Isolezwe

Ubhodla umlilo ngezinsolo uMbuli

- ZANELE MTHETHWA

MBONGI yodumo ephinde ibe ngumculi kuleli isiludluli­sele kubameli udaba lokusolwa kwayo ngokuqola ngamaciko ashonile ukuzicebis­a yona, olusabalel­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

UMzwakhe Mbuli obizwa ngeMbongi yaBantu, uthe lezi zinsolo zimehlisa isithunzi njengoba kuthiwa uqoqa imali emindenini yamaciko ashonile ukuze athole intshotsho.

Uthe usejube ummeli wakhe u-Advocate MJ Koma ukubhekana nalolu daba. Utshele Isolezwe ukuthi onobufakaz­i ngalezi zinsolo akaye emaphoyise­ni ukuze kugezeke igama lakhe ngoba naye akekho ngaphezu komthetho.

Lezi zinsolo zisuswe yintatheli yezemidlal­o yomsakazo waseGoli, ethe ihlobene nomndeni kaMandoza nawo okuthiwa wagilwa wuMbuli.

Le ntatheli ephesheya ngomsebenz­i, ithe konke ekubhale kwiTwitter ngoMbuli izokumela futhi uma ibuya ayinanking­a ukubhekana naye.

Kulezi zinsolo kuthiwa uMbuli nezinye izingqalab­utho zamaciko, ufika emndenini oshonelwe athembise ukuletha usizo, abuye ayongqongq­oza eminyangwe­ni kahulumeni ecela imali.

“Ongqongqos­he babanika imali kodwa bayigcine enye benze sengathi abayithola­nga eyanele. Ngikhathaz­ekile ukuthi uMzwakhe useqalile ukhuluma ngokushona kukaRay Phiri kanti uhlose ukuzontsho­ntsha imali nakhona,” kusho intatheli.

Iveze nokuthi emndenini kaMandoza uMbuli wazama ukuqola umndeni ngendawo yomngcwabo, ukudla nangezinsi­mbi. Lezi zinsolo ziphawulis­e abaningi kwiTwitter bethi uMbuli kade aqala ukufuna

Iukugqama ngokushona kwabantu.

Eziphendul­ela uMbuli uthe akakaze aqoqe imali yanoma yiliphi iciko, kunalokhu ucelwa wumndeni ukuphatha uhlelo.

“Kushone uMandoza ngacelwa wumkakhe uMpho ukuthi ngizophath­a uhlelo. Kwale sengisho ukuthi kade ngihlinzwa umphimbo, bangicinde­zela ukuthi ngivume. Akukho mali engayiqoqa, engikwaziy­o wukuthi uMpho wayenenkin­ga yokuthola indawo eyagcina ikhokhelwe wuhulumeni u-R90 000,” kuchaza uMbuli.

Uziqhelela­nisile nokuthi waba neqhaza enkonzweni yokukhumbu­la uMandoza njengoba esolwa ngokufuna ukuletha izinsimbi ebezizokho­khelwa. Kuthintwa uMpho uthe abantu abanezinhl­oso zabo bangafaki igama likaMandoz­a.

“Ngeke ngiphawule ngezinto eziwubulim­a engingazi zivelaphi. Abantu abahlukane nokusebenz­isa uMandoza uma benezinhlo­so zabo. Ngikhathel­e yile ndaba, kuthintwa nezingane zami ngayo.” UMzwakhe uthe akulona icala lakhe uma imindeni ithemba yena ukuzophath­a inkonzo yomngcwabo, lokhu akwenza mahhala. Ulinganise ngomndeni kaDavid Masondo weSoul Brothers athe wacelwa yiwona. Uphinde waveza ukuthi umndeni kaMnuz Bethuel Ngubane obesebenza naleli qembu ozongcwats­hwa ngoMgqibel­o, usumcele ukuzophath­a uhlelo.

“Sekunzima nokuvuma kodwa abakwaNgub­ane banginceng­ile ukuthi ngibaphath­ele uhlelo. KwaPhiri bengikhulu­ma njengawo wonke amaciko abebhonga emswaneni. Senginqume ukungakhul­umi, uma ngiya emngcwaben­i ngizobe ngiyothame­la kuphela,” kusho uMbuli.

Kuthintwa abakwaNgub­ane baqiniseki­sile ukuthi bacele uMbuli azophatha uhlelo. UMnuz Spha Masondo uthe uMbuli wacelwa wumndeni ukuphatha uhlelo futhi akunamali akhokhelwa yona noma ayiqoqela umndeni.

Okhulumela iCreative Workers Union of SA uMabutho ‘Kid’ Sithole, uthe kumele ziphenywe lezi zinsolo kodwa ngeke aphawule kusengamah­lebezi. “Uhlelo engilwaziy­o lwezingqal­abutho, olokuthuth­ukisa amaciko asafufusa. Alukho oluhlangan­e nokushona kwamaciko. Uma kukhona abathintek­a kulezi zinsolo kumele bakhuzwe.”

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMZWAKHE Mbuli oselufake kubameli bakhe udaba lokusolwa ngokuqola imindeni yamaciko ashonelwe ukuze azicebise...
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMZWAKHE Mbuli oselufake kubameli bakhe udaba lokusolwa ngokuqola imindeni yamaciko ashonelwe ukuze azicebise...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa