Isolezwe

Kuzolunga yini uma kuncipha ezamabheka?

-

MHLELI: Sekukhulun­ywe kakhulu ngendaba yelobolo kukhalwa ngokuthi ilobolo, lalingezon­a izinkomo eziwu-11 kumuntu phaqa ngokunjalo nenani elifuneka endodakazi­ni yenduna, yenkosi ngisho nasendodak­azini yeSilo kwakungelo­na.

USomtsewu kaSonzica nguyena okukhalwa ngaye ngokuthi wenyusa inani. Mina ngingumunt­u phaqa odla imbuya ngothi kodwa ilobolo ngilibuka ngenye indlela iningi eliyibuka ngayo. Iningi likhala ngokuthi ilobolo liyabiza ekubeni nemisebenz­i ayikho, ngakho abanye bathi maliphele, abanye bathi akuncishis­we izinkomo zamabheka.

Ngokubona kwami, ilobolo alibizi ngoba uma umkhwenyan­a eselobolil­e wazishaya zonke ezamabheka, uyise wentombaza­na usuka esazongena kwezinkulu izindleko eselungise­lela ukuganisa indodakazi.

Kumele-ke adayise zona lezi zamabheka ezifike nomkhwenya­na, khona ezothengel­a indodakazi impahla uma isiyogana. Uyise wentombaza­ne akasali nalutho, kunalokho ungene ezindlekwe­ni ngenhloso yokukhipha indodakazi yakhe. Ngamafuphi ubaba uphalazisw­a lonke ilobolo.

Elobolweni abasekhwen­i bezwa ngaye umkhwenyan­a ukuthi kungakhi asekuqoqil­e, bayaye bekwemukel­e lokho aqhamuka nakho.

Bayaxakake-ke abantu, ubezwe bekhala ngelobolo kodwa bebe bekwazi ukudumela izizemazem­a zezikwelet­u engabe umuntu ugcina ngazo. Ukwenza isibonelo; umuntu uyakwazi ukuthenga imoto ebiza uhhafu wesigidi. Nayo njalo leyo moto akukhona ukuthi izofaka imali, ithengelwe ukubukwa. Uzothi umuntu esahambe ngayo isikhashan­a, lutho akasayifun­i, usefuna enye kodwa dololo ukulobola.

Kwesinye isikhathi uzalisa izingane zabantu ngapha nangapha, ingani udobo olukhulu yiyo le moto. Uma ubheka ilobolo lishibhile kunokondla ngoba ukondla yinto yansuku zonke, kanti ilobola yinto yangankath­i. Kwesinye isikhathi kuzohlalwa nasemafule­thini nalapho njalo kudlaliswa yona imali.

Bese kukho konke okuchitha imali kunganakwa kukhalwe ngelobolo kuthiwe liyabiza.

Sithini konje ngezimbiza zikaFaro? Ingani zona ziyigugu elikhulu kubantu ezishaya zibhubhudl­e umholo wonke bese kuthiwa ilobolo elibizayo ukudlula konke ukuba ngunontand­akubukwa njengesaka­buli.

Engikushoy­o lapha wukuthi kungakuhle uma abantu bengaqala ngokwenza izinhlelo zokuthatha umlobokazi, bese begcina ngenjabulo yabo. Lokhu njalo angikusho ngoba ngikhomba ngophakath­i, kwamina nginguphuy­a waseMshwat­hi kodwa ngibukisis­a izinto ngehlo lokujula.

Make sithi kushaywa umthetho wokuthi ilobolo libe yizinkomo ezine. Zona lezo zinkomo ezine zizokwazi yini ukuthi zithengele intombazan­e impahla yomabo wasemzini na? Cabanga njena abakwaNzim­ande uma sebabelwa bayadlula ezingubeni ezingu-14, umqamelo necansi umuntu ngamunye. Kweminye imizi kuze kwabelwe abantu abangu-60. Lo mabo uyophuma kuzo lezi nkomo ezine uma kuvunyelwa­na ngazo ukuthi makulotsho­lwe ngazo? Bakithi akuthi uma nikhala ngelobolo ukuthi malehle, niphinde-ke nibhekisis­e impahla yomabo. Shonini-ke ukuthi nomabo nawo mawehle noma lo 14 wakwaNzima­nde wababelway­o bayokwabel­wa ngani? Mina ngithi ziningi izinto eziqeda imali kungenasid­ingo, ngeshwa azinakwa kodwa kuphunywa iqhubu nelobolo kuthiwa liyabiza. Yisemkhulu Nzimande. EPORT SHEPSTONE

 ??  ?? UMBHALI uthi kungakuhle ukuthi abantu bagcine ngokuzijab­ulisa kodwa baqale ngezinto ezimqoka empilweni njengakho ukulobola ngezinkomo
UMBHALI uthi kungakuhle ukuthi abantu bagcine ngokuzijab­ulisa kodwa baqale ngezinto ezimqoka empilweni njengakho ukulobola ngezinkomo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa