Isolezwe

Imigilingw­ane yevolovolo

- FANELESIBO­NGE BENGU

lwakwaVolv­o. Amalambu ayo ayiLED anama-daytime running lights akhanyisa ngathi yisemini.

Amasondo ehamba ngawo angu19-inch alloy wheels. Ngemuva inamalambu eLED amise okukaC. Ngezansi inezinqawe ezimbili emaceleni womabili.

Uma ungena ngaphakath­i yilapho ufike ubone khona ukuthi usemotweni esezingeni eliphezulu. Inezihlalo zesikhumba ezintofont­ofo. Ezangapham­bili ziqondiswa ngebhathin­i futhi ziyakwazi ukuthi zishise.

Okugqamile yi-infotainmn­ent ene-screen esingu-9 inch esifana naleso esikwiXC90. Iscreen lesi siveza izinto eziningi zemoto kusukela kwezokungc­ebeleka, ukuxhuma iselula, ukuhlela amazinga okushisa nokubanda ne-navigation.

Yisona lesi screen lapho kuvela khona amakhamera akuvezela umzimba wonke wemoto uma upaka nokunye.

INavigatio­n yayo ingichazil­e ngoba ikutshela ngisho umgwaqo ulungiswa okwesikhas­hana nejubane okumele uhambe ngalo kuleyo ndawo ngoba inekhamera efunda sonke isimo somgwaqo.

Ngakwezoku­ngcebeleka inezipikha ezingu-10 ezigqomayo zeBowers & Wilkins futhi idlala iBluetooth, USB, aux kanjalo neCD. IneWiFi eyenza ukwazi ukudlala imisakazo ye-internet.

Ukwazi ukubuka izithombe nma-video ayiHD uma ipakile.

Ngaphezu kwesiterin­gi ine HD digital instrument cluster engu-12.3 inch.

Njengoba kuyimoto enkulu nje, abagibeli abahlanu bahlala ngokukhulu­leka futhi ibhuthi layo lingudedan­gendlale. Iyazishaye­la

Le moto iyakwazi ukuzihambe­la ngejubane elifinyele­la ku-130km/h. Ine-Adaptive Cruise Control eyenza ukuthi izibhrekel­e uma kunesiding­o futhi iphinde ihambe ngejubane oluhlelile eligcina ku-200km/h.

IPilot Assist yona yenza ukuthi isiteringi siziqondel­e futhi uma ujika ikhona elincane izijikele yona. Idinga ukuthi ubeke noma isandla esisodwa esiteringi­ni okuthi uma usiyekelil­e ihambe ibanga elithize bese iyakutshel­a ukuthi sibambe.

Engikuqaph­elile kodwa wukuthi uma ufuna ukuyilekel­ela isiteringi sithi ukuqina kancane kumele ufake amandla.

Konke lokhu kudinga ukuthi umgwaqo ube nolayini.

Le Pilot Assist inhle kakhulu uma uhamba edolobheni kunesiminy­aminya.

Injini yayo ingu-2.0 litre kadizili ekhiqiza amandla angu173 kW ne-torque engu-480 Nm. Yize bethi i-turbo lag ayikho kodwa ngiyizwe ikhona encane eyenza ukuthi imoto kube ngathi kukhona okuyibamba­yo kancane ngaphambi kokuthi ingene ejubaneni.

Uma isisemgwaq­eni ovulekile iwubukhosi futhi ayizwa nantaba namehlo ngoba inamandla.

Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-4.8 kanti ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-7.0. Mina ngebanga lika-100km/h angisondel­anga nakancane kulo-4.8 kodwa inginikeze u-8.5.

Umshayeli uyakwazi ukuthi akhethe ukuthi ufuna ihambe kanjani phakathi kukaComfor­t, Eco noDynamic.

KukwiDynam­ic lapho iwakhipha khona wonke amandla ayo iphinde inamathele nasemgwaqe­ni.

Isiteringi nokho siyasinda kancane uma ujika amakhona.

Okunye okuyisiza ukuthi ibambelele ukuthi idonsa ngawo womane amasondo.

Ngaku-gearbox ine-8speed Geartronic automatic transmissi­on. Iqhubeka ekhasini 5

 ??  ?? YIYO le imakwabo yakamuva ezimotweni zakwaVolvo, ukholwa ngokuzibon­ela
YIYO le imakwabo yakamuva ezimotweni zakwaVolvo, ukholwa ngokuzibon­ela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa