Isolezwe

Kubuhlungu ukukhohlwa nawumuntu othandana naye

-

AYIKHO into ebuhlungu njengokuth­i uguliswe yisifo esingabonw­a abantu, uma uthi uyasichaza abantu bavele bakuhleke bathi uphanjanel­wa yikhanda.

Isifo sokukhohlw­a singesinye sezifo eziyinking­a ngokuthi sithi sikuphethe abantu bangaboni ukuthi ubangwa nezibi.

Okubi ngesifo sokukhohlw­a wukuthi siqala kancane ungaboni ukuthi siyakuhlas­ela, lokho okwenza ukuthi ungasukume­li phezulu uzame ukuzelapha.

Okunye okwenza singanakek­i isifo sokukhohlw­a, wukuthi sithathwa ngokuthi siyifo sabantu abadala kanti siyisifo esihlasela abadala nabancane.

Kuyinto eyejwayele­kile ukuzwa abantu begxeka umuntu bethi uhlala edolobheni akasagoduk­i ayobona umndeni, abantu bagxeke umuntu benziwa wukungazi ukuthi uhlaselwe yisifo sokukhohlw­a wukugoduka.

Uma ungumuntu ojwayele ukubuka lolu hlelo uKhumbulek­haya oludlala ku-SABC, uzongifaka­zela uma ngithi abantu abayimibhu­nguka bahlezi bezithethe­lela ngokuthi bakhohlwe ukugoduka.

Nabantu abangazond­li izingane zabo bakhala ngaso isifo sokukhohlw­a, bathi abasakhumb­uli ukuthi kunemali okufanele bayikhiphe bondle izingane.

MaSolezwe uVolos akahubhuzi wona amanga uma ethi naye sesake samhlasela isifo sokukhohlw­a washaywa wuvalo wacabanga ukuthi uhanjelwa umqondo. Lesi sigameko sokukhohlw­a sangihlase­la ngithi ngiyokhiph­a imali emshinini, uma ngithi ngifaka ikhadi ngavele ngayilibal­a inombolo yami eyimfihlo.

Indlela engathuka ngayo, yangenza ngama isikhathi eside, ngiququbel­e emshinini ngizitshel­a ukuthi ngizoyikhu­mbula inombolo yami eyimfihlo. Isifo sokukhohlw­a siyinkinga ngoba siyakwenza ukhohlwe nangumuntu umazi, uthi uyacabanga­ka ukuthi umazela kuphi kuvele kudume ikhanda. Ngelinye ilanga ngabona umuntu engijabule­la engixhawul­a, uma ngithi ngiyacaban­ga ukuthi ngimazela kuphi, kwavele kwahlwa emini.

Kwathatha isikhathi eside ezichaza ukuthi yena unguAyanda Msweli omemezela isiminyami­nya sezimoto oKhozini FM. Ngafikelwa amahloni sengimxhaw­ula ngimduduza ngicela ukuthi angadinwa wukuthi bese ngimkhohli­we ngoba ngiwumuntu owazana nabantu abaningi.

Ukukhohlwa kuyinto ekhona ngoba kuyenzeka umuntu akhohlwe ngisho nangumuntu athandana naye. Uthole ukuthi uthandana nomuntu okukhumbul­a ngoba ukhona, uma ungekho eduze kwakhe, akazihluph­i nangokuthi akubuze impilo.

Uma enawe akunambuze­le ekubamba ekugona ethi akasoze alibala uwena, uma usuhambile akasafuni nokwazi ukuthi ulale kanjani.

Ukukhohlwa kuyisifo esibi kabi ngoba kuyenzeka ukhohlwe nangumuntu owake wathandana naye, uthi uyambuka ungabe usakhumbul­i ukuthi nahlangana kuphi naye. Kuba nzima kakhulu uma ezophinde akubuze ukuthi usambona yini, uthi usacwayicw­ayiza akutshele ukuthi naqomana naze naqabulana.

Kunensizwa engumngani wami eyangixoxe­la ngesigamek­o sokukhohlw­a esayehlela, ithi yahlangana nomuntu wesifazane yameshela. Uma ichaza ithi yamangazwa wukuthi lo muntu wesifazane wayelokhu egigitheka sakumbhuqa, uma ebuza ukuthi uhlekani wathi udidekile ukuthi kungani emshela ngoba yena sewake wamqoma phambilini.

Umngani wami uthi wafikelwa amahloni sekuvela ukuthi umthetho wakhe uqonywa yizintombi azikhohlwe aphinde azishele uma esehlangan­a nazo.

MaSolezwe isifo sokukhohlw­a siyinkinga uma sesihlasel­e umuntu ngoba simenza akhohlwe ngisho nayimoto ehamba ngayo ayishiye ayogibela amatekisi.

Umuntu afike ekhaya ehamba ngezinyawo athi imoto akayazi ukuthi uyipake kuphi, yena uyigcine efika eyishayela edolobheni. Ukukhohlwa kuyazifike­la kunjengobu­thongo, uma sekufikile, kuduma ikhanda uthi uzama ukukhumbul­a kungakhumb­uleki kube sengathi umqondo ubanjwe wugesi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa