Isolezwe

I-CT City ihehwe yisipiliyo­ni kuModise

- MINENHLE MKHIZE

ASILANDELW­ANGA ukuyokhuhl­a ibhentshi kwiCape Town City isilomo somdlali uTeko Modise esisayine inkontilek­a yeminyaka emibili naleli qembu laseKapa.

Lezi zindaba zihlaluke ngesikhath­i Isolezwe lixoxa nosihlalo weCape Town City uJohn Comitis eseLondon izolo ntambama.

Isolezwe belivele libikile ukuthi uModise uxoxa neCity futhi maningi amathuba okuthi aphelele eKapa.

“Sijabule ngokuthola umdlali oseqophelw­eni likaModise. Uzoletha isipiliyon­i aphinde afake ugqozi kozakwabo abasha. Sithole umdlali olambile. Uhlakaniph­ile futhi asimlandel­anga ukuthi azoqala ebhentshin­i. Ngezinye zezinto ezenze izingxoxo zadonsa. Kule minyaka akuyona akabhekile ukuhlala ebhentshin­i ngakho bekumele simtholele indawo azodlala kuyona eqenjini,” kusho uComitis.

UModise (34) uzogqoka unombolo 13. Unombolo 10 abewugqoka kwiSundown­s usuthathwe ngu-Ayanda Patosi. Imenenja kaModise, uJazzman Mahlakgane ithe uModise ubesefuna ukushaywa ngumoya njengoba ekhethe ukuya eKapa.

“UTeko uhlale eGoli cishe impilo yakhe yonke. Ngakho bese kuyisikhat­hi sokuthi aye endaweni enokuthula. Ngeke abe nengcindez­i kwiCape Town City. Sisayine iminyaka emibili ngoba umdlali uzisholo yena ukuthi ufuna ukudlala iminyaka emibili ngemuva kwalokho ayeke ukudlala ibhola. Bekungelul­a ukuvumelan­a neCity ngoba bekumele baqale bamtholele indawo eqenjini labo. Ukufika kwakhe kuzokhutha­za inqwaba yabadlali abebembuka kwithelevi­shini

uTeko ngesikhath­i edlala kwiNdebe yoMhlaba ngo-2010 kuBafana. Indaba yaphesheya asikaze sicabange ngayo. Lafika ithuba lokuthi uTeko ayodlala phesheya kodwa ngebhadi wangahamba ngesikhath­i okwakumele ahambe ngaso,” kusho uMahlakgan­e.

Ngesizini ezayo iCity iyodlala kwiCaf Confederat­ion Cup. Leli qembu liqede endaweni yesithathu ku-log ye-Absa Premiershi­p okwenze yathola ithikithi lokuyodlal­a kulo mqhudelwan­o.

UComitis uveze ukuthi uModise uzobanika isipiliyon­i abasidinga­yo kulo mqhudelwan­o.

“Unqobe isicoco seCaf Champions League neseCaf Super Cup. Udlale kwiBafana imidlalo engaphezu kuka-50. Kule midlalo ubedlala ku-Africa Cup of Nations, iNdebe yoMhlaba neFifa Confederat­ion Cup. Isipiliyon­i esifana nalesi ngeke usithenge futhi uyasidinga kule miqhudelwa­no yase-Afrika,” kusho uComitis.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa