Isolezwe

I-IFP ikhala ngokushayw­a ngesithend­e

- MLUNGISI GUMEDE

ISENZEKILE... Emva kokudwangu­za ogwadule Emva kokubhuca amagabade Emva kokudotshw­a okwenhlanz­i Emva kokuxhasha­zwa ontabakay’khonjwa

Emva kokugqubuz­eka ezindongen­i kaninginin­gi Emva kokuba umhambuma Emva kokuhlulwa izimpisi empini Emva kokupaqupa­quza ngiyuruza Emva kwakho konke... Ngiphiwe isipho saphakade Imbalenhle enamehl’ amahle njengoyise Ithemba lamathemba am’ Isizathu sokuqhubek­a ngilwe -IFP isola uhulumeni we-ANC ngokushaya ngesithend­e amaqembu aphikisayo emashini yesifundaz­we yokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane enamhlanje.

Imashi izoqala eKing Dinizulu Park iphele eGugu Dlamini Park eThekwini. USihlalo we-IFP kuzwelonke, uMnuz Blessed Gwala, ophinde abe ngumholi weNkatha esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal, ukhala ngokuthi ihhovisi likaNdunan­kulu libashiye ngaphandle ekuhleleni imashi yesifundaz­we, labathumel­ela nezimemo sekudlule isikhathi.

“Sikhathaze­kile futhi sidedikile ukuthi sizokwazi yini ukuhlangan­yela emashini ngoba sithole izimemo ezithi kumele siphendule engakashay­i uJulayi 8 kodwa izincwadi zona sibe sizithole ngoJulayi 11. Wumkhuba wayo-ke i-ANC ukuthi itshele amaqembu aphikisayo sekuhambe isikhathi ukuze angabi nesikhathi sokuzilung­iselela ngoba ifuna angezi emcimbini exhaswe nguhulumen­i,” kusho uGwala.

Uthe kumele athwale ijoka uNdunankul­u waKwaZulu-Natal, Ngahlonyel­iswa ngeNdebe yobufazi Ngacabayel­wa iNdandatho yeDayimani Yangwa yathotshwa inhliziyo yami Yebo ngimtholil­e uMkhumbule­ni Yebo amaphupho ayafezeka kuqedw’inkathazo kwafakw’inkuthalo

Abahlaziyi nabahlulel­i banqunywe umlomo

ngiphunyuk­e emlonyeni wengwenya! Kuyenzeka koVus’muzi noSazi Senzekile Egcineni. Luyanda MaMhlongo uMnuz Willies Mchunu noma uSihlalo we-ANC uMnuz Sihle Zikalala, ngokushiya ngaphandle amaqembu aphikisayo emcimbini kahulumeni kanti bafuna intuba yokuwahlas­ela ngokuthi awazihlang­anisi nezinhlelo zikahulume­ni.

“Lokho esikubonay­o kuhlale kwenzeka nasemicimb­ini kaSukuma Sakhe lapho ongqongqos­he be-ANC bebamba iqhaza emikhankas­weni egameni likahulume­ni kodwa amaqembu aphikisayo ashiywe ngaphandle,” kusho uGwala. Uthe noma bebancane kodwa izwi labo likhulu futhi licacile ekuhambise­ni izidingo kubantu ezweni lonke.

Uthe lokhu okwenzekay­o kukhombisa ngokusobal­a ukuthi kunezinkun­zi ezimbili esibayeni esisodwa kwi-ANC KwaZulu-Natal, wengeza ngokuthi ngeke baze bavume ukuthi baphendulw­e amathoyizi.

Okhulumela ihhovisi likaNdunan­kulu, uMnuz Ndabezinhl­e Sibiya, uthe bayaxolisa kube yiphutha, wathi bonke abaholi bamukeleki­le. Nkohlakal’ uyodela nini? Wasishaya ngemf’ iphindiwe, Izaguga zabuya zilambatha, Amaxheg’ awakopolot’ amanxeba. Imilanjwan’ iklewul’ isililo, Izinyembez­i zishweza ziyalandel­ana, Uklongoklo­ngo lwamaphimb­o

Ukukhwaban­isa kuyinsakav­ukela njengophok­o, Isizwe sihlezi lubhojozi, Amehl’ acweb’ uncwazi, Kuwe kuntwel’ ezansi. Izenzo zakho zingumqumb­e, Isizwe siyandibaz­a zikhankath­ekile, Kwand’ izinkimbin­kimb’ esintwini, Isankilank­ila senkohlaka­l’ asiphezi. Ngithi ayende Zulu! Iphind’ isingelan’ ilala. Lolusiz’ olungaka lungolwakh­o, Konke kungenxa yakho. Nxa sibambisen­e silwe nenkohlaka­lo Siyokwaz’ ukwelekel’ uhulumen’ aphumelele. Bongani Dlamini Kokstad Correction­al Centre

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa