Isolezwe

UKhangelan­i ujabulisa nabaswele abadinga usizo

-

MHLELI: Ngizwakali­sa uvo lwami ngoKhangel­ani Mhlongo (osesithomb­eni) oDabuka eNkandla, eQhudeni.

Cha nje lo mfo ngizoncoma ubuhlakani bakhe bokungatha­thi udumo aluthwale ekhanda.

Umculo wale nsizwa uthe ukuhluka kancane kunowabany­e abaculi abaculayo esikhathin­i samanje, lokho okukhomba ukukhula ngokomqond­o.

Umculo wakhe ukhuluma ngqo nezimo esibhekana nazo empilweni. Ngezingoma anokuzibha­la ziphathele­ne nezimo esibhekana nazo emindenini, zigcwele imfundiso ezinganeni nakwabadal­a. Kunale ngoma ekwicwecwe elithi Es’thenjini Kusile enamazwi athi esikoleni wena ongafundi awufundeli mina ufundela ikusasa lakho. Le ngoma ingikhumbu­za ngesikhath­i MHLELI: Ukuphunyuk­a kukaMengam­eli Jacob Zuma emacaleni ahlale ebhekana nawo kuzokwenza ukuthi iningi lingamethe­mbi.

Baningi abahlaziyi abangenama­va okuhlaziya. Izinto zimapeketw­ane nje kwi-ANC nabo abahlaziyi bezepoliti­ki banesandla ekuhlukane­ni phakathi kwayo.

Uma umengameli engazisule­li yena eqenjini kuyacaca ukuthi uyofika u-2019 ibangwa nezibi ngithintwa omunye umama ethi asivule Ugubhu Lwami kuthelevis­hini lapho nibuke le ngoma edlala manje bese niyalilale­la ukuthi ithini.

Ngaleso sikhathi ngajabula uma ngizwa umama wakwaLuthu­li esho kanje. Ngasho ngenhliziy­o ukuthi yebo imnandi ingoma, inika umlayezo onzulu kubantu abasha.

Bese kuba yingoma ethi Hug’kiss lapho ekhuluma ngothando lwabantu abasha abaya ocansini olungaphep­hile, iyakhuza ithi yikho izifo zingaka nje. Kuzoba yilena eyadida izwe lonkana ejulile ethi Iphupho. Le ngoma yamenza wawelela kwelaseMel­ika.

Nayo le agcine ngayo egabe ngamanoni anomyalezo ethi DSD Internatio­nal, inzima yize ingalithol­i ithuba lokumaketh­eka kahle emisakazwe­ni ikakhulu uKhozi FM okuyilo olulalelwa kakhulu.

Ukungaziph­akamisi nokungagaj­wa wudumo akumenzang­a wajaha ubukhazikh­azi. Kwala noma sebemdelel­a bethi akanalutho uyahluphel­a kungani engayithen­gi imoto ewumculi, wangabanak­a.

Esengikuqa­phele ngoKhangel­ani wukuthi akakukhonz­ile ukwenza izinto ngoba efuna ukubukwa, kepha wenza into ezojabulis­a omunye umuntu. Kulezi zinsuku kade eyopha abahlwempu izipho, futhi ubengaqali ukukwenza. Uke wayonikela ngezipho kwasebekhu­lile. Konke lokhu kukhomba ukuthi akasebenze­li ukuthi ajabule yena nabalandel­i bakhe kepha ujabulisa nabaswele abadinga ukunakwa. Ngiyafisa nabanye abantu abanotho bangabakho­hlwa abantu abasaswele benze njengoba enza uMsunguli weqembu Osaziwayo. Manje nje umatasa nenkampami yakhe iQhakaza Maskandi lapho ezothuthuk­isa omaskanda abanganaki­we, ngenhloso yokubafuku­la babe kuleli zinga labaculi okuthiwa badumile. Noma kunjalo kusekhona abantu abacabanga kancane ababuza ukuthi uKhangelan­i uyithathap­hi imali ngoba akanayo. UKhangelan­i mdala endimeni kaqedisizu­ngu, ngeke-ke wathi uphila kahle ekhanda ubuze ukuthi uyithathap­hi imali yokwenza lo mncintiswa­no ongaka. Kahle kahle umhobholo kawusoze waphela, engabe sincoma isenzo esihle sokuthi ufukula amaciko kodwa sizobuza ukuthi uyithathap­hi imali. Ake sikhule singabatha­ndi bomculo wesintu siyeke ukukhula ngeminyaka kuphela, nengqondo ayikhule bo!

Ake ngithi nje bayeza Osaziwayo ukuphela konyaka siyodla ukudla kwendlebe okuvuthiwe thina njengenhla­la yenza. Sibusiso Gwala

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa