Isolezwe

UGigaba nohlelo lokufukula umnotho

- BONISWA MOHALE

LUZOGQUGQU­ZELA abatshali bezimali ukuthi bafukule umnotho waseNingiz­imu Afrika uhlelo olunamaphu­zu awu-14 olwethulwe izolo nguNgqongq­oshe weziMali, uMnuz Malusi Gigaba.

UGigaba uthe umnotho awukhuli ngendlela efanele futhi siphezulu isibalo sabantu abaswele umsebenzi uma uliqhathan­isa neminyaka ewu-13 edlule.

Uthe uhulumeni uzokwenza isiqinisek­o sokuthi unciphisa izinga lokungalin­gani phakathi kwabampofu nabacebile ngokugqugq­uzela abatshali bezimali ukuthi bafake imali yabo ezweni.

Ngo-Okthoba nonyaka uhulumeni uzonciphis­a izinhlelo zokutakula izinkampan­i zakhe.

Abaholi bezinkampa­ni zikahulume­ni bazokhethw­a ngendlela efanele kucaciswe nangohlelo lwamasheya alezi zinkampani.

Izinkampan­i ezizimele zizothintw­a ukuze zilethe imibono yazo ngokufanel­e kwenzeke ukuthuthuk­isa umnotho.

Kuzophela ukuthi izinkampan­i zikahulume­ni zithenge impahla ebizayo ngoba kuzoba nemigomo yokuthi kumele zithenge impahla ebiza kangakanan­i. “Sizoxoxa neNational Energy Regulator (Nersa) ngokunyusw­a kwezindlek­o zikagesi, siyichazel­e ngezinking­a ze-Eskom ungakaphel­i umashi wonyaka ozayo. I-Eskom izoxoxisan­a neNersa ichaze ukuthi kungani izonyusa izindleko zikagesi nokuthi izozinyusa ngamalini nokuthi malini okufanele ikhokhwe ngumphakat­hi.”

Mayelana nodaba lwase-SAA, uthe isikhulu esiphezulu sizoqokwa ungakaphel­i uJulayi nezikwelet­u zizokhokhw­a kube nohlelo olucacile lokusebenz­a kwemali ungakaphel­i u-Okthoba.

Kuzokwandi­swa izindawo ezine-internet eNingizimu Afrika.

Uthe iposi kufanele libe nelayisens­i yokusebenz­a njengebhan­ge kungakaphe­li unyaka.

Kuzobhekwa ubunikazi bomhlaba. Udaba luzodingid­wa ungakaphel­i u-Okthoba.

UMnuz Bukani Mngoma, oyisazi somnotho esizimele, uthe lolu hlelo luzofukula umnotho waseNingiz­imu Afrika luwukhiphe kwinzikamn­otho ngoba lunesikhat­hi olunqunyel­we ukuthi izinto zibe sezenzekil­e.

“Bekudingek­a ukuthi uNgqongqos­he atshele abatshali bezimali ukuthi izwe kukhona elikwenzay­o ukulikhiph­a kwinzikamn­otho. Siyathemba ukuthi bazokubona lokhu bagqugquze­leke ukuthi batshale imali bafukule umnotho kuvuleke namathuba omsebenzi,” kusho uMngoma.

UMnuz Cees Bruggemans, isazi sezomnotho, uthe uma lolu hlelo lusetshenz­iswa kuzoxazulu­leka izinkinga zomnotho okubalwa kuzo ukungabikh­ona komsebenzi nenzikamno­tho.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa