Walondoloza imali wangena kwezolimo
EZOLIMO yizona ezizodala amathuba omsebenzi ziqede nendlala eNingizimu Afrika. Usho kanje uMnuz Lulamile Ndlangisa (27) ongumlimi osathuthuka waseMzimkhulu.
UNdlangisa ubeyingxenye yabalimi abahambele ukwethulwa kohlelo lweRadical Agrarian Socio Economic Transformation (Raset) eXobho. “Ngitshala amaklabishi, isipinashi, u-anyanisi, ukherothi neminye imifino epulazini elingu-80 hectares. Inkampani yami yiSeason Organics kanti siqale ukulima ngoMashi. Sihambele lolu hlelo lweRaset ngoba sifuna amathuba okudayisa imikhiqizo yethu njengabalimi abancane. Ukulima yikhona okuzosidalela amathuba omsebenzi singabantu abasha.”
Uthe ungene kwezolimo emuva kokulondoloza imali ngoba alukho uxhaso alutholile konke kuphume ephakatheni lakhe.
“Ngifundele i-Accounting e-University of Johannesburg kodwa bengazi ukuthi ngifuna ukungena kwezolimo ngoba ngikhulele epulazini. Ngenze iziqu ze-Accounting ngoba ngifuna ukubhekelela uhlangothi lwezimali ebhizinisini lami. Nginepulazi elingu-80 hectares kanti bekunzima ukuthola umhlaba ngize ngasizwa ngamaRoma anginike umhlaba wokulima. Nginesivumelwano sokusebenzisa umhlaba wamaRoma (lease) kanti izinsiza zokusebenza ngizithengele. Ngikhethe ukutshala imifino ngoba yenza imali ngokushesha.”
Uveze ukuthi unabasebenzi abayisishiyagalombili uma ebala nesazi sezolimo esenza isiqiniseko sokuthi izitshalo zikhula ngendlela emukelekile.
Uthe uhlelo lweRaset luzovulela abalimi izimakethe luphinde lubanike ulwazi olunzulu ngezolimo ngoba isikhathi esiningi bagcina ngokuzifunela ulwazi ezinkampanini ezimele.
Udonse ngedlebe abalimi abasathuthuka ukuthi uma sebezibophezele ukuthi bazodayisela izitolo umkhiqizo wabo kufanele balandele imithetho yezolimo futhi benze isiqiniseko sokuthi bakhiqiza abakuthembisile ngesikhathi okuvunyelwene ngaso.