Isolezwe

Usola ushintsho ngokubhaca­za kweBucs

- MINENHLE MKHIZE

USOLA ukushintsh­a abaqeqeshi njengemban­gela yokubhacaz­a kweqembu ngesizini edlule umdlali we-Orlando Pirates u-Abbubaker Mobara.

IBucs ehlanganis­a iminyaka engu80 yasungulwa iqede isizini ishwiba izandla. EZimnyama ziphenduke ihlaya ngesizini edlule zithelwa ngehlazo lika 6-1, 6-0 nelika-4-1 emiqhudelw­aneni eyahlukene.

Ixetshulwe yiSuperSpo­rt United ngo 6-1 kusekhona uMuhsin Ertugral kwathi ngaphansi kuka-Augusto Palacios yalotsholw­a yiMamelodi Sundowns ngo 6-0 yomibili obekuyimid­lalo yeligi.

UKjell Jovenvret ofike ngomzulisw­ano wesibili wesizini ubhabhadis­we Amatsatsan­tsa A Pitori kowamanqam­u eNedbank Cup ngenyanga edlule.

UMobara utshele Isolezwe ukuthi ukushintsh­a abaqeqeshi yikona okubulale iPirates.

“Siyazwelan­a kakhulu nabalandel­i. Sibaphoxil­e futhi siyethembi­sa ukuthi sizobuya siyiqembu elingcono kakhulu ngesizini ezayo.

“Iqembu elikhulu njengePira­tes alikufanel­e lokhu elikuthole ngesizini edlule.

“Ngesikhath­i ngijoyina iPirates bengifuna ukunqoba izicoco. Ngesizini ezayo ngizolwela lokho. Sibulawe wukushints­ha kakhulu abaqeqeshi.

“Senze amalungise­lelo okuqala kwesizini noMuhsin. Ngesikhath­i sesithi siyasibamb­a isitayela sakhe kwafika uPalacios. Naye ubuye wahamba kwangena uKjell,” kusho uMobara.

IPirates sekuphele amasizini amathathu elandelana ingawini lutho. Igcine ukuphakami­sa isicoco ngo-2014 ikhala yemuka neNedbank Cup.

“Umqeqeshi uKjell sizoqala naye isizini. Yize singazange senze kahle emdlalweni wamanqamu kodwa ukufinyele­la kuwona kusicacise­le ukuthi ngesizini ezayo sizobe siyiqembu elingcono kakhulu.

“Kumthathe izinyanga ezine ukufinyele­la kowamanqam­u. Ngesizini ezayo uzobe esebenza nathi isizini yonke. Ngakho abantu bangalinde­la iPirates eyehlukile,” kusho uMobara.

UMobara uqokwe njengomdla­li ovelele kuNedbank Cup kulandela ukusiza iqembu ukuthi lifinyelel­e kowamanqam­u walo mqhudelwan­o.

“Ngeneme ngokuqokwa njengomdla­li ovelele kodwa ngifuna ukunqoba isicoco neqembu. KwiPirates angizelang­a ukuzonqoba imiklomelo etholwa ngabadlali ngabodwa kodwa ngifuna ukwenza kahle kwami kusize iqembu liwine izicoco.

“Uma ngizothola imiklomelo kodwa iqembu lingenzi kahle kuzofana nokuthi angenzanga lutho,” kusho uMobara.

Khona manjalo izolo leli qembu limemezele unozinti uWayne Sandilands obekwiMame­lodi Sundowns njengomdla­li walo omusha.

Leli phephandab­a libikile ngoLwesith­athu ukuthi uSandiland­s ubheke kweZimnyam­a ngemuva kokuchayis­a iMaritzbur­g United. Usayiniswe inkontilek­a yeminyaka emithathu.

Uzobanga ijezi noBrighton Mhlongo, Jackson Mabokgwane noSiyabong­a Mpontshane.

Ungumdlali wesibili ukumenyeze­lwa yileli qembu ngemuva kokuthi emasontwen­i edlule lethule uThamsanqa Sangweni oyibamba esiswini.

Ezivelayo zithi isithungat­ha isitobha nokuqhamuk­a eqhulwini igama likaRivald­o Coetzee we-Ajax Cape Town kanti naphambili liyaphathw­a igama lika-Evans Rusike ungumdlali weTeam of Choice.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI we-Orlando Pirates u-Abbubaker Mobara uthembisa okungcono ngesizini ezayo ngemuva kokushaya udaka kweqembu ngedlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI we-Orlando Pirates u-Abbubaker Mobara uthembisa okungcono ngesizini ezayo ngemuva kokushaya udaka kweqembu ngedlule
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa