Ubuye nezindondo e-USA
UZIDLELE amahlanga umfana wakwa-BB, eMlaza u-Asanda Mngadi obuye nezindondo eziyisikhombisa kumaWorld Championships of the Performing Arts abeseLos Angeles, e-USA.
U-Asanda ubeseqenjini laseNingizimu Afrika ebeliyolingisa, licule ezigabeni ezihlukahlukene zeWorld Championships of the Performing Arts.
“Ngihambe ngoJuni 24 ngiyolingisa ngiphinde ngicule ngoba ngenza izifundo zeVisual Arts, Dramatic Arts, Physics, Pure Maths, isiZulu, English neLife Orientation. Ngifunda uGrade 10 eKingsway High.
“Ngiyakuthanda ukulingisa nokucula. Umama nobaba benze isiqiniseko sokuthi ngiyahamba yize bekumba eqolo. Uma sengiqede isikole ngifuna ukuba sesteji,” kusho u-Asanda.
Ubuye nezindodo ezimbili zegolide, eyodwa yesiliva nezine zethusi eLos Angeles.
Uthe uhambo lwakhe ludle u-R130 000. Uthole abaxhasi ababili abafake u-R10 000 ngamunye.
Ugqugquzele ozakwabo ukuthi bangasabi, bagxile kulokho abakuthandayo futhi basebenze ngokuzikhandla ukuze baphumelele.
“Abazali bami bashone ngisemncane ngasala nomalume nobabekazi. Sengibhekwe yibona futhi bayangixhasa kukho konke engikudingayo. Ezinye izingane ngifisa zingakhathazeki kakhulu uma kushona abazali bazo kodwa ziphile kahle ngokuthi zenze izinto ezizojabulisa labo abasele nazo. Ngikholwa wukuthi nabazali bami bayangibona lapho bekhona futhi bayaziqhenya ngami.” UNkk Lindiwe Zuma ongubabekazi ka-Asanda, uthe bekungelula ukuqonda kahle umkhakha wezokulingisa ekuqaleni ngoba bekukhona isikhathi lapho umyeni wakhe bekumele alande u-Asanda ngabo-8 ebusuku esikoleni.
UMnuz Phillip Zuma ongumalume ka-Asanda, uthe abazali abeseke izingane zabo.