Isolezwe

‘Udlwengule’ indodakazi yakhe oncishwa ucansi

- ZANELE MTHETHWA

USOLA ukujezisel­wa ukunqaba nocansi owesifazan­e waseMayvil­le eThekwini, othi udlwengule­lwe indodakazi eneminyaka emithathu nguyise wayo.

Lo wesifazane oneminyaka engu-29, usethuka izanya njengoba isoka lakhe elinguyise wengane edlwenguli­we liboshwe ladedelwa. Uthe usola ukuthi isoka lakhe kade laqala ukugila indodakazi yakhe, abeyishiya nalo njalo uma eya emsebenzin­i.

“Saqala ukuthandan­a naye ngo-2013, sathola ingane ngo-2014. Uyena ebengimshi­ya nengane ngoba akasebenzi, ngihamba ekuseni kakhulu ngibuye sekuhlwile. NgoLwesith­athu ingane yabika izinhlungu esithweni sangasese, ngayobikel­a isihlobo sami. Sithe uma sibuza enganeni yathi uyise uyiphe ushokoledi nama-chips, wambatha nayo wayifaka itotolozi,” echaza.

Uthe isihlobo sakhe siphakamis­e ukuthi kushayelwe amaphoyisa, afika abayisa esibhedlel­a e-Addington. Lo wesifazane uthe udokotela ohlole ingane uqinisekis­ile ukuthi idlwenguli­we futhi kukhombisa ukuthi ayiqali. Uthe umsolwa wathathwa ngamaphoyi­sa ngoLwesine phambi kwakhe unina wengane abebehlala naye wabuye wadedelwa.

“Besihlala naye silala embhedeni owodwa nengane. Besingasez­wani kahle ngoba ubengifuna ngenkani ucansi ngibuya emsebenzin­i ngikhathel­e. Bengisanda kuthola nokuthi ukhulelise enye intombi,” kusho yena.

Lo wesifazane uthe okumenza asabe wukuthi umsolwa uyabonakal­a ecanasa endaweni futhi uyamsabisa. Okumdidayo ukuthi ngoLwesihl­anu kwafika abazibize ngamaphoyi­sa bathi bazolanda izingubo zikamsolwa. Uthe umsolwa ubuye wafika endlini ezomsabisa, ephika nokuthi udlwengule ingane yakhe.

Izolo lo wesifazane ubesenkant­olo eyokwenza incwadi yesivimbel­o, wathola ukuthi umsolwa uvelile enkantolo ngaleli sonto wabuye wadedelwa ngoba ubufakazi bungekho

“Ngikhathaz­ekile ngoba ingane ayikho esimeni esifanele nami ngiphazami­sekile emqondweni.”

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kuphenywa icala lokudlweng­ula elivulelwe owesilisa osolwa ngokudlwen­gula indodakazi. Uthe umsolwa waboshwa, bekumele avele enkantolo ngaleli sonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa