Kuzolunga yini uma kuncipha ezamabheka?
MHLELI: Sekukhulunywe kakhulu ngendaba yelobolo kukhalwa ngokuthi ilobolo, lalingezona izinkomo eziwu-11 kumuntu phaqa ngokunjalo nenani elifuneka endodakazini yenduna, yenkosi ngisho nasendodakazini yeSilo kwakungelona.
USomtsewu kaSonzica nguyena okukhalwa ngaye ngokuthi wenyusa inani. Mina ngingumuntu phaqa odla imbuya ngothi kodwa ilobolo ngilibuka ngenye indlela iningi eliyibuka ngayo. Iningi likhala ngokuthi ilobolo liyabiza ekubeni nemisebenzi ayikho, ngakho abanye bathi maliphele, abanye bathi akuncishiswe izinkomo zamabheka.
Ngokubona kwami, ilobolo alibizi ngoba uma umkhwenyana eselobolile wazishaya zonke ezamabheka, uyise wentombazana usuka esazongena kwezinkulu izindleko eselungiselela ukuganisa indodakazi.
Kumele-ke adayise zona lezi zamabheka ezifike nomkhwenyana, khona ezothengela indodakazi impahla uma isiyogana. Uyise wentombazane akasali nalutho, kunalokho ungene ezindlekweni ngenhloso yokukhipha indodakazi yakhe. Ngamafuphi ubaba uphalaziswa lonke ilobolo.
Elobolweni abasekhweni bezwa ngaye umkhwenyana ukuthi kungakhi asekuqoqile, bayaye bekwemukele lokho aqhamuka nakho.
Bayaxakake-ke abantu, ubezwe bekhala ngelobolo kodwa bebe bekwazi ukudumela izizemazema zezikweletu engabe umuntu ugcina ngazo. Ukwenza isibonelo; umuntu uyakwazi ukuthenga imoto ebiza uhhafu wesigidi. Nayo njalo leyo moto akukhona ukuthi izofaka imali, ithengelwe ukubukwa. Uzothi umuntu esahambe ngayo isikhashana, lutho akasayifuni, usefuna enye kodwa dololo ukulobola.
Kwesinye isikhathi uzalisa izingane zabantu ngapha nangapha, ingani udobo olukhulu yiyo le moto. Uma ubheka ilobolo lishibhile kunokondla ngoba ukondla yinto yansuku zonke, kanti ilobola yinto yangankathi. Kwesinye isikhathi kuzohlalwa nasemafulethini nalapho njalo kudlaliswa yona imali.
Bese kukho konke okuchitha imali kunganakwa kukhalwe ngelobolo kuthiwe liyabiza.
Sithini konje ngezimbiza zikaFaro? Ingani zona ziyigugu elikhulu kubantu ezishaya zibhubhudle umholo wonke bese kuthiwa ilobolo elibizayo ukudlula konke ukuba ngunontandakubukwa njengesakabuli.
Engikushoyo lapha wukuthi kungakuhle uma abantu bengaqala ngokwenza izinhlelo zokuthatha umlobokazi, bese begcina ngenjabulo yabo. Lokhu njalo angikusho ngoba ngikhomba ngophakathi, kwamina nginguphuya waseMshwathi kodwa ngibukisisa izinto ngehlo lokujula.
Make sithi kushaywa umthetho wokuthi ilobolo libe yizinkomo ezine. Zona lezo zinkomo ezine zizokwazi yini ukuthi zithengele intombazane impahla yomabo wasemzini na? Cabanga njena abakwaNzimande uma sebabelwa bayadlula ezingubeni ezingu-14, umqamelo necansi umuntu ngamunye. Kweminye imizi kuze kwabelwe abantu abangu-60. Lo mabo uyophuma kuzo lezi nkomo ezine uma kuvunyelwana ngazo ukuthi makulotsholwe ngazo? Bakithi akuthi uma nikhala ngelobolo ukuthi malehle, niphinde-ke nibhekisise impahla yomabo. Shonini-ke ukuthi nomabo nawo mawehle noma lo 14 wakwaNzimande wababelwayo bayokwabelwa ngani? Mina ngithi ziningi izinto eziqeda imali kungenasidingo, ngeshwa azinakwa kodwa kuphunywa iqhubu nelobolo kuthiwa liyabiza. Yisemkhulu Nzimande. EPORT SHEPSTONE