Uvuke wazithatha owenza amaphutha
UKUNGABI naye umuntu omesekayo ngesikhathi edivosa kuholele ekutheni enze amaphutha amaningi owesifazane waseMpangeni.
UNkk Nqobile Mkhize ongumsunguli wenhlangano esiza abanezinkinga zomshado nabafuna izeluleko, iSesinqobile uthe kumthathe iminyaka ewu-8 ukuthi emukele okwenzeka.
UNkk Mkhize uthe ubehlale ephatheka kabi uma ehlekwa kuthiwa wehlulwa yingane encane eyamthathela umyeni.
“Ngangingazi ukuthi ngempela yini okwakumele ngiyenze uma umyeni wami ekhulelisa ingane yakithi engangiyicele ukuthi izohlala nathi emzini wethu. Abanye babethi ngangifuna kona ukuthi umyeni wami abe nabafazi ababili ngokuletha omunye umuntu wesifazane, abanye bethi ngihlulwe yingane eyayineminyaka ewu-14 ngaleso sikhathi. Umyeni wami wakhetha yona wangixosha, wasala nayo ngoba ngingumuntu ongalungile. Akekho owayefisa ukwazi ukuthi ngizizwa kanjani ngalesi simo esabhidliza umshado wami kungakapheli neminyaka emibili. Umndeni wehlukana phakathi abanye beseka mina abanye beseka yena udadewethu,” kusho uNkk Mkhize.
Uqhube wathi lokhu kungalutholi uthando kwaholela ekutheni aphinde enze elinye iphutha lokuthandana nomunye umuntu ngoba ethi uyaziduduza.
“Ngangithi ngifuna ukukhombisa abantu ukuthi ngizokwazi ukuqhubeka nempilo noma sengihlambalazeke kanje. Angizange ngihlaziye ukuthi ngabe sengikulungele yini lokho, ngavele ngathandana nomuntu ngithi ngigqiba ihlazo,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe nakhona izinto azihambanga ngendlela ayecabanga ngayo. Isoka lakhe lalimshaya wagcina ehlukene nalo esenezingane ezimbili zalo.
“Lento yangenza ukuthi ngizibize ngokuthi ngingowesifazane oyikho konke. Ngalokhu ngichaza ukuthi uma kukhulunywa ngowesifazane odivosile kukhulunywa ngami, uma kukhulunywa ngowesifazane okhulisa izingane yedwa, ngiyangena. Kwabesifazane abahlukumezekile ngiyangena, kwabesifazane abanqobe izinselelo ezinzima zempilo ngiyangena,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe ukube wayenomuntu owayemeluleka ngedivosi wayezoqala ngokulungisa impilo yakhe ngokufunda noma enze ezinye izinto ezozomelapha.
“Ngalibala yizinto ezingabalulekile futhi ezingazange zingakhe ngenxa yokweswela ulwazi,” kusho yena.
Kusuka ngo-2015 uNkk Mkhize uthe uqale izigcawu zokubonisana kwabesifazane ngomshado.
Esakulo nyaka isigcawu uthe singoSepthemba khona eMpangeni.
“Kulokhu kuzobe kunezikhulumi ezizobe zikhuluma ngedivosi, abeluleka abasafuna ukushada, abashadile abanezinkinga kodwa abangafuni ukuphuma emshadweni nokunye,”
Kulo nyaka uthe uke wangenela umcintiswano uMrs Zululand 2017.