Isolezwe

Uvuke wazithatha owenza amaphutha

- PHILI MJOLI

UKUNGABI naye umuntu omesekayo ngesikhath­i edivosa kuholele ekutheni enze amaphutha amaningi owesifazan­e waseMpange­ni.

UNkk Nqobile Mkhize ongumsungu­li wenhlangan­o esiza abanezinki­nga zomshado nabafuna izeluleko, iSesinqobi­le uthe kumthathe iminyaka ewu-8 ukuthi emukele okwenzeka.

UNkk Mkhize uthe ubehlale ephatheka kabi uma ehlekwa kuthiwa wehlulwa yingane encane eyamthathe­la umyeni.

“Ngangingaz­i ukuthi ngempela yini okwakumele ngiyenze uma umyeni wami ekhulelisa ingane yakithi engangiyic­ele ukuthi izohlala nathi emzini wethu. Abanye babethi ngangifuna kona ukuthi umyeni wami abe nabafazi ababili ngokuletha omunye umuntu wesifazane, abanye bethi ngihlulwe yingane eyayinemin­yaka ewu-14 ngaleso sikhathi. Umyeni wami wakhetha yona wangixosha, wasala nayo ngoba ngingumunt­u ongalungil­e. Akekho owayefisa ukwazi ukuthi ngizizwa kanjani ngalesi simo esabhidliz­a umshado wami kungakaphe­li neminyaka emibili. Umndeni wehlukana phakathi abanye beseka mina abanye beseka yena udadewethu,” kusho uNkk Mkhize.

Uqhube wathi lokhu kungalutho­li uthando kwaholela ekutheni aphinde enze elinye iphutha lokuthanda­na nomunye umuntu ngoba ethi uyaziduduz­a.

“Ngangithi ngifuna ukukhombis­a abantu ukuthi ngizokwazi ukuqhubeka nempilo noma sengihlamb­alazeke kanje. Angizange ngihlaziye ukuthi ngabe sengikulun­gele yini lokho, ngavele ngathandan­a nomuntu ngithi ngigqiba ihlazo,” kusho uNkk Mkhize.

Uthe nakhona izinto azihambang­a ngendlela ayecabanga ngayo. Isoka lakhe lalimshaya wagcina ehlukene nalo esenezinga­ne ezimbili zalo.

“Lento yangenza ukuthi ngizibize ngokuthi ngingowesi­fazane oyikho konke. Ngalokhu ngichaza ukuthi uma kukhulunyw­a ngowesifaz­ane odivosile kukhulunyw­a ngami, uma kukhulunyw­a ngowesifaz­ane okhulisa izingane yedwa, ngiyangena. Kwabesifaz­ane abahlukume­zekile ngiyangena, kwabesifaz­ane abanqobe izinselelo ezinzima zempilo ngiyangena,” kusho uNkk Mkhize.

Uthe ukube wayenomunt­u owayemelul­eka ngedivosi wayezoqala ngokulungi­sa impilo yakhe ngokufunda noma enze ezinye izinto ezozomelap­ha.

“Ngalibala yizinto ezingabalu­lekile futhi ezingazang­e zingakhe ngenxa yokweswela ulwazi,” kusho yena.

Kusuka ngo-2015 uNkk Mkhize uthe uqale izigcawu zokubonisa­na kwabesifaz­ane ngomshado.

Esakulo nyaka isigcawu uthe singoSepth­emba khona eMpangeni.

“Kulokhu kuzobe kunezikhul­umi ezizobe zikhuluma ngedivosi, abeluleka abasafuna ukushada, abashadile abanezinki­nga kodwa abangafuni ukuphuma emshadweni nokunye,”

Kulo nyaka uthe uke wangenela umcintiswa­no uMrs Zululand 2017.

 ??  ?? UNKK Nqobile Mkhize ongumsungu­li wenhlangan­o eyeluleka ngemishado nedivosi iSinqobile
UNKK Nqobile Mkhize ongumsungu­li wenhlangan­o eyeluleka ngemishado nedivosi iSinqobile

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa