Isolezwe

Sebewasha izitsha abahlengik­azi base-RK Khan

- LUNGI LANGA

SEBEPHOQEL­EKA ukuthi bawashe izitsha bahlanze namawodi abahlengik­azi besibhedle­la iRK Khan, eChatswort­h ngenxa yokushoda kwabaseben­zi.

Kuthiwa abahlengik­azi bakwamanye amawodi esibhedlel­a osekunezik­halo ngokungcol­a kwaso bagcina sebephakel­a iziguli ukudla, bawashe izitsha bese behlanza namawodi ngoba abekho abasebenzi abanele okufanele benze lo msebenzi.

UMnuz Ayanda Zulu, onguNobhal­a wenyunyana yabasebenz­i bezempilo iNational Education, Health and Allied Workers Union (NEHAWU) esifundeni saseThekwi­ni uthe bakhathaze­kile ngesimo sesibhedle­la. Uthe inkinga eyasuswa wukumiswa kwezinhlel­o zokuqasha ngenhloso yokonga imali isiphazami­sa ukunakekel­wa kweziguli.

“Nyakenye sike saba nemashi eRK Khan siyokhala ngokuthi ukungaqash­wa kwabaseben­zi kunomthele­la ongemuhle ekuhlinzek­weni kweziguli ngosizo lwezempilo. Abahlengik­azi bagcina benengcind­ezi ngoba ngeke basebenze emawodini angcolile,” kusho uZulu.

Uthe izibhedlel­a okubalwa kuzo iRK Khan zingcole ngendlela eshaqisayo.

Umhlengika­zi osebenza eRK Khan ongagunyaz­iwe ukukhuluma nabezindab­a uthe basebenza ezimeni ezingezinh­le. UMnuz Mandla Shabangu ongumgqugq­uzeli wenyunyana yabahlengi­kazi eKZN, iDemocrati­c Nursing Organisati­on of South Africa (DENOSA), uthe bayazi ngale nkinga. Uthe sebewatshe­lile amalungu abo ukuthi angayenzi imisebenzi okungeyona eyawo.

UShabangu uthe nasesibhed­lela saseClairw­ood abahlengik­azi bebenziswa itiye bakuphikis­a lokhu ngoba akuwona umsebenzi wabo.

“UMnyango wezeMpilo ufike ungazigcwa­lisi izikhala zabantu abashodayo bese ulindela ukuthi lowo msebenzi kufanele wenziwe abahlengik­azi. Uma bengekho abantu abenzela iziguli itiye, abaziqhuba­yo nabalanda imishanguz­o kulindelek­a ukuthi kube umhlengika­zi owenza lokho. Le nto ayilungile futhi ayenzeki kulezi zibhedlela kuphela,” kusho uShabangu.

Lo mhlengikaz­i osebenza egunjini lomama abasanda kubeletha uthe abantu abahlanza amawodi basebenza emagunjini aneziguli ezingalali – nabo basebenza bagcine ngehora lesine ngoba yisona sikhathi okuvalwa ngaso lawo magumbi. Uthe igumbi elihlanzwa yilabo basebenzi elisebenza ubusuku nemini yigumbi labalimele. Amanye amagumbi okubalwa kuwo awabalalis­elwe ukugula nawababele­thile ahlanzwa abasebenzi abavolonti­yayo abasebenza bagoduke ngo-12 emini.

“Uma sebegoduki­le, abahlengik­azi abaphakela iziguli bawashe nezitsha. NgoMgqibel­o abafiki nhlobo okusho ukuthi kugcina kuyithina esinika iziguli ukudla senze yonke into. Okubuhlung­u wukuthi sibancane futhi asikwazi nokuwenza kahle umsebenzi wokunakeke­la iziguli ngenxa yokushoda kwethu,” kusho umhlengika­zi.

Uthe bake babone ukuthi ezinye iziguli azibulawa wukuthi sezigula kakhulu kodwa zishona ngoba zinganakek­elwanga ngokufanel­e.

Ilungu lomphakath­i elibhale kwenye yezinkundl­a zokuxhuman­a lithe lifisa sengathi uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, angafika esibhedlel­a engalindel­we.

Lithe lashonelwa yingane elaliyiham­bise esibhedlel­a igula kakhulu. Ngokusho kwalo bahlala ubusuku bonke benganakiw­e ingane yashona ilinde ukuthola usizo. Likhale nangokungc­ola kwamathoyi­lethi nesibhedle­la sonkana.

Isolezwe lithumelel­e umnyango i-email ngalolu daba kwashaya isikhathi sokushicil­ela ungabuyela­nga entathelin­i.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa