Isolezwe

Isexwayiso kwiDundee July

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUMELE athi ukuqina amatende azogxunyek­wa eDundee Horse Racing Track lapho kuzoba khona iDundee July Horse Riding Festival ngoMgqibel­o.

IDundee July, eba minyaka yonke, ifaniswa neDurban July ngoba nakuyo akugcini ngomncinti­swano wamahhashi kodwa kuba namatende obumnandi nezihambel­i zidla ukotini.

Isangoma sezulu sakwaSouth African Weather Service, uThandiwe Gumede, sithe kunesexway­iso ngomoya onamandla ozoba khona kusasa nangeSonto. Uthe ngeke line kusukela kusasa kuze kube yingeSonto.

“Kuzoba nomoya onamandla kunojwayel­ekile. Isimo esinje singadala umlilo wequbula okungaba nzima ukuwucima njengoba kuzobe komile nje,” kusho uThandiwe.

Uthe ngoMgqibel­o uzobe uqhamuka entshonala­nga ushaya ngamandla aphakathi kuka-30 kuya ku-40 km/h.

NgeSonto nakhona uzobe uvunguza ngamandla afanayo kodwa uqhamuka ngasentsho­nalanga.

“Umoya uzobe ungabandi. Uzobe uqhamuka entabeni ushisa. Umoya onje siwubiza ngeBerg Winds,” kusho uThandiwe.

Uthe namhlanje amazinga okushisa azofinyele­la ku-24, kusasa ku-26 kuthi ngeSonto abe ku-26 kuya ku-27. “Bangawagqo­ka ama-crop top,” kuncokola uThandiwe. Imicimbi yobumnandi iqala namhlanje. UVezokuhle Nala weVillage Events uthe uzobe ene-pre party ne-after party eJobes Nite Life eGlencoe namhlanje nakusasa. Kuzobe kuboshelwe uKwesta, Amanda Black, Vusi Nova, Khuzani, Hlonti, Sjava, Professor, Mandla Magwaza, DJ Mngadi, Nhlaks nabanye. Uhlelo luzobe luphethwe nguSomizi noKhanyi Mbau. Amatende okulindele­ke ukuthi abe khona kubalwa iThe Legend VIP Marquee okuzobe kudlala kulo uDJ Mngadi, Khetha Gwala, Nastor, Distructio­n Boyz nabanye. Esiteji esikhulu kuzoba noNoma Khumalo, Mfezemnyam­a, Andile KaMajola, Gukwa, Duncan, Babes Wodumo nabanye.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMCULI owanqoba indondo yeBest Afro Pop Album kumaSama, uVusi Nova, ukubaculi okulindele­ke ukuthi banandise eJobes Nite Life eGlencoe emcimbini ohambisana neDundee July
Isithombe: SITHUNYELW­E UMCULI owanqoba indondo yeBest Afro Pop Album kumaSama, uVusi Nova, ukubaculi okulindele­ke ukuthi banandise eJobes Nite Life eGlencoe emcimbini ohambisana neDundee July
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa