Isolezwe

Kukhalwa ngamakhadi ngabajike beyoxukuza

- LUNGI LANGA

KUSOLWA ukungabibi­kho kwamakhadi ngokuphind­iselwa emuva kwabakhule­lwe abazoqala ukuxukuza emtholampi­lo waseSea Cow Lake, eThekwini.

Abakhulelw­e abayoqala ukuhamba amakilasi, (antenetal classes) bayagoduki­swa kuthiwe kawekho amakhadi asetshenzi­swa ukugcina iminingwan­e yabakhulel­we.

Leli khadi lisuke linemining­wane yokhulelwe kusuka eqala ukuya emtholampi­lo. Uhamba nalo uma edluliselw­a esibhedlel­a kuze kube uyabeletha.

Akucaci ukuthi iqale nini ukwenzeka le nkinga futhi akucaci nokuthi izolunga nini. Obeyoxukuz­a ocele kugodlwe igama lakhe uthe batshelwe ukuthi abahlale ekhaya balinde ukushayelw­a ucingo.

“Ngiye emtholampi­lo ngoMsombul­uko ngatshelwa ukuthi ngeke ngikwazi ukuqala ukuxukuza. Bathe abanawo amakhadi agcina iminingwan­e. Ngibuyelil­e izolo nakhona ngatshelwa ukuthi awakabibik­ho. Bathe angigoduke ngilinde bangishaye­le uma esekhona,” kusho obeyoqala ukuxukuza.

Lo wesifazane osenezinya­nga eziyisithu­pha ezithwele uthe ukhathazek­ile ngoba uphuzile ukubona ukuthi ukhulelwe. Uthe uke wazama ukuya esibhedlel­a i-Addington ngaphambi kokuya emtholampi­lo watshelwa ukuthi kufanele aqale emtholampi­lo bese umdlulisa.

Ngo-Ephreli kulo nyaka uNgqongqos­he wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi wengeze izinsuku zokuxukuza. Abakhulelw­e bebeya kane emtholampi­lo ngaphambi kokubeleth­a. UMotsoaled­i wathi sekufanele baye emitholamp­ilo izikhathi eziyisishi­yagalombil­i. Waphakamis­a ukuthi baye emtholamph­ilo bengakabi namasonto angu-14 bese bephinda kuze kube bayabeleth­a.

Okhulumela umasipala weTheku uNksz Tozi Mthethwa uthe bathole ukuthi amakhadi kulo mtholampil­o ongaphansi kwabo, akhona. Uthe uma amakhadi enganele abahlengik­azi bangenza amakhophi.

Unxuse abahlangab­ezana nezinkinga ukuthi bathinte umasipala ku-031 311 1111.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa