Usebenza nomyeni kwelogadasi
UKUKHULA nabafana ekhaya kwenze wangayixwaya imisebenzi eminingi edinga amandla owesifazane waseNazaretha, ePinetown onebhizinisi lokwakha ogadasi.
UNkk Thandeka Nketsi (30) usebenza nomyeni wakhe ebhizinisini iNketsi Bros Trading kodwa nguye obhekele ukulawulwa nokufunwa kwamakhasimende kulona. Bambalwa abamnyama abangene kulo mkhakha webhizinisi okwenza namanye amakhasimende angamethembi.
“Umyeni wami wayesebenza enkampanini yogadasi okwenza kwathi eseyekile emsebenzini sabonisana ngokuqala leli bhizinisi. Saliqala ngo-2012, yimina engibhekele ukulungisa ukulawulwa kwalo nokudinga amaphepha. Sathenga umshini wokwakha ogadasi okuyinkinga ngisho ukuwuthola kuleli. Kumanje umshini esiwusebenzisayo muncane okwenza kudingeke siboleke eminye emikhulu uma umsebenzi umningi,” kuchaza uNkk Nketsi.
Uthe akagcini ngokulawula ibhizinisi kodwa uyazibambela nasemsebenzini isikhathi esiningi odinga amandla. Ngaphandle kokwakha ogadasi ubuye apende izindlu, afake ne-alluminium ezicabheni nasemafasiteleni.
“Ngakhula ekhaya kuyimi ngedwa intombazane ebafaneni abathathu. Bengibuka konke okwenziwa abafowethu nami ngenze kanye nabo. Awukho umsebenzi ebengingawenzi ngoba ngisho ukupenda nami bengikwenza ngilekelelana nabo. Angikaze ngiwunqene umsebenzi odinga amandla nongcolisayo ngoba ngakhula ngibukela kubafowethu,’” kusho uNkk Nketsi.
Phakathi kwemisebenzi abayenzayo wukulungisa izikole nezinye izakhiwo ezinkulu zezinkampani. Kwesinye isikhathi babizwa nasezindaweni ezikude, ezingaphandle kweTheku. Uthe yize umshini abawusebenzisayo umuncane bayabafaka ogadasi ezindlini eziyisithupha ngosuku. Konke bakwenzela emzini wekhasimende ngoba umshini uyadonseka ngenqola.
UNkk Nketsi usebenza elekelelwa wumyeni wakhe kuphela njengoba bengekho ababaqashile.
Uthe kuyenzeka uma umsebenzi umningi bacele abazobasiza okwesikhashana kodwa okwamanje bayazibambela.
“Isifiso sami wukuthi sibe nendawo yokuzakhela imishini yogadasi ngoba ayitholakali kuleli. Kwesinye isikhathi kudingeka siyiqashe uma sifuna ukusebenzisa emikhulu. Enye inselelo ukungathenjwa ngamakhasimende ikakhulukazi olunye uhlanga. Awathembi ukuthi owesifazane angenza lo msebenzi kodwa ngisizwa wukukhipha unyawo ukuze ikhasimende laneliseke libuye nangelinye ilanga.
UNkk Nketsi, obuye asebenze njengeQuality Administrator enkampanini yomshwalensi, uthe lokhu akuxabani nebhizinisi agxila kulo ngempelasonto.