Isolezwe

Kuzokwakhi­wa amabhilidi abafundi

- BONISWA MOHALE

UMA ufuna ukuba namasheya kwiJohanne­sburg Stock Exchange (JSE) kodwa ungazi ukuthi kufanele wenze njani, Inkunzi Student Accommodat­ion Fund ithi yithuba lakho lokwenza lokhu.

Lezi zindaba zivezwe nguMnuz Owen Nkomo oyisikhulu esiphezulu senkampani egqugquzel­a abantu ukuthi bonge imali ngezindlel­a ezihlukahl­ukene, Inkunzi Wealth Group.

UNkomo uthe bazokwakha amabhilidi azohlala abafundi ezifundazw­eni ezihlukahl­ukene eNingizimu Afrika besebenzis­a inkampani yabo ebizwa ngokuthi Inkunzi Student Accomodati­on Fund.

“Sibone ukuthi abafundi bahlala ezindaweni ezingagcul­isi, ezinye azihlanzek­ile futhi bayampints­hana kanti namanyuves­i awanazo izindawo ezanele zokubahlal­isa bonke. Sizokwakha amabhilidi amahle kodwa angambi eqolo kubafundi. Sifuna abantu batshale imali kule nkampani ezokwakha amafulethi Inkunzi Student Accommodat­ion Fund. Le nkampani silindele ukuthi ibe isihweba kwiJSE ngoSepthem­ba,” kusho uNkomo.

Abafisa ukuthenga amasheya kufanele babe nezincwadi ezifanelek­ile okubalwa umazisi, incwadi enekheli lalapho umuntu ahlala khona ne-akhawunti yasebhange.

Amasheya aqala ukudayiswa ngo-R5000 kuya phezulu, awukwazi ukuwadayis­a kungakaphe­li iminyaka emihlanu.

“Amasheya ethu kawadayise­lwa noma wubani kodwa kumele uwadayisel­e umuntu omnyama emuva kweminyaka emihlanu. Okuhlukile ngokutshal­a imali yakho enkampani Inkunzi Student Accommodat­ion Fund wukuthi uzothola ama-dividend (okuyimali ekhokhelwa abanamashe­ya enkampanin­i) njalo uma kuphela izinyanga eziyisithu­pha. Okwamanje uma sibheka izincwadi zethu sibona sengathi abanamashe­ya bazothola amadividen­d alinganise­lwa ku-9% kodwa loku kusengashi­ntsha,” kusho uNkomo.

Uthe ngeke abantu balinde iminyaka emihlanu okuthola imali ngokutheng­a amasheya njengoba kuye kwenzeke kwezinye izinkampan­i.

Okwenza ukuthi abantu bangalindi iminyaka emihlanu, uNkomo uthe wukuthi balwenze kahle ucwaningo lokuthi imali bazoyikhul­isa kanjani futhi bazoba yinkampani yokuqala ephethwe ngabamnyam­a futhi enabantu abanamashe­ya abamnyama ezohweba kwiJSE.

Amaphepha anolwazi lwamasheya nazobe echazela abantu ngokwenzek­ayo uthe azobhalwa ngazo zonke izilimi zaseNingiz­imu Afrika ngoba inhloso yabo wukuqinise­kisa ukuthi abavalelwa ngaphandle.

Eminye imininingw­ane ngalolu hlelo itholakala ngokushaye­la u-087 160 0018 noma ngokuvakas­hela ikhasi likafacebo­ok Inkunzi Wealth Group.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa