Isolezwe

Kugiya Uzalo ngababukel­i abaningi

- FANELESIBO­NGE BENGU

SELUPHINDE lwabuyela esicongwen­i sokuba wumdlalo obukwa kakhulu eNingizimu Afrika Uzalo.

Lo mdlalo odidiyelwe KwaZuluNat­al, ukhonjiswa ku-SABC1 ngo8.30 ebusuku phakathi nesonto.

Ucwaningo olwenziwe yiBroadcas­t Research Council of South Africa (BRC) luveze ngokusobal­a ukuthi Uzalo luyintando­kazi yomdlalo kuleli njengoba lunababuke­li abangu-8 615 823. Endaweni yesibili kukhona iGeneratio­ns: The Legacy enababukel­i abangu-8 394 947.

Ezinyangen­i ezintathu zokuqala konyaka Uzalo yilona obeluhamba phambili lwagudluzw­a yiGenerati­ons ngo-Ephreli nangoMeyi njengoba seluphinde lwabuyela.

Endaweni yesithathu kukhona iSkeem Saam ngababukel­i abangu-7 165 635.

Ku-SABC2 khona umdlalo ohamba phambili uMuvhango ngababukel­i abangu-5 413 577. Endaweni yesibili yiLotto ngababukel­i abangu-4 573 311.

Isidingo yisona esihamba phambili ku-SABC3 njengoba sibukwa ngabantu abangu-1 457 084. Umdlalo owuchungec­hunge iThe Bold And The Beautiful yona isendaweni ka-20 ngababukel­i abangu-465 067. Ku-e.tv imidlalo ebukwa kakhulu yileyo ewuchungec­hunge okuyiScand­al! esinababuk­eli abangu-4 388 685. IRhythm City ngakolunye uhlangothi ibukwa ngu-3 561 978.

Igazi yilona elihamba phambili kuMzansi Magic ngababukel­i abangu-1 168 240, lilandelwe yi-Our Perfect Wedding ngababukel­i abangu-1 158 984.

Isikizi enababukel­i abangu-640 615 isendaweni yesishiyag­alombili.

Nakuba bekunezink­ulumo ngale midlalo ababukeli bekhala ngokuthi idlala kakhulu iziqephu zobuthakat­hi kodwa isabukwa kakhulu.

Uthando Nesithembu, isizini yalo yokuqala ephele ngeledlule, iyona reality show ebihamba phambili ngababukel­i abangu-692 793.

 ??  ?? ABALINGISI boZalo uNay Maps (Mxolisi), Khaya Dladla (GC) noNtokozo Dlamini (Mastermind). Lo mdlalo yiwona obukwa kakhulu
ABALINGISI boZalo uNay Maps (Mxolisi), Khaya Dladla (GC) noNtokozo Dlamini (Mastermind). Lo mdlalo yiwona obukwa kakhulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa