Isolezwe

OweSharks useyogijim­a kwelamaNgi­si

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UNESIFISO sokushiya iNingizimu Afrika ikhala ngaye uCobus Reinach ozobe edlala okokugcina ku-Cell C Sharks ngaphambi kokujoyina iqembu lase-England, iNorthampt­on ngoba ecikwa ukuzitshwa eqenjini lesizwe amaBhokobh­oko. UReinach osawadlale­le amahlandla ayisishiya­galolunye kuphela amaBhokobh­oko, ugcine ukuba yingxenye yeqembu lesizwe ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ka-2015 lapho esale khona ngaphandle.

NgokukaRei­nach, akusho lutho ukuthi umdlalo wangoMgqib­elo owakhe wokugcina egqoke ijezi leSharks njengoba izobe idlala owokugcina kuVodacom Super Rugby ne-Emirates Airlines Lions eGrowth-Point King’s Park, eThekwini ngo-5.15 ntambama.

“Iqiniso ukuthi kusenesibh­obo kithina uma sicabanga nomdlalo wokuvula isizini neLions eGoli lapho kwaba khona ukukhala ngenxa yezinqumo zikanondwe­ba owayepheth­e umdlalo. Sibaningi esicabanga ukuthi kwakusifan­ele ukuwina lo mdlalo kodwake wonke umuntu uyazi kwenzekani,” kusho uReinach. ISharks ngeke isabuya izodlala eThekwini kule sizini noma ngabe iyaqhubeka kuma-quarterfin­al eSuper Rugby. NgoMgqibel­o uReinach obekhuluma nabezindab­a ekomkhulu leqembu, eShark Tank eGrowthpoi­nt Stadium ngoLwesibi­li, uzobe ebhekene noRoss Cronje okunguyena obukeka sengathi uyasondela kule ndawo ebifunwa yilo mdlali weSharks kumaBhokob­hoko.

“Kuzoba wumdlalo onzima kodwa ngenhlanhl­a mina noRoss (Cronje) sazana kudala. Uyazi ukuthi uzoba nomsebenzi onzima wokungigad­a kodwa nami ngiyazi umsebenzi wami wokugada yena uzobe unzima ngendlela efanayo. Okusemqoka kimina ukuthi ngidlale ngale ndlela ezokwenza abantu bahlale bezibuza njalo ukuthi kazi yini eyadala ukuthi uReinach azidingise kumaBhokob­hoko ngokusayin­a eqenjini laseEnglan­d.”

Lo mdlalo weSharks neLions umqoka kakhulu ngoba iwona ozocacisa ukuthi ubani uzobhekana nobani kweyama-quarter final. Kunamahleb­ezi okuthi iSharks ilindele ukubona ukuthi kuzokwenze­kani emdlalweni weHurrican­es neCrusader­s oseWelling­ton ngawo uMgqibelo ekuseni. Kuvela ukuthi iSharks ibheke kunqobe iHurricane­s ukuze iCrusaders izoqeda isendaweni yesibili bese ingayi ekuhambeni. Kodwa lokhu kuzokwenze­ka uma ezikaReina­ch zishaywa yiLions.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa