Izembe liloliwe kuKomphela
LILOLIWE izembe kumqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve “Mphathi” Komphela kule sizini ka-2016/17.
Lokhu kutshelwe Isolezwe yingwazi yaMakhosi uWilliam “Cool Cat” Shongwe ngesikhathi ilumana indlebe naleli phephandaba emiklomelweni yePremier Soccer League (PSL) ngoMsombuluko ebusuku eSandton Convention Centre, eGoli.
UKomphela ufike kwiChiefs kumasizini amabili adlule esuka kwiMaritzburg United. KwiChiefs ubezovala isikhala sikaStuart Baxter onqobe izicoco ezine kumasizini amathathu awahlale ePhefeni.
UBaxter wadla izicoco ezimbili ze-Absa Premiership, eseNedbank Cup neseTelkom Knockout.
Selokhu kufike uKomphela ngo2014/15, iChiefs ayikaze iwine lutho.
Ngesizini yakhe yokuqala uKomphela ushaywe emidlalweni emibili yamanqamu.
Uqunjwe phansi yi-Ajax Cape Town ngo 1-0 kowamanqamu weMTN 8 ngemuva kwalokho wabhabhadiswa yiMamelodi Sundowns ngo 3-1 kwifayineli yeTelkom Knockout.
Ngesizini edlule iChiefs iphinde yaqeda isizini ngaphandle kwesicoco.
Bekuqala ukuthi iChiefs iqede amasizini amabili elandelana ingazange iwine lutho.
UShongwe owayengunozinti weChiefs ukubeke kwacaca ukuthi uKomphela kumele awine izicoco kusizini entsha uma efuna ukugcina umsebenzi wakhe njengomqeqeshi weqembu.
“Le sizini iyona ezocacisa ngekusasa likaKomphela. Namanje ngisamangele ukuthi inkontileka yakhe ayizange inqanyulwe ngemuva kokuqeda amasizini amabili elandelana engazange awine lutho kwiChiefs okuyinto engakaze yenzeke emlandweni weqembu.
“UKaizer Motaung oyilolu hlobo lwesikhulu esicabanga ngendlela ehlukile uma enza izinto ezithinta iqembu.
“Abantu ubanika isikhathi esanele sokuthi bavuke bazithathe ngemuva kwalokho bese beyazibonakalisa. Ngiyethemba ukuthi noSteve uzokwazi ukuvuka azithathe ngoba kungenjalo usenkingeni,” kusho uShongwe.
IChiefs isasayine uPhilani Zulu obegijima kwiMaritzburg United, uTeenage Hadebe obeyibamba kwiChicken Inn yaseZimbabwe noBhongolwethu Jayiya obedlala kuCape Town City.
“Inkinga yeChiefs kula masizini adlule wukuthi isayinise abadlali abangaziwa abanamagama kumaligi abebekade bedlala kuwona.
“Abanye babo abanaso isipiliyoni sokudlala kwiPremier Soccer League.
“Noma kungathiwa laba badlali baseqophelweni eliphezulu kangakanani kodwa basuke bebhekene nenselelo yokuziveza kwiPSL.
“Ingcindezi inkulu kakhulu eNingizimu Afrika. Buka nje uMacha (Lewis osejoyine iBaroka) wafika kuleli washaya igoli kwiCarling Black Label sonke sathemba.
“Nokho sagcina lapho ukuzwa ngaye,” kusho uShongwe.
Inkontileka kaKomphela neChiefs ivele iyaphela ekupheleni kwesizini ezoqala.
“Uma izinto zibheda kubhekwa umqeqeshi kodwa omunye umbuzo okumele sizibuze wona wukuthi unalo yini iqembu.
“Mhlawumbe yingakho kungelula ukuthi baxoshe uKomphela ngoba bayazi ukuthi nabo banomthelela enkingeni ebhekene neqembu.
“Abanye abantu kwiChiefs ngiyakhuluma nabo futhi bayasho ukuthi nabadlali bayazivumela bona ukuthi bamenzele phansi uSteve ngoba akasiyena umqeqeshi obhedayo.
“Nokho uma kungenzeki kule sizini angimboni ehlala,” kusho uShongwe.