Izininda ngodaka ngezinqumo iPSL
kwabo ngale ndlela angiliboni lilihle ngenxa yezikhalo eziyohlale zivela uma bevote ngokuthi baseka liphi iqembu kunokuthi ubani owenze kahle kakhulu njengoba kwenzekile nje kuTshabalala.
Okuyikona ke kodwa engicabanga ukuthi kungcolise kakhulu le miklomelo indaba yokuklonyeliswa kweThanda Royal Zulu ngomklomelo wayo wokuwina iligi kuNFD ngesizini edlule. Lona kube umzuzu ebingathanda ukuwufihla iPSL ukube ibingakwazi ngoba inganekwane yodwa le ibiyizekela izwe.
Liklonyeliswa kanjani konje iqembu elingasekho? Kukuyo le PSL yethu yezimanga la kungenzeka khona umhlola ofana nalowo.
Inkinga ilele kuyo le ndaba yokuthi abaphethe le nhlangano bangomagaya bazidlele, futhi akekho okhuza omunye uma kuthathwa izinqumo noma ngabe sekunhlanhlathwa.
Akumangazi ukuthi sekuyophela iminyaka emibili iPSL ingasiqashile isikhulu esiphezulu esizobheka ukusebenza kwabo laba baphathi. Yingoba kumnandi kulaba baphathi bamaqembu ukusebenza bengagadiwe. Inkinga ngalokhu kuzilawula kwabaphethe iPSL wukuthi kugcina sekungcolisa nokuhle abakwenzayo.
Indaba yokudayiswa kalula kwamaqembu afana neThanda akumele ngokwami ukube iyavunyelwa, kodwa ke ngoba akekho okhuza omunye kuPSL lo mkhuba usazoqhubeka futhi yiwo lo mthetho abaphathi bamaqembu amakhulu abakholwa wukuthi uyobatakula nabo emaqenjini abo abangasawanakile ngelinye ilanga.
Uma ucabanga nje iPirates noma iChiefs ingake idliwe yizembe uma amaqembu esakwazi ukuthenga amanye? Angeke wakubona lokho. Mhlawumbe lo mthetho wokudayiselana amaqembu ubekelwe lezo zinsuku, asazi.
Okubi ngalo mthetho wukuthi abadlali, angisayiphathi eyabalandeli, ababekwe ndawo kuwo. Okuxakayo kodwa ukuthi yibo laba balandeli abalaxazwe ngalesi sinqumo seThanda okulindeleke ukuthi baseke iqembu elisha iRichards Bay FC.
Uma abalandeli behosha izinyawo bethi abasayingeni eyebhola lakuleli, ngeke ubasole ngoba akunanto esayinwe phansi ethi ngeke iqembu elisha likwenze lokhu okwenziwe abebephethe iThanda uma nalo kwenzeka linyukela esigabeni esiphezulu sePSL ngelinye ilanga.
Yilezi zinqumo mina engicabanga ukuthi zininda ngodaka imisebenzi emihle yePSL.
Ngeshwa thina balandeli izikhalo zethu yinto yokugcina engabhekwa abaphathi bePSL ngoba bona baziphilela kowabo umhlaba - umhlaba obeka phambili imizwa yabo hhayi eyomunye umuntu. Ingabe siyoze silanyulelwe ngubani?