Isolezwe

Kubhekwe izindondo kubasubath­i bakuleli

- INTATHELI YESOLEZWE

INHLANGANO eyengamele ezokugijim­a, i-Athletics South Africa (ASA), imemezele iqembu labadlali elizomela izwe kwi-IAAF World Championsh­ip eLondon, e-England, ngenyanga ezayo.

Iqembu libophele abadlali abane abatholele iNingizimu Afrika izindondo kuma-Olympic, eBrazil nyakenye, okunguWayd­e van Niekerk obuye negolide nerekhodi lomhlaba ku-400m, Luvo Manyonga othole isiliva kwi-long jump, umpetha ka-800m uCaster Semenya noSunette Viljoen ophonsa i-javelin owathola isiliva. UVan Niekerk uzoyibamba ku-400m naku-200m okuyibanga agcina ukuligijim­a kumajuniya emiqhudelw­aneni emikhulu. Ngaphandle kwabo bakhona nabanye okubhekwe ukuthi bandise isibalo sezindondo zeNingizim­u Afrika kule midlalo ezoqala ngomhla ka 4-13 Agasti. Kukhona umgijimi ka-100m u-Akani Simbine owenza kahle ezingeni lomhlaba selokhu kuqale isizini njengoba eshaya izikhathi ezingaphan­si kuka-10:00.

URuswahl Samaai owathola indondo yethusi kumaCommon­wealth Games eGlasgow ngo-2014, kubonakala ibuyile ifomu yakhe njengoba enza kahle emiqhudelw­aneni yangaphand­le egxuma ibanga elingaphez­ulu kuka-8m.

Yize liphumile leli qembu kodwa amasango awakavalwa kwabanye njengoba sisekhona isikhathi sokuzibeki­sela indawo. Babekelwe umnqamulaj­uqu kaJulayi 23 ukushaya izikhathi noma amabanga abekwe yi-ASA okuzobafak­a eLondon.

Imithetho ye-IAAF ithi izwe ngalinye lingamelwa abadlali abathathu emkhakheni ngamunye.

Okunye, i-ASA izolinda uJulayi 23 ukuzwa amazwe akwazile ukuzibekis­ela indawo kwi-relay. Okwamanje iqembu le-4x100m labesilisa eliklelisw­e endaweni ka-7 emhlabeni yilona elinethuba lokungena njengoba kuqokwa ayisishiya­galombili abekwe phambili.

Iqembu elimenyeze­lwe limi kanje:

100m (abesilisa): Akani Simbine Thando Roto.

200m (abesilisa): Akani Simbine, Wayde van Niekerk, Clarence Munyai, Ncilili Titi.

400m (abesilisa): Wayde van Niekerk.

800m (abesifazan­e): Caster Semenya.

Marathon (abesilisa): Lusapho April, Sibusiso Nzima, Desmond Mokgobo, Antonio Alkana.

Marathon (abesifazan­e): Mapaseka Makhanya, Jenna Challenor.

110m hurdles (abesilisa): Antonio Alkana. 400m (abesifazan­e): Wenda Nel. Long jump (abesilisa): Luvo Manyonga, Ruswahl Samaai, Zark Visser, Khotso Mokoena.

Shot Put (abesilisa): Oratio Cremona, Jaco Engelbrenc­ht.

Javelin (abesilisa): Rocco van Rooyen.

Javelin (abesifazan­e): Sunette Viljoen.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa