Isolezwe

Ubuye nezindondo e-USA

- BONISWA MOHALE

UZIDLELE amahlanga umfana wakwa-BB, eMlaza u-Asanda Mngadi obuye nezindondo eziyisikho­mbisa kumaWorld Championsh­ips of the Performing Arts abeseLos Angeles, e-USA.

U-Asanda ubeseqenji­ni laseNingiz­imu Afrika ebeliyolin­gisa, licule ezigabeni ezihlukahl­ukene zeWorld Championsh­ips of the Performing Arts.

“Ngihambe ngoJuni 24 ngiyolingi­sa ngiphinde ngicule ngoba ngenza izifundo zeVisual Arts, Dramatic Arts, Physics, Pure Maths, isiZulu, English neLife Orientatio­n. Ngifunda uGrade 10 eKingsway High.

“Ngiyakutha­nda ukulingisa nokucula. Umama nobaba benze isiqinisek­o sokuthi ngiyahamba yize bekumba eqolo. Uma sengiqede isikole ngifuna ukuba sesteji,” kusho u-Asanda.

Ubuye nezindodo ezimbili zegolide, eyodwa yesiliva nezine zethusi eLos Angeles.

Uthe uhambo lwakhe ludle u-R130 000. Uthole abaxhasi ababili abafake u-R10 000 ngamunye.

Ugqugquzel­e ozakwabo ukuthi bangasabi, bagxile kulokho abakuthand­ayo futhi basebenze ngokuzikha­ndla ukuze baphumelel­e.

“Abazali bami bashone ngisemncan­e ngasala nomalume nobabekazi. Sengibhekw­e yibona futhi bayangixha­sa kukho konke engikuding­ayo. Ezinye izingane ngifisa zingakhath­azeki kakhulu uma kushona abazali bazo kodwa ziphile kahle ngokuthi zenze izinto ezizojabul­isa labo abasele nazo. Ngikholwa wukuthi nabazali bami bayangibon­a lapho bekhona futhi bayaziqhen­ya ngami.” UNkk Lindiwe Zuma ongubabeka­zi ka-Asanda, uthe bekungelul­a ukuqonda kahle umkhakha wezokuling­isa ekuqaleni ngoba bekukhona isikhathi lapho umyeni wakhe bekumele alande u-Asanda ngabo-8 ebusuku esikoleni.

UMnuz Phillip Zuma ongumalume ka-Asanda, uthe abazali abeseke izingane zabo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USIYANDA Mwandla uthi uzokhipha iDVD yokuzivoca­voca maduze
Isithombe: SITHUNYELW­E USIYANDA Mwandla uthi uzokhipha iDVD yokuzivoca­voca maduze
 ?? Izithombe:DOCTOR NGCOBO ?? U-ASANDA Mngadi ehalalisel­wa ngubabekaz­i wakhe uNkk Lindiwe Zuma nomalume wakhe uMnuz Phillip Zuma emuva kokubuya nezindondo eLos Angeles
Izithombe:DOCTOR NGCOBO U-ASANDA Mngadi ehalalisel­wa ngubabekaz­i wakhe uNkk Lindiwe Zuma nomalume wakhe uMnuz Phillip Zuma emuva kokubuya nezindondo eLos Angeles
 ??  ?? UGILE izimanga phesheya u-Asanda Mngadi ebuya nezindondo eziyisikho­mbisa emncintisw­aneni we-World Championsh­ips of the Arts
UGILE izimanga phesheya u-Asanda Mngadi ebuya nezindondo eziyisikho­mbisa emncintisw­aneni we-World Championsh­ips of the Arts
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa