Isolezwe

Baqasha emafulethi­ni abizayo bashiye emakhaya kubolile

-

MHLELI: Ngivumele ngibeke umbono wami mayelana nabantu abathanda ukuhlala emafulethi­ni abizayo kodwa bebe bengenalut­ho emakhaya.

Kunabantu okubafanel­e ukuqasha noma ukuhlala emafulethi­ni ngoba emakhaya kukude nalapho besebenzel­a khona, bese kuba nabathanda ukubukwa noma ukuzenza abantu abanemali bebe bengenalut­ho.

Kulabo bantu abahlala emafulethi­ni, bakhona abakwaziyo ukuthi ngelinye ilanga bayogula bese kumele bagodukisw­e bayiswe emakhaya abo. Ngaleyo ndlela bazihlelil­e izinto emakhaya, bakhile noma babakhele abazali babo.

Kukhona laba asebabhung­ukela emafulethi­ni abangenayo ngisho inkomishi yokuphuza itiye kubo, abangenawo ngisho umbhede. Kufikisela amahloni ukubona usaziwayo othize ohlala emafulethi­ni abizayo, osekuphele iminyaka agcina ukuvakasha ekhaya ngoba enganayo indawo yokulala kubo, uza ekhaya kuphela ngoba kushoniwe noma kunomcimbi othize.

Abantu abaningi baphila impilo yokuzicind­ezela, impilo emdlayo ngaphakath­i. Kunabantu asebesaba ukugoduka baye emakubo ngoba kungaselul­a ukuqala impilo yasekhaya sebejwayel­e impilo ephambili ewubukhazi­klhazi yasemadolo­bheni emafulethi­ni.

Bayazi ukuthi uma begoduka kuzomele bakhe indlu, bafake ifenisha, bathenge nokudla okuzophekw­a wumndeni wonke, hhayi lokho okuthengwa sekuphekiw­e.

Ngiyambong­ela mina umuntu osekhethe le mpilo uma ezohlala khona aze afele khona, aye ekhaya ngoba eseyongcwa­tshwa ngoba leli hlazo lakhe noma abangani bakhe bangalibon­a, ngeke kodwa yena abuzwe ubuhlungu bokuthi waqamba amanga wathi ekhaya wakhile kanti akenzanga lutho, ufika njengesiva­kashi angalali.

Baningi abantu abafuna ukwaziwa njengabant­u abanemali kodwa uma usuthola kabanayo leyo mali, baphila ngezikwele­tu.

Umuntu makangapho­qi ukuphila impilo engamfanel­e ngoba efuna ukubukwa noma ukudlisa kubantu ngoba ekugcineni eselele yedwa kuyamudla ukuthi uphila impilo yamanga. O’BRIEN “SCARA” GCABASHE ENANDA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa