Isolezwe

Sikhulu isililo ngokushiyw­a nguChikapa

-

UMA kungathiwa umuntu akabophele isikimu sebhendi ezomela elakuleli emazweni angaphandl­e, belingeke lisale nangephuth­a igama lenkakha ye-Afro jazz uRay Phiri.

Kuma-drums bekungaba u-Isaac ‘Mnca’ Mtshali, kwesebhesi kube wuBakithi Khumalo, kuma-percussion kube uMabe Thobejane, kuma-keyboard kube wuBlack Moses kanti kwi-lead guitar bekungaba nguye kanye uBra Ray. Isigingci ubengasidl­alisi, ubesixebul­a. Nasekuqamb­eni izingoma ubenekhono eliyisiman­ga kangangoba ubungeke waqonda ukuthi ukhuluma ngani.

Lokhu ungakuzwa engomeni yakhe eyayithi Whispers In The Deep (Awuphinde Mzala).

Leli noni lavalwa kodwa bambalwa ababengaku­tshela ukuthi likhuluma ngani. Ubenkondlo­zisa!

Okumangaza­yo wukuthi ukwitiza isiNgisi esidida nezifundis­wa nje kodwa wagcina kuGrade 11 esikoleni.

Ubenekhono elingandel­e bani lokuqamba ingoma engasoze yabuna.

Izingoma eziningi zeStimela zisashisa izikhotha namanje yize zaqanjwa eminyakeni engaphezu kwewu-30 eyedlule.

Abanye abaculi bafelwa yizingoma zabo besaphila kodwa kuBra Ray kushone yena nje kodwa izingoma zakhe zisazoqhub­eka nokuduma futhi zisazophil­a eminye iminyaka.

Ukuthandwa kwezingoma zeStimela akugcinang­a emphakathi­ni kuphela kodwa zibuye zachaza nabanye abaculi abenza olunye uhlobo lomculo njengomrep­ha uYoung Nations owenza kabusha ingoma ethi Zwakala kwathi uDJ Cleo wadidiyela kabusha ethi Go On Living Your Life.

Le nkakha ibingagcin­i ngokuxebul­a isigingci nokumpongo­loza ngephimbo layo kodwa ibibuye ikushiye ubambe ongezansi ngemidanso yayo ebandakany­a nesipantsu­la bese ilingisa nabantu abakhubaze­kile.

IStimela sife olwembiza ngempela ngokushiyw­a yile ngwazi futhi nesizwe sonke siyalila.

Hamba Kahle Chikapa!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa