Isolezwe

Ingenwa yiNdlunkul­u eyemiphume­la ka-matric

- MHLENGI SHANGASE

INGENWA yiNdlunkul­u kaZulu eyokuphucu­lwa kwemiphume­la ka-matric nokugqugqu­zela isiko lokufunda nokufundis­a KwaZulu-Natal njengoba Isilo samaBandla sizovakash­ela izikole sixoxe nothisha nothishanh­loko ngokumele kwenziwe ukuze imfundo ithuthuke.

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane, izolo othe kuzothi uma sekuvulwe izikole bahambele izifunda ezehlukene begqugquze­la ukufunda.

UDlungwane uthe lena ngenye yemizamo yokuphucul­a imfundo nemiphumel­a ka-matric njengoba isifundazw­e sifuna ukunyusa izinga ngo10% libe ngu-76% ngonyaka ozayo.

“Sizohambel­a izikole ezahlukene neSilo ukuze sithole ukuthi kungani ezinye zezikole zenza kabi. Sizogqugqu­zela ukufunda nokufundis­a.”Okhulumela iNdlunkulu, uMntwana Thulani Zulu, uthe iMbube izovakashe­la izikole njengomzal­i nomuntu okhathazek­ile ngezemfund­o. “Sinethemba lokuthi iSilo sizokhulum­a sizwakale ezikoleni uma sesizivaka­shele nongqongqo­she ngoba imfundo yinto esondelene kakhulu neMbube. Isilo sizonxusa ukuthi kubuyiswe isiko lokufunda.”

UDlungwane, obethula izinsuku ezingu-100 ngaphambi kokubhalwa kumatric ngo-Okthoba, uphinde wakugcizel­ela ukuthi ngeke bahlonize ukuthatha izinyathel­o kothishanh­loko, abahloli abathola imiphumela engemihle ikakhulu u-0%.

“Senze konke okusemandl­eni ukweseka izikole ezithole u-0%. Ngonyaka ozayo azikho izikole ezizothola u-0% ngoba sizesekile,” kusho uDlungwane.

Uthe bangaphezu­lu kuka-150 000 abafundi abazobhala u-matric kulo nyaka, kulaba bangu-28 000 abaduduliw­e.

“Kulaba abaduduliw­e akubona bonke abazobhala zonke izifundo, abanye babo bazobhala ezimbalwa kulo nyaka baphinde babhale ezinye ngoba ozayo. Siyaxoxa nabo sithole ukuthi ibaphi abazokwazi ukuzibhala zonke izifundo zabo,” kusho uDlungwane.

Uthe kumele kushaye u-Agasti 31 kube sekuphothu­lwe isilabhasi ezikoleni ukuze kubuyekezw­e.

“Njengoba sethula izinsuku ezingu-100 ezisele, bafundi ibambeni iqine, niphumule kancane bese nibuyela ezincwadin­i. Asisekho isikhathi sokujabula nokuzithok­ozisa, fundani,” kusho uDlungwane.

UDlungwane uthe uchazekile ehambele eMlaza ngoLwesith­athu ngaphansi kohlelo iSukuma Sakhe kahulumeni wesifundaz­we.

“Ngijabule kakhulu, mkhulu umsebenzi owenziwa uMphemba (Bheki Ntuli, uMqondisi wezemfundo esifundeni uMlaza), nethimba lakhe. Abafundi bayazinike­la ungathi izikole ezivuliwe,” kusho uDlungwane.

Uthe bafuna ukuqeda ngezikole ezithola ngaphansi kuka-30% kulesi sifundazwe.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZuluNat­al uMnuz Mthandeni Dlungwane nabanye babafundi baseMlazi Secondary abenza u-matric abazobhala ngo-Okthoba nonyaka
Isithombe: GCINA NDWALANE UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZuluNat­al uMnuz Mthandeni Dlungwane nabanye babafundi baseMlazi Secondary abenza u-matric abazobhala ngo-Okthoba nonyaka
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa