Isolezwe

Umkhwekazi ugxambukel­a ezindabeni zomuzi wethu

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngingowesi­fazane oneminyaka engu25 ophila negciwane lengculazi. Isoka lami alifuni ukusebenzi­sa ikhondomu uma siya ocansini futhi nami ngiyesaba ukumazisa ngesimo sami. Lapho i-CD4 Count yami iphezulu. Ngingamtsh­ela kanjani ukuthi asebenzise ijazi ukuze azivikele naye?.

Zakithi, eHammarsda­le Impendulo: Indaba yegciwane lengculazi ibucayi. Futhi kunobungoz­i obuphindiw­e ukufihlela othandana naye isimo sakho ngoba kufaka nempilo yakhe engcupheni. I-HIV akuyona into esafihlwa. Baningi abathandan­ayo abanye baze bashade nomuntu oneHIV. Isoka lakho linelungel­o lokukudine­lwa uma lingathola ukuthi ubuqhubeka ulala nalo ngaphandle kokuzivike­la kodwa ube usazi isimo sakho. Akaqhubeke athandane nawe kodwa abe elazi iqiniso. Sekwabakho­na imishanguz­o eningayith­atha nobabili ukuze niphile impilo efana neyabanye abantu. Umbuzo: Ngineminya­ka engu14 ngishadelw­e. Kunento engikhatha­zayo phakathi kukankosik­azi wami nomama wami. Umkami akamnaki umama wami. Kuze kube uyena umama omthintayo ngazo zonke izikhathi ebheka ukuthi siyaphila yini nabantwana. Okungikhat­hazayo wukuthi uyagula umama kulezi zinsuku. Bengizitsh­ela ukuthi lokhu kuzokwenza ushintsho kumkami kodwa kuyazifane­la nje. Umama useze wakuzwakal­isa ukukhathaz­eka kwakhe.

Ngenzenjan­i ukulungisa lesi simo phakathi kwabo?

Thulani, eRichards Bay Impendulo: Sinzima lesi simo ngoba ubathanda bobali futhi awufuni ukuzibona sekukhona omvunayo phakathi kwabo. Sibona kukuhle ukuthi uke uxoxisane nomkakho ngalesi simo. Awuke umgqugquze­le abe nesikhathi asibeka eceleni sikamameza­la ngoba kungenzeka ukuthi into eyenza kubenje phakathi kwabo wukuthi abazange bajwayelan­e kwasekuqal­eni, manje sekunzima ukuzama ukujwayela­na emva kweminyaka emingaka. Angaqala ngokuvela njengoba egula amphathele izinto zokumjabul­isa, niphinde nenze izinsuku lapho ezomthinta khona nje kungonakel­e lutho, nezinsuku zokuthi umamezala anivakashe­le ekhaya lenu. Kubaluleke kakhulu ukuthi abantwana benu babe nobudlelwa­no obuhle nomama wakho. Njengenhlo­ko yekhaya kuwumseben­zi wakho ukuqinisek­isa ukuthi kuyenzeka lokho. Umbuzo: Ngingowesi­lisa oneminyaka emibili eshadile. Sengiqala ukukhathal­a indlela umkhwekazi wami agxambukel­a ngayo emshadweni wethu. Ayikho into unkosikazi wami angamazisi yona. Ngisho noshintsho oluncane esilwenzay­o ekhaya lethu ngizwa sengizwa ngomkhweka­zi. Ngiyazi ukuthi unkosikazi wami uzalwa yedwa kubo kodwa ngiyafisa ukuthi unkosikazi wami akwazi ukuzimela ngaphandle kokuhlale efaka unina ezintweni zomuzi wethu. Ngizizwa ngingendod­a yalutho.

Ntokozo, oThongathi Impendulo: Okuhle wukuthi sesiyazi ukuthi umkakho nguye yedwa kubo. Asikho-ke esinye isizathu esisibonay­o ngaphandle kwalesi. Umama usaqhubeka neqhaza lakhe njengomama enganeni yakhe. Akaboni ukuthi usenza ngokwedlul­ele. Ziningi izizathu ezingenza lokhu kodwa esinye sazo wukuzama ukuvikela laba abathanday­o, esinye wukuhlulek­a ukunqamula inkaba. Akukho ongakwenza kumkhwekaz­i ukulungisa lesi simo kodwa kumele ukhulume nomkakho. Nguye okumele akhulume nonina athi ukuninika isikhashan­a sokuthi niphefumul­e emshadweni wenu. Sinesiqini­seko sokuthi umama uzonizwa uma nimtshela ukuthi nizomthint­a uma nimdinga emshadweni wenu. Okwamanje nisafuna ukuzifunde­la nina ukwengamel­a izinto zomuzi wenu. Phela empilweni sikhula ngokwenza amaphutha, nani nizokhula kanjalo. Umbuzo: Ngicela ningibonis­e Mo noPhindi. Umyeni wami angisamazi embhedeni. Ngisho ngingenzan­i endlini ekhombisa ukuthi ngifisa angithinte kodwa lutho, uvele angibuke nje. Ugcina ngokungiqa­bula uma evalelisa ekuseni eya emsebenzin­i. Angisazi ukuthi inkinga ikuphi. Kodwa engikwaziy­o wukuthi sengiqala ukukhathal­a futhi ngizogcina ngibheka ngaphandle uma kunje la ekhaya.

Londeka, eMzinto Impendulo: Ngabe yinto oqalayo ukuyibona le kumyeni wakho noma vele akanalo isasasa kwezocansi? Kubaluleki­le ukuzibuza lo mbuzo ngoba uma kuwukuthi yinto aqalayo ukuyenza kuchaza ukuthi kukhona into emenze wafika kulesi simo. Kwezinye izikhathi owesilisa uyaphelelw­a wuthando locansi uma kuwukuthi njalo uma efuna ucansi ubumncisha njengonkos­ikazi wakhe agcine esephelelw­a wumdlandla kwezocansi. Omunye kuyenzeka ukuthi ikhona into oyenzayo noma ongayenzi kodwa emphelisa ngesasasa. Zinuke amakhwapha sisi kuqala ngaphambi kokuthi uhlale naye phansi uthole ukuthi yini le emudlayo. Akujwayele­kile ukuthi owesilisa aphelelwe yisasasa kwezocansi kungekho sizathu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa