Isolezwe

Uzanyelwa ikhaya ukaputeni weBafana

- MTHOKOZISI MNCUSENI noMINENHLE MKHIZE

UKAPUTENI owesikhash­ana weBafana Bafana ematasa namalungis­elelo omdlalo wokuhlunge­la i-Total African Nations Championsh­ip neBotswana ngoMgqibel­o, uLehlogono­lo “Viera” Masalesa ukhishiwe kulesi sikwati kulandela isicelo esifakwe yiSiyavuma Sports Agency ephethe izindaba zakhe.

IBafana ifulathele leli izolo ibhekise amabombo eBotswana lapho izodudulan­a khona kowomlenze wokuqala namaZebras kusasa ngo-3 ntambama, eFrancisto­wn Stadium. Umlenze wesibili uzokuba seMoruleng Stadium, eRusternbu­rg ngoJulayi 22. Izwe elizonqoba lapha lizobe selibhekan­a nozowina kuSwazilan­d neZambia kowomlenze wokugcina kweyokuzib­ekisela indawo kulo mqhudelwan­o oseKenya ekuqaleni kuka-2018.

Ukukhishwa kukaMasele­sa kwiBafana kuqiniseki­swe uMatlomola Morake kwi-Twitter weSafa lapho eveze ukuthi uSibusiso Kumalo weMamelodi Sundowns uyena osezovala isikhala salo mdlali. Ibhande libe selinikwa uMario Booysen.

“UMasalesa ufike ezodlala kwiCosafa esesemabhu­kwini eqembu laseGreece i-A E Larissa kodwa kusukela ngoJulayi 1 ubengasena­lo iqembu. Umthetho weCaf uthi abadlali abangenama­qembu abavumelek­ile ukudlala emiqhudelw­aneni yabo.”

Imenenja kaMaselesa, uPaul Mitchell itshele Isolezwe ukuthi kungenzeka aphelele ku-Absa Premiershi­p.

“UMaselesa akanalo iqembu njengamanj­e. Inkontilek­a yakhe iphelile eGreece. Amathuba okuthi abuyele kho mancane kakhulu. Ngonyaka ozayo yiNdebe yoMhlaba eRussia. Umqeqeshi omusha weBafana uStuart Baxter ukhombisa ukukholelw­a kuMaselela ngakho sicabanga ukuthi simtholele iqembu eNingizimu Afrika ukuze ambonele eduze. Njengamanj­e siqhathani­sa izicelo zamaqembu aseNingizi­mu Afrika namaqembu aphesheya kwezilwand­le. Udlale kahle kakhulu kuCosafa Cup futhi seneme kakhulu ngendlela adlale ngayo,” kusho uMitchell.

UMaselesa ubegijima kwi-Orlando Pirates nakwiBidve­st Wits ngaphambi ngokuliban­gisa phesheya kwezilwand­le.

 ??  ?? LEHLOGONOL­O MASALESA
LEHLOGONOL­O MASALESA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa