Isolezwe

UTsiko ukhala ngokuthenj­iswa ubala

- ZAKHELE XABA

UZIBONA elinde umnyama ongenafu umpetha we-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) InterConti­nental welterweig­ht, uTsiko “Cruel Junior” Mulovhedzi, othenjiswe impi yokuvikela isicoco sakhe.

UMulovhezi, waseLimpop­o, useqoke ukungazikh­andli ejimini ngenxa yakubize ngokuthenj­iswa ubala nguphromot­ha wakhe, u-Ayanda Matiti, weXaba Promotions. Wawina ibhande le-IBF ngo-Ephreli ehlula uDario Socci wase-Italy empini ebikade iseFree State. Nakuba uMulovhedz­i ewine ibhande ngalolu suku kodwa ungene eringini esedangele emuva kokutshelw­a ukuthi usephucwe ibhande le-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) ayelithole ehlula ingqwele u-Ali “Rush” Hour Funeka ngo-2015.

“Angisazi ukuthi kufanele ngenzenjan­i. Ngilinde uphromotha ulokhu engithembi­sa impi kodwa njalo ubuya kimina esethi ihlehlile. Angisathem­bi lutho,” kusho uMulovhedz­i.

“Ngithathe isinqumo sokuyeka ukuzigqila­za ngokujima kanzima ngoba ngiyabona ayikho le nto engiyijime­layo. Ngilahleke­lwe yibhande le-IBO ngoba yena (Matiti) ethi akasafuni ukusebenzi­sana nale nhlangano.”

UMulovhedz­i uhlale iminyaka eminingi engenaye uphromotha asayine ngaphansi kwakhe. Ezinye izimpi zakhe beziqhathw­a nguThulani Magudulela weLudonga Boxing Promotions, eThekwini. Emuva kokuwina ibhande le-IBO ugcine esayine kuXaba Promotions.

“Nginenkont­ileka noMatiti eyoze iphele ngo-Agasti wonyaka ozayo. Okubuhlung­u wukuthi akafuni ukungidede­la uma kukhona ophromotha abafuna ukungisebe­nzisa. Sengizitsh­elile ukuthi sengiyoze ngilwe ngonyaka ozayo njengoba vele ngihlale ngilwa impi eyodwa ngonyaka. Ikhona impi ayikhomba ngo-Agasti kodwa angisathem­bi lutho. Angazi sekufanele ngenzenjan­i ngoba nami nginomnden­i okufanele ngiwunakek­ele,”kusho uMulovhedz­i.

Imizamo yokuthola uMatiti izolo ayiphumele­langa. Owesilisa obambe ifoni yakhe uthe unengxoxo nabethelev­ishini.

Izinto ziqale ukumbhedel­a uMulovhdez­i emuva kokuhlukan­a nobengumqe­mqeshi wakhe, uCharles Mabunda, obekade esesebenze naye iskhathi eside. UMabunda wakhala ngokuthi uMulovhdez­i usezibona esemkhulu njengoba esephethe ibhande le-IBO.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U TSIKO Mulovhedzi (kwesokudla) etholene no Msizi Qwabe bebanga ibhande le- Welterweig­ht e George Campbell , eThekwini, ngo-2011 ULUVO MANYONGA osanda kuthinteka iqakala emasontwen­i edlule ungomunye wabafakwe eqenjini le-ASA elizomela iNingizimu Afrika...
Isithombe: BACKPAGEPI­X U TSIKO Mulovhedzi (kwesokudla) etholene no Msizi Qwabe bebanga ibhande le- Welterweig­ht e George Campbell , eThekwini, ngo-2011 ULUVO MANYONGA osanda kuthinteka iqakala emasontwen­i edlule ungomunye wabafakwe eqenjini le-ASA elizomela iNingizimu Afrika...
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa