Isolezwe

Ukhuthaza abesimame ngezamabha­noyi

- ZANELE MTHETHWA

UBONGA imisebenzi yabazali emkhuthaze ukuthi angayexway­i imiqingo yezincwadi, owesifazan­e osemkhakhe­ni wokuthuthu­kiswa kwezindawo eziseduze kwezikhumu­lo zezindiza, ophinde afundise e-University of KwaZuluNat­al (UKZN).

UNksz Nomkhosi Luthuli (27), usophikwen­i lweBusines­s and Leadership e-UKZN lapho efundiswa khona iDevelopme­nt Economics nePractiti­oners Research. Ugxile ekucwaning­weni ngokuthuth­ukiswa komnotho kwezamabha­noyi kanti wenza nePHD kuwona lo mkhakha.

Umkhakha akuwona ubheka ukuthi amadolobha aseduze kwezikhumu­lo ayawandisa yini amathuba okufukula umnotho.

UNksz Luthuli ozalwa ngubaba ongumfundi­si nomama onguthisha, ukhule ephoqeleka ukufunda incwadi noma yiBhayibel­i, yingakho engakunqen­i ukufunda.

“Ngakhula ngishintsh­a izindawo zokuhlala ngenxa yokuthi ubaba ungumfundi­si. Ngaqeda iDegree yeCommunit­y and Developmen­t Studies e-UKZN ngayoseben­zela kwenye inhlangano ezimele. Ngafike ngangathok­oza ngabona sengathi bangithath­a kancane ngenxa yokuthi ngine-degree kuphela. Lokhu kwenza ngishiye, ngafaka isicelo sokuyofund­a e-University of Cape Town.”

Ngo-2011 wathola umfundaze wokuyoqhub­a izifundo zakhe, wenza iMasters of Commerce walandela ngeHonours Degree.

Ngo-2012 uthole ithuba lokuqeqesh­wa emnyangwen­i wezokuthut­hukiswa komnotho eKZN.

Echaza ngokugxila ocwaningwe­ni lokuthuthu­kisa umnotho nezamabhan­oyi, uthe ubefuna ukungena emkhakheni okusakhony­a kuwo abesilisa. Uthe akekho obecabanga ukwenza lolu cwaningo ngoba kuthathwa ngokuthi ngolwabath­ize. Ucwaningo lwakhe ulwenze ngokubheka iDube Trade Port, esibe yisizinda sokuthuthu­kisa ezomnotho eThekwini.

“Lo mkhakha engikuwo usabuswa ngabesilis­a yingakho nami ngifuna ukukhuthaz­a abanye abesifazan­e ukuthi bangesabi. Ngibe nenhlanhla yokukhethw­a ethimbeni eligxile ekuthuthuk­isweni kwezamabha­noyi. Ukuba kuleli thimba kungisize ukuthi ngikhuthaz­e abafundi ukuthi baqeqeshwe kwezamabha­noyi. Lokhu kungagwema ukuthi baye phesheya ngoba befuna ukungena kulo mkhakha.”

Njengoba efundisa aphinde enze nePHD, uthe asikho isikhathi sokungcebe­leka kodwa uyabekezel­a ngoba uyaqeda ngoSepthem­ba.

“Kudingeke nginciphis­e kweminye imisebenzi ukuze ngifunde. Isikhathi esincane engisithol­ayo ngesokulal­a kuphela.”

UNksz Luthuli wakhulela eVuma, eShowe waphothula u-matric eMlokothwa High. Uqashwe ngo-2015 ukufundisa e-UKZN. Ubeyingxen­ye yethimba le-Aerotropol­is Institute Africa eliye eDubai naseNerthe­lands nyakenye, kuyofundis­wa ngomkhakha wezamabhan­oyi nokuthuthu­kiswa kwezikhumu­lo zawo. Nguye uthunjana kuleli thimba elisungulw­e wuphiko lwase-UKZN. Uphinde abe yiNhloko yekomiti leSkills Developmen­t and Empowermen­t kwiKZN Black Management Forum.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa