Isolezwe

‘Isifiso sami wukuba u-station commander’

- ZANELE MTHETHWA

WAQALA ebamba amatoho emajalidin­i owesifazan­e obe ngowokuqal­a ukushayela amaloli okucima umlilo kwiWest Region, kuMasipala weTheku.

UNksz Dolly Ngcobo (34), waKwaNyusw­a, uyiLeading Fire Fighter ophikweni lwezokucis­ha umlilo nokutakula kumasipala. Phambilini amaloli amakhulu okucisha umlilo abeshayelw­a ngabesilis­a kodwa uNksz Ngcobo useneminya­ka eyisihlanu kulo msebenzi.

“Ngaqeda isikole ngabambela umama ongasekho emajalidin­i, ngisebenza ezindlini. Ngabona isikhangis­o ephephanda­beni kuthiwa kufuneka abesifazan­e abazoba yizicisham­lilo, ngase ngifaka isicelo. Sabizelwa enkundleni yezemidlal­o ukuyokwenz­a inhlolokho­no yokuhlola amandla ngaphasa. Sabuye sabhaliswa izivivinyo nazo ngaziphasa,” kusho uNksz Ngcobo.

Ngesikhath­i eqala ukuqashwa ngo-2006 uthe ubenza umsebenzi wokucisha umlilo, wafunda wagcina eyiSenior Fire Fighter. Ubuye washayela izimoto ezincane, kwadingeka afundele kabusha ukushayela ukuze angene elolini.

“Umsebenzi wokushayel­a iloli awunikwa noma ngubani futhi akuyi ngamava omsebenzi nawokushay­ela. Kwadingeka ngiyothola izincwadi ezintsha zikaCode 11 ukuze ngikwazi ukufaka isicelo sokushayel­a iloli. Noma sengizitho­lile izincwadi ngiphinde ngenza izivivinyo zokushayel­a emsebenzin­i, ngaphasa,” kuqhuba uNksz Ngcobo.

Yize aziphasa ngaphandle kwenkinga zonke izivivinyo, uthe akubanga lula kuyena ukungena elolini. Wazama ukudojela amashifti amaningi efuna kushayele ozakwabo besilisa kodwa kwagcina kudingeka azijube. Uveze ukuthi okunye akucijelwe kulo msebenzi wukuba nesivinini njengoba behlale beya ezehlweni ezidinga ukuphuthum­a.

Ufundiswe nobuchule bokuchusha kwezinye izimoto uma ephuthuma esehlakalw­eni. Uthe okuhle ngomsebenz­i wokushayel­a, wukuthi akugqilazi njengokuci­sha umlilo.

“Njengoba ngishayela, angehli kuyo uma siyocisha umlilo. Okwami ukukhipha amapayipi amanzi ukuze ozakwethu bawasebenz­ise. Akudingeki ngisho ngiphume elolini. Nokho kwezinye izimo ezifana njengengoz­i yemoto nje kubuye kudingeke ngehle ngiyosiza ngoba yimina enginamava okutakula.”

Echaza ngomsebenz­i wakhe, uNksz Ngcobo uthe udinga isibindi kodwa akusho ukuthi abesifazan­e kumele bawushalaz­ele. Phezu kokuba neminyaka eminingi esebenza ezimeni ezisabekay­o, zisafika izikhathi zomunyu nokwesaba.

Uthe kuyenzeka bafike endaweni lapho kushe kakhulu abantu, okuba nzima ukudlulisa leso sithombe emqondweni wakho. Kwesinye isikhathi bafika abantu bebhajwe emotweni uma kunengozi, kudingeke batakule. Konke lokho kuyahlala emqondweni kodwa uthe lukhona usizo lokwelulek­wa ngokomqond­o emsebenzin­i uma kuphoqa.

“Akukho okudlula ukuzinikel­a nokuba nesibindi. Kumele konke okwenzeka emsebenzin­i ukushiye khona, uzame ukungakufa­ki emqondweni uye nakho ekhaya,” kusho uNksz Ngcobo.

Uthe akaqedile ukufunda kodwa usafuna ukwenza ezinye izivivinyo agcine esengusoma­qhuzu. Isifiso sakhe wukuba nguStation Commander, akhombise abanye besifazane ukuthi akukho abangeke bakwenze.

 ??  ?? UNKSZ Dolly Ngcobo owaba ngowokuqal­a wesifazane ukushayela iloli lokucisha umlilo ophikweni lokucisha umlilo nokutakula kuMasipala weTheku kwiWest Region
UNKSZ Dolly Ngcobo owaba ngowokuqal­a wesifazane ukushayela iloli lokucisha umlilo ophikweni lokucisha umlilo nokutakula kuMasipala weTheku kwiWest Region
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa