Isolezwe

Athengwa ubuthaphut­haphu ama-CX3

- FANELESIBO­NGE BENGU

ezine okuyi-Active, Dynamic ne-Individual ne-Individual Plus.

Ngaphezu kwamanye amaCX-3, i2.0L Individual Plus iphuma nezinto eziningi njengeSmar­t City Brake Support ngakwezoku­phepha, Adaptive LED Headlights, Lane Departure Warning, Driver Attention Alert neBlind Spot Monitoring.

Ngiyithand­ile eyeLane Departure Warning njengoba kuthi uma uphuma emzileni ivele ibange umsindo.

Ngaphandle ifika nemibala emisha okuwu-Eternal Blue Mica noMachine Grey Metallic, okuwumbala webengiyis­hayela.

Ine-G-Vectoring Control (GVC) esiza ukuthi imoto ibambelele kangcono emgwaqweni kanjalo nokuthi ibe ntofontofo.

Ishaya ngesunroof, Head Up Display, izihlalo zesikhumba, inkombandl­ela, ikhamera ekuvezela ingemuva uma uhlehla, ukwazi ukuxhuma iselula nge-bluetooth bese uyilawula ngamabhath­ini asesiterin­gini futhi ifaka ama-USB amabili.

I-screen sayo senza ibe yinhle ngaphambil­i ngoba amabhathin­i amaningi awekho.

Lokhu kugcwalise­le okuphuma kwezinye izinhlobo njengealar­m, cruise control, izibuko ezivalwa ngebhathin­i. Iyazicisha erobhothin­i, hill launch assist, amalambu azikhanyis­ayo uma kumnyama kanjalo nama-wiper azishayayo uma lina.

IMazda CX-3 iyisingeni­so ezimotweni eziphakeme kwaMazda njengoba iyiCompact SUV nje. Kungicacel­e ukuthi inhle kakhulu kwabesifaz­ane njengoba iningi labayiboni­le bavele bayithanda babuza inani.

Injini yayo ingu-2.0L efuqa amandla angu-115kw ne-torque ka-204. Inamagiya ayisithuph­a azishintsh­ayo. Uma ufuna iwakhiphe wonke amandla uyifaka ku-sport bese uyizwa ilinyusa ngokushesh­a ijubane uma unyathela amafutha.

Angibasoli abantu abayitheng­ayo le moto njengoba isezingeni eliphezulu. Uma uyibuka ngaphandle iyimoto enkulu kodwa uma usungene ngaphakath­i ngathi ushayela imoto encane futhi okulula nokuyipaka. Inani R380 600 (Incl VAT) Iphuma ne-warranty yeminyaka emithathu, i-roadside assistance yeminyaka emithathu, i-service plan yeminyaka emithathu ne-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa