UMokeke ubuyele kwiSuperSport
UBUYELE kwiSuperSport United uThato Mokeke osebhaliswe esikwatini saleli qembu elidlala kwiCaf Confederation Cup. Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe nguStanley Matthews oyisikhulu esiphezulu seSuperSport. Ngesizini edlule uMokeke ubebolekiswe kwiCape Town City yaseKapa.
Ngempelasonto Amatsatsantsa A Pitori azibekisele indawo kuma-quarterfinal eConfederation Cup ngemuva kokuthela othulini iFC Mounana yaseGabon. ISuperSport inqobe ngo 4-1 eLucas Moripe Stadium, ePitoli.
Kuma-quarterfinal alo mqhudelwano iSuperSport izoshukana neZesco yaseZambia. Umlenze wokuqala useNingizimu Afrika ngempelasonto kaSepthemba 8, owesibili udlalwe ngoSepthemba 15.
“UThato Mokeke siyombhalisa kwiConfederation Cup. Wenze kahle kakhulu kwiCape Town City ngesizini edlule. Ngenhlanhla-ke u-Eric Tinkler ocija iqembu ubesebenza naye kwiCity. Uyena futhi ucele ukuthi abuyiswe. Njengamanje sesisele nezikhala ezimbili. Kuleli izohlola abadlali abaqhamuka ngaphandle ngoba iningi la badlali esibafunayo bayabiza,” kusho uMatthews.
ISuperSport izinto ziyihambela kahle
k bathathe isinqumo sokwehlela kwiNFD neqembu njengendlela yokukhombisa ukuthembeka ezikhulwini nokusebenzela ukulibuyisela kuPremiership. Emasontweni adlule kuvele ukuthi kunamaqembu afuna uMbesuma.
“Sikhulumile nabaphathi futhi siyakuqonda ukuthi ngeke isafana imali njengoba sesizodlala kwiNFD kodwa sifuna ukubuyisela iqembu kuPremiership ngenxa yendlela abasiphathe ngayo. Mina abekhona amanye amaqembu abengifuna kodwa ngacabanga ukuthi iHighlands yangithatha ngingenalo iqembu emuva kokushiya kuMaZulu,” kusho uKapini.
“Ngizwa sengathi sibenzele phansi abaphathi abebekade besethembile. UMbesuma naye ukhona, ufuna kulezi zinsuku. Muva nje isanda kudla ubhedu kwiNedbank Cup.
“Ngeneme ngokuthi siyivale kahle isizini. Besinovalo ngemuva kokuhlulwa kowamanqamu weTelkom Knockout ekuqaleni kwesizini. Phakathi nesizini sike sadlala imidlalo engu-18 singadliwa okuyirekhodi esesiliphethe ngokuhlanganyela neChiefs. Nokho ngemuva kwalokho sibuye salahlekelwa ngumgqigqo. INedbank Cup besiyidinga okwangempela futhi sikwenzile lokho. Njengamanje sesimelwe inselelo yokuzibekisela indawo kowamanqamu weCaf Confederation Cup. Asikaze sihambE ibanga elide njengaleli. Kuyasijabulisa ukufinyelela kulesi sigaba futhi siyazi ukuthi ngeke kubelula uma sesidlala neZesco United,” kusho uMatthews.
ISuperSport isinqobe zonke izicoco ezikhona eNingizimu Afrika. Nokho emiqhudelwaneni yeCaf ayinalo irekhodi elihle.
“Akulula ukwenza kahle emiqhudelwaneni yeCaf. Ngicabanga ukuthi uma uthola ithuba elifana naleli eliwele kithina lokufinyelela kuma-quarterfinal kufanele ulisebenzise. Njengeqembu sesiziwine zonke izicoco eNingizimu Afrika ngakho sekuyisikhathi sokuthi sizame ukuthola isicoco seCaf,” kusho uMatthews. ukudlalela iqembu.”
IHighlands Park izoqeqeshwa nguThierry Mulonzo obekade eyiphini lomqeqeshi kusukela isadlala kwiNFD.
Uthe abazimisele ngokuhlala isikhathi eside kulesi sigaba.
“Sifuna ukuhlala isizini eyodwa kwiNFD sibuye. Asifuni ukuhlala kakhulu. Sinabadlali abanye abangakaze badlale kulesi sigaba nokusafanele bajwayele indlela okwenziwa ngayo izinto. Kuzoba nzima kubona ukujwayela. Kodwa kuzosiza ukusebenza ngokubambisana,” kusho uKapini.