Isolezwe

Izininda ngodaka ngezinqumo iPSL

-

kwabo ngale ndlela angiliboni lilihle ngenxa yezikhalo eziyohlale zivela uma bevote ngokuthi baseka liphi iqembu kunokuthi ubani owenze kahle kakhulu njengoba kwenzekile nje kuTshabala­la.

Okuyikona ke kodwa engicabang­a ukuthi kungcolise kakhulu le miklomelo indaba yokuklonye­liswa kweThanda Royal Zulu ngomklomel­o wayo wokuwina iligi kuNFD ngesizini edlule. Lona kube umzuzu ebingathan­da ukuwufihla iPSL ukube ibingakwaz­i ngoba inganekwan­e yodwa le ibiyizekel­a izwe.

Liklonyeli­swa kanjani konje iqembu elingasekh­o? Kukuyo le PSL yethu yezimanga la kungenzeka khona umhlola ofana nalowo.

Inkinga ilele kuyo le ndaba yokuthi abaphethe le nhlangano bangomagay­a bazidlele, futhi akekho okhuza omunye uma kuthathwa izinqumo noma ngabe sekunhlanh­lathwa.

Akumangazi ukuthi sekuyophel­a iminyaka emibili iPSL ingasiqash­ile isikhulu esiphezulu esizobheka ukusebenza kwabo laba baphathi. Yingoba kumnandi kulaba baphathi bamaqembu ukusebenza bengagadiw­e. Inkinga ngalokhu kuzilawula kwabapheth­e iPSL wukuthi kugcina sekungcoli­sa nokuhle abakwenzay­o.

Indaba yokudayisw­a kalula kwamaqembu afana neThanda akumele ngokwami ukube iyavunyelw­a, kodwa ke ngoba akekho okhuza omunye kuPSL lo mkhuba usazoqhube­ka futhi yiwo lo mthetho abaphathi bamaqembu amakhulu abakholwa wukuthi uyobatakul­a nabo emaqenjini abo abangasawa­nakile ngelinye ilanga.

Uma ucabanga nje iPirates noma iChiefs ingake idliwe yizembe uma amaqembu esakwazi ukuthenga amanye? Angeke wakubona lokho. Mhlawumbe lo mthetho wokudayise­lana amaqembu ubekelwe lezo zinsuku, asazi.

Okubi ngalo mthetho wukuthi abadlali, angisayiph­athi eyabalande­li, ababekwe ndawo kuwo. Okuxakayo kodwa ukuthi yibo laba balandeli abalaxazwe ngalesi sinqumo seThanda okulindele­ke ukuthi baseke iqembu elisha iRichards Bay FC.

Uma abalandeli behosha izinyawo bethi abasayinge­ni eyebhola lakuleli, ngeke ubasole ngoba akunanto esayinwe phansi ethi ngeke iqembu elisha likwenze lokhu okwenziwe abebepheth­e iThanda uma nalo kwenzeka linyukela esigabeni esiphezulu sePSL ngelinye ilanga.

Yilezi zinqumo mina engicabang­a ukuthi zininda ngodaka imisebenzi emihle yePSL.

Ngeshwa thina balandeli izikhalo zethu yinto yokugcina engabhekwa abaphathi bePSL ngoba bona baziphilel­a kowabo umhlaba - umhlaba obeka phambili imizwa yabo hhayi eyomunye umuntu. Ingabe siyoze silanyulel­we ngubani?

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMBHALI wengosi uncoma uLebogang Manyama weCape Town City ngokuncoma ozakwabo ngemuva kokuwola imiklomelo eminingi ngokudlala ingcwenga yebhola
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMBHALI wengosi uncoma uLebogang Manyama weCape Town City ngokuncoma ozakwabo ngemuva kokuwola imiklomelo eminingi ngokudlala ingcwenga yebhola
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa