UKhangelani ujabulisa nabaswele abadinga usizo
MHLELI: Ngizwakalisa uvo lwami ngoKhangelani Mhlongo (osesithombeni) oDabuka eNkandla, eQhudeni.
Cha nje lo mfo ngizoncoma ubuhlakani bakhe bokungathathi udumo aluthwale ekhanda.
Umculo wale nsizwa uthe ukuhluka kancane kunowabanye abaculi abaculayo esikhathini samanje, lokho okukhomba ukukhula ngokomqondo.
Umculo wakhe ukhuluma ngqo nezimo esibhekana nazo empilweni. Ngezingoma anokuzibhala ziphathelene nezimo esibhekana nazo emindenini, zigcwele imfundiso ezinganeni nakwabadala. Kunale ngoma ekwicwecwe elithi Es’thenjini Kusile enamazwi athi esikoleni wena ongafundi awufundeli mina ufundela ikusasa lakho. Le ngoma ingikhumbuza ngesikhathi MHLELI: Ukuphunyuka kukaMengameli Jacob Zuma emacaleni ahlale ebhekana nawo kuzokwenza ukuthi iningi lingamethembi.
Baningi abahlaziyi abangenamava okuhlaziya. Izinto zimapeketwane nje kwi-ANC nabo abahlaziyi bezepolitiki banesandla ekuhlukaneni phakathi kwayo.
Uma umengameli engazisuleli yena eqenjini kuyacaca ukuthi uyofika u-2019 ibangwa nezibi ngithintwa omunye umama ethi asivule Ugubhu Lwami kuthelevishini lapho nibuke le ngoma edlala manje bese niyalilalela ukuthi ithini.
Ngaleso sikhathi ngajabula uma ngizwa umama wakwaLuthuli esho kanje. Ngasho ngenhliziyo ukuthi yebo imnandi ingoma, inika umlayezo onzulu kubantu abasha.
Bese kuba yingoma ethi Hug’kiss lapho ekhuluma ngothando lwabantu abasha abaya ocansini olungaphephile, iyakhuza ithi yikho izifo zingaka nje. Kuzoba yilena eyadida izwe lonkana ejulile ethi Iphupho. Le ngoma yamenza wawelela kwelaseMelika.
Nayo le agcine ngayo egabe ngamanoni anomyalezo ethi DSD International, inzima yize ingalitholi ithuba lokumaketheka kahle emisakazweni ikakhulu uKhozi FM okuyilo olulalelwa kakhulu.
Ukungaziphakamisi nokungagajwa wudumo akumenzanga wajaha ubukhazikhazi. Kwala noma sebemdelela bethi akanalutho uyahluphela kungani engayithengi imoto ewumculi, wangabanaka.
Esengikuqaphele ngoKhangelani wukuthi akakukhonzile ukwenza izinto ngoba efuna ukubukwa, kepha wenza into ezojabulisa omunye umuntu. Kulezi zinsuku kade eyopha abahlwempu izipho, futhi ubengaqali ukukwenza. Uke wayonikela ngezipho kwasebekhulile. Konke lokhu kukhomba ukuthi akasebenzeli ukuthi ajabule yena nabalandeli bakhe kepha ujabulisa nabaswele abadinga ukunakwa. Ngiyafisa nabanye abantu abanotho bangabakhohlwa abantu abasaswele benze njengoba enza uMsunguli weqembu Osaziwayo. Manje nje umatasa nenkampami yakhe iQhakaza Maskandi lapho ezothuthukisa omaskanda abanganakiwe, ngenhloso yokubafukula babe kuleli zinga labaculi okuthiwa badumile. Noma kunjalo kusekhona abantu abacabanga kancane ababuza ukuthi uKhangelani uyithathaphi imali ngoba akanayo. UKhangelani mdala endimeni kaqedisizungu, ngeke-ke wathi uphila kahle ekhanda ubuze ukuthi uyithathaphi imali yokwenza lo mncintiswano ongaka. Kahle kahle umhobholo kawusoze waphela, engabe sincoma isenzo esihle sokuthi ufukula amaciko kodwa sizobuza ukuthi uyithathaphi imali. Ake sikhule singabathandi bomculo wesintu siyeke ukukhula ngeminyaka kuphela, nengqondo ayikhule bo!
Ake ngithi nje bayeza Osaziwayo ukuphela konyaka siyodla ukudla kwendlebe okuvuthiwe thina njengenhlala yenza. Sibusiso Gwala