Akulona ihlazo kodwa kuyamphilisa ukutatulula imfucuza
ABANYE bangakubona kuyihlazo ukutatulula imfucuza emigqonyeni kodwa owesifazane waseMayville eThekwini sekumenze waphilisa umndeni, wafundisa nezingane.
UNksz Lucrecia Mseleku (47), onezingane ezintathu, uthe akaze abe nenhlanhla yokuba noyise bazo abondlayo. Ngesikhathi kushona unina ngo-2011 athi wayemlekelela ukukhulisa izingane, wabona kungcono aqale ukuqoqa imfucuza ukuze athole imali. Ayikho enye imali ayitholayo ngaphandle kweyokuqoqa udoti okuba amabhodlela, amakhalibhodi nopulastiki bese ekuyisa ezinkampanini ezikwenza kabusha. “Ngangidayisa nginetafula ngasemakethe, nakhona kunzima ukuphila ngakho. Belishona ilanga kungathengwanga, ngiswele ngisho imali yokubuyela ekhaya. Ngabona ukuthi ngiyalimala ngoba ngisuke ngithathe imali enginayo ngi-oda. Ngashayeka kushona umama ngoba wayengisiza ngemali yokondla izingane.”
Uthe wabona kukhona abahlala beqoqa imfucuza emigqonyeni, wabuza bamtshela ngalo msebenzi. Yize kuwumsebenzi owenza balale bedlile nezingane, uthe akulula ngoba umphakathi ubabukela phansi.
“Awekho amagama esingabizwa ngawo emphakathini, abanye basithathisa okwezinja. Sibizwa ngamaphara noskhotheni kodwa anginendaba ngoba ngiyazi ukuthi ngisebenzela izingane zami. Nazo ziyangeseka, zibuya esikoleni sezingicoshele endleleni. Sekuyinselelelo nakulo msebenzi ngoba sesibaningi esicoshayo,” kusho uNksz Mseleku.
Uthe uvuka ngo-4 ekuseni ukuze asheshe athole imfucuza ingakaqoqwa. Usuka eMayville ngezinyawo aye eChesterville nangasenxanxatheleni yezitolo ePavilion. Izingane esezimazi ziyambekela imfucuza azikhohlise ngoswidi. Uma egcwalise isaka uthola u-R300, kwesinye isikhathi ibe ngaphansi, kuya ngesisindo sokuphakathi.
UNksz Mseleku unendodana uWonder oneminyaka engu-25 ofundela i-Electrical Engineering eThekwini College, naye amfundise ngemali yemfucuza. Kukhona namadodakazi afunda uGrade 9.
UWonder uthe akaliboni ihlazo kokwenziwa unina kodwa ubonga ukusebenza ngokuzikhandla kwakhe enakekela umndeni.
“Ngikholwa wukuthi uNkulunkulu akalenzanga iphutha ngokuthi abe ngumama wethu ngoba uyisiboneli kithina.”
Ngesonto eledlule uNksz Mseleku nabanye abaqoqa naye imfucuza, banikelelwe inqola yokuqoqa yinkampani iPetco Plastic Recycling neWidlands.
UNkk Louise Duys onguMqondisi weMarketing, Partneships and Events yeWidlands, uthe lo msebenzi usushintshe impilo yabaningi.
Okhulumela iPetco uNkk