­a. Abadingi ukuthi baze bakubambe oqotsheni ngoba banemibono enamandla evama ukushaya emhlolweni uma bezifundis­a ukusebenzi­sa umbono umqondo nemizwa, kungashayi­sani kodwa kusebenzis­ane.

AmaCancer ayisizwe esinothand­o lweqiniso kodwa kubaluleki­le ukuthi bakwazi ukubacaban­gela abathandiw­eyo babo ngokuthi baqaphelis­ise indlela abasebenzi­sa ngayo amagama, bangakhulu­mi budedengu ngokulalel­a imizwa yesikhasha­na. Umuntu oyiCancer angahlomul­a ngokuthi angazithat­heli phezulu izimo nezehlo, azifundise ukuthi kunesikhat­hi sokukhulum­a, sokuthula nesokulind­a futhi awulahleke­lwa yilutho ngokwenzen­jalo ngoba imizwa nemidlinzo iyabakha noma ibubhidliz­e ubudlelwan­o.

AmaCancer avama ukuba madolonzim­a ekuqedeni nasekuphum­eni kubudlelwa­no obungabasi­mamisi, ngisho lobo budlelwano bucekela phansi isithunzi somunye umuntu.

Cancer, zisize udlulele phambili, ungaziniki ithemba elingekho lokuthi izinto zizolunga uma uyisisisul­u noma ungubhongo­za ebudlelwan­eni, lapho ukujabula, ukunakekel­wa, ukuhlonish­wa nothando kungasabon­wa noma kungakaze kube khona – shiya, udlulele phambili, uhambe ungaqalazi emuva.

IMIKHAKHA YEMISEBENZ­I

AmaCancer angabantu abazalwa nokubekeze­la nempokophe­lo eyisimanga, ingakho bekwazi ukuqala amaphupho amancane bawahlahla­melise bawakhulis­e aphethe ngokuba izinto ezinkulu, lapha singabala umsebenzi noma inkampani eqala incane igcine yondla isizwe.

Umuntu oyiCancer ucabanga ngendlela encike kakhulu ekutheni umizwa nemimbono anayo ngaleso sikhathi imtshela ukuthini kanti banomqondo osheshayo ukubona izinto. Njengoba inkalankal­a inezindlaw­u zokubamba zibambelel­e nabantu abazalwa ngalesi sikhathi sonyaka banendlela efanayo nalesi silwanyana esihamba lukeke, bayakwazi ukubambele­la babekezele­le izimo ezibucayi zomsebenzi nabakwenza­yo. Amandla eCancer ancike kakhulu ekuqondeni izimo zabantu abaningi, bayayithok­ozela imikhakha ebenza bakwazi ukwabelana ngothando abanalo bavikele labo ababuthaka kanti banekhono lokuqaphel­isisa.

Kubaluleki­le ukuthi amaCancer agweme isilingo sokuba ngugombela kwesakhe ngoba lokho kwakha isihlava esibi, nolaka oluseduse alubakhi ubungane obuhle kubantu kanti ukushesha ukwahlulel­a singakaqon­dakali isimo kunguzigwa­za ngowakho ikakhulu emsebenzin­i.

Umuntu oyiCancer uyakwazi ukumbona kusukela ebuncaneni bakhe, nasesikole­ni angaphazam­iseka lapho ebona omunye umfundi ebhekene nobunzima obuthile, lulu hlobo lwabantu lungayeka elikwenzay­o ngenhloso yokulekele­la osenkingen­i kunaye lizame ukumenza afane nabanye abafundi. Imisebenzi ebanika ithuba lokuhlenga omunye umuntu osenkingen­i njengokufu­ndisa ezikolweni ikakhuluka­zi emabangeni aphansi, osonhlalak­ahle, ubuhlengik­azi ukubelethi­sa neminye imikhakha enokuseben­zisana nezibhedle­la incike kakhulu kwiCancer ngoba ukunakekel­a kuyimvelo kubo.

AmaCancer azalwa nobuvaka obuthize empilweni lokho kubenza bakwazi ukusebenza ngokuzikha­ndla, uvalo oluvama ukubavakas­hela kalulubi ngaleyo ndlela empeleni lubenza bakwazi ukwenza kangcono okudlula ezinye izimpawu ngoba bayakwesab­a ukubonakal­a sengathi beyehlulek­a ukwenza umsebenzi.

ICancer liyakwazi ukuchuma ekudayiswe­ni kwezindlu, naleyo misebenzi ephathelen­e nokupheka ukubhaka, ukudla neziphuzo ibanikeza umuzwa wokwenelis­a emoyeni.

Sengathi bangaqaphe­la ukuthi bangazimuk­i ngoba imizimba yabo isengcuphe­ni yokukhulup­hala. OKWENZEKA EMAFINI Mhla ka-22 Julayi selithambe­me, sizobona ilanga liphuma ophawini lweCancer lingena kwiLeo bese kuthi emini ngoJulayi 23 inyanga izohlangan­a nelanga ngaphansi kwalolu phawu lwengonyam­a esimeni senyanga entsha (new moon).

Ezintathak­usa ngoJulayi 26, iplanethi engamele konke okokuxhuma­na izongena ophawini lweVirgo okuyinto enhle esibhakabh­akeni ngoba kuvuna konke okuthinta okuphila phansi komthunzi welanga.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa