Kuzokwakhiwa amabhilidi abafundi
UMA ufuna ukuba namasheya kwiJohannesburg Stock Exchange (JSE) kodwa ungazi ukuthi kufanele wenze njani, Inkunzi Student Accommodation Fund ithi yithuba lakho lokwenza lokhu.
Lezi zindaba zivezwe nguMnuz Owen Nkomo oyisikhulu esiphezulu senkampani egqugquzela abantu ukuthi bonge imali ngezindlela ezihlukahlukene, Inkunzi Wealth Group.
UNkomo uthe bazokwakha amabhilidi azohlala abafundi ezifundazweni ezihlukahlukene eNingizimu Afrika besebenzisa inkampani yabo ebizwa ngokuthi Inkunzi Student Accomodation Fund.
“Sibone ukuthi abafundi bahlala ezindaweni ezingagculisi, ezinye azihlanzekile futhi bayampintshana kanti namanyuvesi awanazo izindawo ezanele zokubahlalisa bonke. Sizokwakha amabhilidi amahle kodwa angambi eqolo kubafundi. Sifuna abantu batshale imali kule nkampani ezokwakha amafulethi Inkunzi Student Accommodation Fund. Le nkampani silindele ukuthi ibe isihweba kwiJSE ngoSepthemba,” kusho uNkomo.
Abafisa ukuthenga amasheya kufanele babe nezincwadi ezifanelekile okubalwa umazisi, incwadi enekheli lalapho umuntu ahlala khona ne-akhawunti yasebhange.
Amasheya aqala ukudayiswa ngo-R5000 kuya phezulu, awukwazi ukuwadayisa kungakapheli iminyaka emihlanu.
“Amasheya ethu kawadayiselwa noma wubani kodwa kumele uwadayisele umuntu omnyama emuva kweminyaka emihlanu. Okuhlukile ngokutshala imali yakho enkampani Inkunzi Student Accommodation Fund wukuthi uzothola ama-dividend (okuyimali ekhokhelwa abanamasheya enkampanini) njalo uma kuphela izinyanga eziyisithupha. Okwamanje uma sibheka izincwadi zethu sibona sengathi abanamasheya bazothola amadividend alinganiselwa ku-9% kodwa loku kusengashintsha,” kusho uNkomo.
Uthe ngeke abantu balinde iminyaka emihlanu okuthola imali ngokuthenga amasheya njengoba kuye kwenzeke kwezinye izinkampani.
Okwenza ukuthi abantu bangalindi iminyaka emihlanu, uNkomo uthe wukuthi balwenze kahle ucwaningo lokuthi imali bazoyikhulisa kanjani futhi bazoba yinkampani yokuqala ephethwe ngabamnyama futhi enabantu abanamasheya abamnyama ezohweba kwiJSE.
Amaphepha anolwazi lwamasheya nazobe echazela abantu ngokwenzekayo uthe azobhalwa ngazo zonke izilimi zaseNingizimu Afrika ngoba inhloso yabo wukuqinisekisa ukuthi abavalelwa ngaphandle.
Eminye imininingwane ngalolu hlelo itholakala ngokushayela u-087 160 0018 noma ngokuvakashela ikhasi likafacebook Inkunzi Wealth Group.