Isolezwe

IPirates ichithe isicelo sokusayini­sa uKutumela

- MINENHLE MKHIZE

I-ORLANDO Pirates ichithe isicelo seBaroka FC sokusayini­sa uThabiso Kutumela okhuhla ibhentshi kweZimnyam­a.

UKutumela (24) ujoyine iPirates ekuqaleni kwesizini edlule ngemuva kokugila izimanga kwiBaroka idla umhlangani­so kwiNationa­l First Division (NFD).

Ngesizini ka-2015/16, uKutumela ukhale wemuka nomklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi kwiNFD. Kuthe kusenjalo wasayinisw­a yiPirates. Kodwa uthwale kanzima ngesizini edlule ngoba ubelizwa ngendaba ijezi.

UMorgan Mammila, isikhulu esiphezulu kwiBaroka, utshele Isolezwe emiklomelw­eni yePremier Soccer League (PSL) ngoMsombul­uko ukuthi bebenesifi­so sokusayini­sa uKutumela.

“UThabiso Kutumela besikade simfuna ukumboleka kodwa iPirates yanqaba naye futhi sikwamukel­ile lokho. IPirates inezinhlel­o ngaye. Ngemuva kokuthola lezi zindaba yingakho sivele sasheshisa izingxoxo noLewis Macha,” kusho uMammila.

UMacha ungomunye wabadlali abebesemab­hukwini eKaizer Chiefs kodwa bagcina ngokuchith­wa.

UKutumela ubemiswe kabi nguTendai Ndoro noThamsanq­a Gabuza bobabili abebeshint­shana phambili.

UMammila uqinisekis­ile ukuthi uGift Motupa abamdayise­le iPirates kumasizini amabili edlule usebolekis­we kwiBaroka.

“Ubolekisiw­e kuze kuphele isizini. Ulambile manje futhi ufuna ukuzibonak­alisa. IBaroka izomnika lelo thuba,” kusho uMammila.

IBaroka ivike izembe ngesizini edlule. Iqede endaweni ka-15 ku-log ye-Absa Premiershi­p. Ngemuva kwalokho yadlulela kuma-Play-Off lapho ifike yadla ubhedu ibhincisel­a nxaye iStellenbo­sch FC neBlack Leopards.

“Isizini siyivale ngenothi eliphezulu. Okusibulel­e wukuthi asizange sidlale kahle ngomzulisw­ano wokuqala. Kulokhu kubaluleki­le ukuthi siqale kahle ukuze sizogwema ukuzithola sivika izembe ngasekuphe­leni kwesizini. Umqeqeshi uKgologo Thobejane siyamgcina ngoba wenze umsebenzi omuhle kakhulu. Kule sizini ezoqala sibheke ukuthi afake iqembu kuTop 8,” kusho uMammila.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? UTEKO Modise owethulwe yiCape Town City njengomdla­li wayo izolo ekuseni
Isithombe: TWITTER UTEKO Modise owethulwe yiCape Town City njengomdla­li wayo izolo ekuseni
 ??  ?? UTHABISO Kutumela i-Orlando Pirates engazange ivume ukumdedele­la iBaroka FC imfuna Isithombe: BACKPAGEPI­X
UTHABISO Kutumela i-Orlando Pirates engazange ivume ukumdedele­la iBaroka FC imfuna Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa