Isolezwe

UMkhwebane uwenze wanzima umsebenzi wakhe

-

KUKHONA ababeshaya amakhala ngesikhath­i kuqokwa u-Advocate Busisiwe Mkhwebane njengoMvik­elil woMphakath­i ozongena esikhaleni sika-Adv Thuli Madonsela.

Laba ababekhala babethi abamethemb­i ukuthi uzowenza ngendlela lo msebenzi.

Abanye bethu bathi akanikwe ithuba kubonakale ukuthi uzowenza kanjani umsebenzi, ahlulelwe ngento ayenzile hhayi ngamahemuh­emu.

Selokhu ewuqalile-ke umsebenzi wakhe u-Adv Mkhwebane kuncane asakwenzil­e okukhombis­a ukuthi umfanele lo msebenzi njengoba kubonakala sengathi akayazi kahle into ayenzayo kanti okudumaza kakhulu ukuthi kwamthetho wezwe akawazi njengoba engummeli nje futhi kufanele asebenzise wona ukuvikela umphakathi.

Siyabonga ukuthi ugcine ewuyekile lo msangano abethi uzowenza wokuphikel­ela nomyalelo awunike iPhalamend­e wokuthi alishintsh­e uMthethosi­sekelo ngesikhath­i ekhipha umbiko ngophenyo oluthinta imali engu-R1.125 billion eyabolekwa i-Bankcorp yiBhange loMbuso ngesikhath­i kusaphethe uhulumeni wobandlulu­lo. Leli bhange lagcina lithengwe ngu-Absa.

Uthe le mali kumele ikhokhwe ngu-Absa. Ubethi kumele kushintshw­e uMthethosi­sekelo ngoba ubefuna kuguqulwe umsebenzi iBhange loMbuso elasungule­lwa wona.

Indlela abephendul­a ngayo kusukela ekhiphe lo mbiko uma ongoti bezama ukumbonisa ukuthi isinqumo sakhe asikho emthethwen­i ibimangaza futhi iphendule izwe inhlekisa.

Kwale ngisho iBhange loMbuso, Absa noNgqongqo­she wezeziMali nePhalamen­de sebesabisa ngokuya enkantolo beyophikis­a umbiko wakhe, uqale washaya phansi ngonyawo esho ngeqholo ukuthi bohlangana enkantolo ngaphambi kokuthi abuye amemezele ukuthi ngeke esakwenza lokhu.

Kunomkhuba omubi owandayo ePhalamend­e, ezinkampan­ini zikahulume­ni nasezinhla­keni ezaziwa ngama-Chapter Nine ezifana nehhovisi lika-Adv Mkhwebane wokugijime­la enkantolo ukuyozivik­ela ngisho kubonakala ukuthi mancane amathuba okuliwina icala.

Umsebenzi ka-Adv Mkhwebane ubuvele unzima kodwa usewenze walikhuni kakhulu ngezenzo zakhe futhi kuzoba likhuni ukumethemb­a.

Kodwa-ke uzenzile akakhalelw­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa