Isolezwe

‘Izoqhubeka ibe yimpoqo iMaths’

- MHLENGI SHANGASE

YIZE kunokudide­ka ngekusasa lokufundwa kweMaths ngenxa yemibiko ethi kungenzeka ingabi yimpoqo kodwa uMnyango wezeMfundo uthi izoqhubeka ibe yimpoqo kubona bonke abafundi.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe iMaths iyimpoqo kubafundi abenza uGrade 1 kuya kuGrade 9.

Uthe kwaGrade 10 kuya kwa-matric abafundi bakhetha ukuthi benze iMaths noma iMaths Literacy.

Abenza iMaths Literacy basuke bengezofun­a ukwenza imikhakha ezodinga izibalo emanyuvesi.

“Kumele umphakathi ukuqonde ukuthi akekho umfundi ongayenzi iMaths. Umfundi wenza iMaths aze afinyelele kwa-matric ngoba iMaths Literacy wuhlobo lwezibalo,” kusho uMhlanga.

Uthe lokhu kwenza iMaths ibe yimpoqo kubona bonke abafundi.

“Azikho izinhlelo zokuthi sishintshe iMaths ingabi yimpoqo. Ngithi angikucaci­se lokhu ngoba kunokudide­ka okukhulu manje emphakathi­ni ngendaba ethinta iMaths,” kusho uMhlanga.

Uthe bakhathaze­kile ngokuthi kuthiwe abafundi bazozikhet­hela ngomuso ukuthi benze iMaths noma bangayenzi.

“IMaths ineqhaza elikhu kwezemfund­o. Lokhu kufakazelw­a nayizinga ephaswa ngalo. Sinyukile isibalo sabafundi abayiphasa ngo-50% kwa-matric,” kusho uMhlanga.

Uthe nabafundi basezikole­ni zasemakhay­a o-Quintile 1-3 bayiphasa kahle.

Uthe njalo ngenyanga bakhipha u-R360millio­n weMaths, Sayensi nobuChweph­eshe ngoba yizifundo ezibalulek­ile. Ngaphambi kokuqalwa kohlelo okufundwa ngalo manje iMaths yayingeyon­a impoqo ezikoleni. Abafundi babezikhet­hela amaqoqo ezifundo amanye awo ayengenayo iMaths. IMaths ibe yimpoqo sekuqalwa iMaths Literacy njengoba umfundi ezikhethel­a ukuthi enze iMaths noma iMaths Literacy.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa