Uzanyelwa ikhaya ukaputeni weBafana
UKAPUTENI owesikhashana weBafana Bafana ematasa namalungiselelo omdlalo wokuhlungela i-Total African Nations Championship neBotswana ngoMgqibelo, uLehlogonolo “Viera” Masalesa ukhishiwe kulesi sikwati kulandela isicelo esifakwe yiSiyavuma Sports Agency ephethe izindaba zakhe.
IBafana ifulathele leli izolo ibhekise amabombo eBotswana lapho izodudulana khona kowomlenze wokuqala namaZebras kusasa ngo-3 ntambama, eFrancistown Stadium. Umlenze wesibili uzokuba seMoruleng Stadium, eRusternburg ngoJulayi 22. Izwe elizonqoba lapha lizobe selibhekana nozowina kuSwaziland neZambia kowomlenze wokugcina kweyokuzibekisela indawo kulo mqhudelwano oseKenya ekuqaleni kuka-2018.
Ukukhishwa kukaMaselesa kwiBafana kuqinisekiswe uMatlomola Morake kwi-Twitter weSafa lapho eveze ukuthi uSibusiso Kumalo weMamelodi Sundowns uyena osezovala isikhala salo mdlali. Ibhande libe selinikwa uMario Booysen.
“UMasalesa ufike ezodlala kwiCosafa esesemabhukwini eqembu laseGreece i-A E Larissa kodwa kusukela ngoJulayi 1 ubengasenalo iqembu. Umthetho weCaf uthi abadlali abangenamaqembu abavumelekile ukudlala emiqhudelwaneni yabo.”
Imenenja kaMaselesa, uPaul Mitchell itshele Isolezwe ukuthi kungenzeka aphelele ku-Absa Premiership.
“UMaselesa akanalo iqembu njengamanje. Inkontileka yakhe iphelile eGreece. Amathuba okuthi abuyele kho mancane kakhulu. Ngonyaka ozayo yiNdebe yoMhlaba eRussia. Umqeqeshi omusha weBafana uStuart Baxter ukhombisa ukukholelwa kuMaselela ngakho sicabanga ukuthi simtholele iqembu eNingizimu Afrika ukuze ambonele eduze. Njengamanje siqhathanisa izicelo zamaqembu aseNingizimu Afrika namaqembu aphesheya kwezilwandle. Udlale kahle kakhulu kuCosafa Cup futhi seneme kakhulu ngendlela adlale ngayo,” kusho uMitchell.
UMaselesa ubegijima kwi-Orlando Pirates nakwiBidvest Wits ngaphambi ngokulibangisa phesheya kwezilwandle.