Kubuhlungu ukukhohlwa nawumuntu othandana naye
AYIKHO into ebuhlungu njengokuthi uguliswe yisifo esingabonwa abantu, uma uthi uyasichaza abantu bavele bakuhleke bathi uphanjanelwa yikhanda.
Isifo sokukhohlwa singesinye sezifo eziyinkinga ngokuthi sithi sikuphethe abantu bangaboni ukuthi ubangwa nezibi.
Okubi ngesifo sokukhohlwa wukuthi siqala kancane ungaboni ukuthi siyakuhlasela, lokho okwenza ukuthi ungasukumeli phezulu uzame ukuzelapha.
Okunye okwenza singanakeki isifo sokukhohlwa, wukuthi sithathwa ngokuthi siyifo sabantu abadala kanti siyisifo esihlasela abadala nabancane.
Kuyinto eyejwayelekile ukuzwa abantu begxeka umuntu bethi uhlala edolobheni akasagoduki ayobona umndeni, abantu bagxeke umuntu benziwa wukungazi ukuthi uhlaselwe yisifo sokukhohlwa wukugoduka.
Uma ungumuntu ojwayele ukubuka lolu hlelo uKhumbulekhaya oludlala ku-SABC, uzongifakazela uma ngithi abantu abayimibhunguka bahlezi bezithethelela ngokuthi bakhohlwe ukugoduka.
Nabantu abangazondli izingane zabo bakhala ngaso isifo sokukhohlwa, bathi abasakhumbuli ukuthi kunemali okufanele bayikhiphe bondle izingane.
MaSolezwe uVolos akahubhuzi wona amanga uma ethi naye sesake samhlasela isifo sokukhohlwa washaywa wuvalo wacabanga ukuthi uhanjelwa umqondo. Lesi sigameko sokukhohlwa sangihlasela ngithi ngiyokhipha imali emshinini, uma ngithi ngifaka ikhadi ngavele ngayilibala inombolo yami eyimfihlo.
Indlela engathuka ngayo, yangenza ngama isikhathi eside, ngiququbele emshinini ngizitshela ukuthi ngizoyikhumbula inombolo yami eyimfihlo. Isifo sokukhohlwa siyinkinga ngoba siyakwenza ukhohlwe nangumuntu umazi, uthi uyacabangaka ukuthi umazela kuphi kuvele kudume ikhanda. Ngelinye ilanga ngabona umuntu engijabulela engixhawula, uma ngithi ngiyacabanga ukuthi ngimazela kuphi, kwavele kwahlwa emini.
Kwathatha isikhathi eside ezichaza ukuthi yena unguAyanda Msweli omemezela isiminyaminya sezimoto oKhozini FM. Ngafikelwa amahloni sengimxhawula ngimduduza ngicela ukuthi angadinwa wukuthi bese ngimkhohliwe ngoba ngiwumuntu owazana nabantu abaningi.
Ukukhohlwa kuyinto ekhona ngoba kuyenzeka umuntu akhohlwe ngisho nangumuntu athandana naye. Uthole ukuthi uthandana nomuntu okukhumbula ngoba ukhona, uma ungekho eduze kwakhe, akazihluphi nangokuthi akubuze impilo.
Uma enawe akunambuzele ekubamba ekugona ethi akasoze alibala uwena, uma usuhambile akasafuni nokwazi ukuthi ulale kanjani.
Ukukhohlwa kuyisifo esibi kabi ngoba kuyenzeka ukhohlwe nangumuntu owake wathandana naye, uthi uyambuka ungabe usakhumbuli ukuthi nahlangana kuphi naye. Kuba nzima kakhulu uma ezophinde akubuze ukuthi usambona yini, uthi usacwayicwayiza akutshele ukuthi naqomana naze naqabulana.
Kunensizwa engumngani wami eyangixoxela ngesigameko sokukhohlwa esayehlela, ithi yahlangana nomuntu wesifazane yameshela. Uma ichaza ithi yamangazwa wukuthi lo muntu wesifazane wayelokhu egigitheka sakumbhuqa, uma ebuza ukuthi uhlekani wathi udidekile ukuthi kungani emshela ngoba yena sewake wamqoma phambilini.
Umngani wami uthi wafikelwa amahloni sekuvela ukuthi umthetho wakhe uqonywa yizintombi azikhohlwe aphinde azishele uma esehlangana nazo.
MaSolezwe isifo sokukhohlwa siyinkinga uma sesihlasele umuntu ngoba simenza akhohlwe ngisho nayimoto ehamba ngayo ayishiye ayogibela amatekisi.
Umuntu afike ekhaya ehamba ngezinyawo athi imoto akayazi ukuthi uyipake kuphi, yena uyigcine efika eyishayela edolobheni. Ukukhohlwa kuyazifikela kunjengobuthongo, uma sekufikile, kuduma ikhanda uthi uzama ukukhumbula kungakhumbuleki kube sengathi umqondo ubanjwe wugesi.