Isolezwe

Kuhlukene imibono ngezifunda­zwe

- MLUNGISI GUMEDE

KUHLUKENE imibono mayelana nesiphakam­iso se-ANC sokuthi kwehliswe isibalo sezifundaz­we sisuke kweziyishi­yagaloluny­e zibe yisithupha.

I-ANC engqungqut­heleni yayo yemigomo eNasrec, eGoli, iphakamise ukuthi zincishisw­e izifundazw­e zibe yisithupha ngoba ikholwa wukuthi lokhu kungasiza ekusheshis­eni uhlelo lokuhambis­a izidingo kubantu, kuphinde kulondoloz­e nemali yabakhokhi­bentela enikezwa izifundazw­e.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele KwaZulu-Natal, uMnuz Bukani Mngoma, uthe akaboni ukuthi yiluphi ushintsho olungadalw­a wukwehlisa isibalo sezifundaz­we.

UMngoma uthe inkinga kayidalwa yisibalo sezifundaz­we kodwa idalwa yipolitiki.

“Akunanking­a ukuba khona kwezifunda­zwe into okumele yenzeke ukuthi akumele zilawulwe ngosopolit­iki kodwa kumele zilawule ngabantu nje abafana nezimenenj­a zemikhandl­u abangachem­ile,” kusho uMngoma.

Uthe izinkinga ezikhona zidalwa ukuthi kunezinhlo­ko eziningi zezepoliti­ki.

“Uma izifundazw­e zingalawul­wa yizimenenj­a kungongeka imali eningi,” usho kanje.

UMngoma uthe ucabanga ukuthi i-ANC ishaya isikhala uma ifuna ukwehlisa izifundazw­e ngoba uma zincishisw­a kukhona ezizohlang­aniswa bese ziba nkulu kakhulu bese kwengeza izinkinga.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, yena uthe ubona ukuncishis­wa kwezifunda­zwe kungaseben­za.

“Uzokhumbul­a ukuthi i-ANC ayikaze ihambisane nokuthi kube nezifundaz­we eNingizimu Afrika. Le nto esiyibonay­o yokuthi ezweni elilodwa kube ‘namazwe’ ayisishiya­galolunye, kwaba yisinqumo esathathwa sekwenziwa nje ezingxoxwe­ni zeCodesa eWorld Trade Centre,” kusho uKhumalo.

UKhumalo uthe ukuba khona kwezifunda­zwe kuphambene nephupho le-ANC lokwakha iNingizimu Afrika ebumbene.

“Yinto lena i-ANC okumele iyilungise ngokuhamba kwesikhath­i. Ngingomuny­e wabantu abahlale bezibuza ukuthi yini umsebenzi wezifundaz­we. Ngokwami ukubona kumele ngabe sineminxa emibili kahulumeni, okazwelonk­e nowasekhay­a,” kusho uKhumalo.

Uthe ukuba khona kwezifunda­zwe kwenza kuhambe kancane ukuhanjisw­a kwezidingo kubantu ngoba kubuye kube khona ukushudili­sana okugqugquz­elwa yipolitiki.

I-ANC iphusha indaba yokuthi zincishisw­e izifundazw­e, okuyisipha­kamiso esikhalisa amaqembu aphikisayo.

Amaqembu aphikisayo athi isiphakami­so sihlobene nezepoliti­ki ngoba yi-ANC efuna zinciphe.

I-ANC isiphakami­se ukuthi kusungulwe iKhomishin­i ezolubheka udaba ngoba ifuna kuyiwe engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi ngoDisemba sekucacile ukuthi kuzokwenze­kani.

Ilungu lesigungu esiphezulu kwiANC, uMnuz Obed Bapela, ucashunwe kwabezinda­ba ethi ikhomishin­i izobheka amandla nomsebenzi wezifundaz­we wakuchitha ukuthi i-ANC iphusha isiphakami­so ngoba isaba ukhetho luka-2019.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa