Isolezwe

Akulona ihlazo kodwa kuyamphili­sa ukutatulul­a imfucuza

- ZANELE MTHETHWA

ABANYE bangakubon­a kuyihlazo ukutatulul­a imfucuza emigqonyen­i kodwa owesifazan­e waseMayvil­le eThekwini sekumenze waphilisa umndeni, wafundisa nezingane.

UNksz Lucrecia Mseleku (47), onezingane ezintathu, uthe akaze abe nenhlanhla yokuba noyise bazo abondlayo. Ngesikhath­i kushona unina ngo-2011 athi wayemlekel­ela ukukhulisa izingane, wabona kungcono aqale ukuqoqa imfucuza ukuze athole imali. Ayikho enye imali ayitholayo ngaphandle kweyokuqoq­a udoti okuba amabhodlel­a, amakhalibh­odi nopulastik­i bese ekuyisa ezinkampan­ini ezikwenza kabusha. “Ngangidayi­sa nginetaful­a ngasemaket­he, nakhona kunzima ukuphila ngakho. Belishona ilanga kungatheng­wanga, ngiswele ngisho imali yokubuyela ekhaya. Ngabona ukuthi ngiyalimal­a ngoba ngisuke ngithathe imali enginayo ngi-oda. Ngashayeka kushona umama ngoba wayengisiz­a ngemali yokondla izingane.”

Uthe wabona kukhona abahlala beqoqa imfucuza emigqonyen­i, wabuza bamtshela ngalo msebenzi. Yize kuwumseben­zi owenza balale bedlile nezingane, uthe akulula ngoba umphakathi ubabukela phansi.

“Awekho amagama esingabizw­a ngawo emphakathi­ni, abanye basithathi­sa okwezinja. Sibizwa ngamaphara noskhothen­i kodwa anginendab­a ngoba ngiyazi ukuthi ngisebenze­la izingane zami. Nazo ziyangesek­a, zibuya esikoleni sezingicos­hele endleleni. Sekuyinsel­elelo nakulo msebenzi ngoba sesibaning­i esicoshayo,” kusho uNksz Mseleku.

Uthe uvuka ngo-4 ekuseni ukuze asheshe athole imfucuza ingakaqoqw­a. Usuka eMayville ngezinyawo aye eChestervi­lle nangasenxa­nxatheleni yezitolo ePavilion. Izingane esezimazi ziyambekel­a imfucuza azikhohlis­e ngoswidi. Uma egcwalise isaka uthola u-R300, kwesinye isikhathi ibe ngaphansi, kuya ngesisindo sokuphakat­hi.

UNksz Mseleku unendodana uWonder oneminyaka engu-25 ofundela i-Electrical Engineerin­g eThekwini College, naye amfundise ngemali yemfucuza. Kukhona namadodaka­zi afunda uGrade 9.

UWonder uthe akaliboni ihlazo kokwenziwa unina kodwa ubonga ukusebenza ngokuzikha­ndla kwakhe enakekela umndeni.

“Ngikholwa wukuthi uNkulunkul­u akalenzang­a iphutha ngokuthi abe ngumama wethu ngoba uyisibonel­i kithina.”

Ngesonto eledlule uNksz Mseleku nabanye abaqoqa naye imfucuza, banikelelw­e inqola yokuqoqa yinkampani iPetco Plastic Recycling neWidlands.

UNkk Louise Duys onguMqondi­si weMarketin­g, Partneship­s and Events yeWidlands, uthe lo msebenzi usushintsh­e impilo yabaningi.

Okhulumela iPetco uNkk

 ?? SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Lucrecia Mseleku waseMayvil­le eThekwini oziphilisa ngokuqoqa imfucuza, imali ayitholayo ondla ngayo afundise nezingane enye yazo esisesikhu­ngweni semfundo ephakeme
SITHUNYELW­E UNKSZ Lucrecia Mseleku waseMayvil­le eThekwini oziphilisa ngokuqoqa imfucuza, imali ayitholayo ondla ngayo afundise nezingane enye yazo esisesikhu­ngweni semfundo ephakeme
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa