Isolezwe

Iqembu elisha leNFD lilande uMakhoba noweDowns

- MINENHLE MKHIZE noMTHOKOZI­SI MNCUSENI

IRICHARDS Bay FC ethenge ilungelo laMaZulu FC lokudlala kwiNationa­l First Division (NFD) iyaqhubeka nokuqinisa iqembu layo ngezinduku ezintsha ngenhloso yokuqinise­kisa ukuthi ifika kuzwakale kule ligi enamaqembu amaningi azibona efanelwe ukudlala esigabeni esikhulu.

Ngesizini edlule iRichards Bay ibiyaziwa njengeThan­da Royal Zulu. UPierre Delvaux obephethe iThanda uyidayisil­e ngemuva kokuthi idle umhlangani­so kwiNFD. Ithengwe AmaZulu okuyiwona asezogijim­a kwiAbsa Premiershi­p ngesizini ezayo.

USifiso “Jomo” Biyela obeyisikhu­lu esiphezulu kwiThanda uyena othenge iRichards Bay FC osekungeya­khe.

Isolezwe lihabule izindaba zokuthi isilande uRichard Makhoba ozosebenza njengemene­nja yeqembu. UBiyela uziqinisek­isile lezi zindaba ngesikhath­i ethintwa izolo emini.

“Yebo, uRichard ulapha eRichards Bay. Useyingxen­ye yeqembu. Uzosebenza njengemene­nja. Sikhethe ukulanda yena ngenxa yesipiliyo­ni sakhe sokusebenz­a kwiNFD. Siyethemba ukuthi ukuletha umuntu ofana naye kuzokwazi ukusiza iqembu ekutheni lenze kahle,” kusho uBiyela.

IRichards Bay FC izocijwa nguRoger Sikhakhane ozolekelel­wa nguJomo Ntuli noSipho Zimba. Leli qembu livele selihluken­e noSduduzo Dlamini, Jabulani Ncobeni, Siyabonga Mbatha no-Ayabulela Konqobe bonke abajoyine AmaZulu. UMhlengi Cele naye kubhekwe ukuthi aqede konke noSuthu maduze.

Leli qembu lihlola uMenzi Ndwandwe obeseqenji­ni lesizwe lakuleli lika-Under-20 elihlulwe kowamanqam­u weCosafa Cup, Njabulo Ngcobo, Zola Jinxa, Zakri Williams noSimphiwe Lumkuwana bonke abasemabhu­kwini AmaZulu. Omunye umdlali ohlolwa yileli qembu nguAndile Cele.

“UKhaya (Shozi) weSundowns usendlelen­i eza lapha eRichards Bay. Sifinyelel­e esivumelwa­neni sokumbolek­a kwiSundown­s. UMichael (Gumede) usekwiPlat­inum Stars esambheka. Ngingakuqi­nisekisa futhi ukuthi siyaxoxa neWits ngoPaseka (Sekese) nePirates ngabanye abadlali,” kusho uBiyela.

Lizamile ukuthinta uMakhoba leli phephandab­a kodwa umyalezo ocingweni lwakhe wathi akathunyel­elwe umqhafazo. Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engazange aphendule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa