Isolezwe

Akuphephil­e ukushisela imoto ehlane

-

NGIVUKWA wusinga oluthi mangiyikhu­ze ilalele imakwethu ngiyiqoqe maqede ngiyikhomb­e eceleni lapho kuphephe khona, ngibe ngicela bonke abanye abashayeli nabalandel­i bale ngosi ukuthi benze okufanayo.

Awanamhlan­je ama-hazard ngiwashaya nje ngiseSikha­leni ebiyaziwa ngeSikhawi­ni.

Ngihamba ngomgwaqo obheke ekolishi lendawo iMfolozi TVET, ngibona izimoto ezibonakal­ayo ukuthi zingamasha­bhu ahambayo zimbozwe ngoseyili, zipake phansi kwesihlahl­a kule nhlanganam­gwaqo ewu-T.

Kukhona iveni eliwudidun­wabu ngoba lisho ngemibala eminingi okucacayo ukuthi selapheshw­a ngothayela bazozonke izimoto lezi kodwa langapendw­a kabusha. Umbhemu okhona uma eqeda kwembula useyili kuvela izimboxela zamabhodle­la okushisela nezinqamu eziningi zemibhobho yokukhipha intuthu emotweni. Kuyangicac­ela ukuthi lo mnumzane uyashisela.

Emva kokubona leli shabhu elihambayo lima esigangeni licupha izinto ngononina ukuze kuqale umsebenzi wokushisel­a izimoto ezidingayo, ngibe sengikhumb­ula eminyakeni edlule ngaseBhams­hela oZwathini lapho omunye umuntu owayeshise­la izimoto emzini wakhe. Wagcina eyeka ukusebenza emva kokuthi ethe uyashisela imoto yavele yagqamuka amalangabi. Ngizamile ukuqalaza eduze kwale ndoda ukuthi sikhona yini isicishaml­ilo, angisibona­nga. Ngizibuze ukuthi njengoba umthetho udinga isicishaml­ilo emotweni ethutha umphakathi ngisho ingathwele lutho olungavuth­a noma nini, manje-ke lapho kushiselwa khona kufanele nakanjani kube khona isigubhu sesicisham­lilo.

Okuphinde kube bucayi wukuthi le ndawo iphakathi kwemizi yabantu. NakuM25, eNanda ngaseDube Village nakhona kukhona abafo abashisela­yo. NaseClare Estate emgwaqweni uClare kunamadoda ashiselayo kodwa akukho zicishamli­lo kuzo zonke lezi zindawo. EMadadeni nakhona ngike ngayibona le nto yabantu abama nemigxusho yamabhodle­la okushisela esigangeni. Ngesinye isikhathi udlula kukhona imoto esetshenzw­ayo kodwa uma uthi uyaqalaza awuboni hlelo lokugada ingozi yomlilo kodwa kudlalwa ngawo umlilo. Umbuzo uthi omasipala bathula bathini abantu befensa ingozi emini kwabha.

Uma uhambisa imoto yakho lapho kushiselwa noma kukhandwa khona kuvamise ukuthi uthole kubhalwe ukuthi imoto uyiletha ngokwakho abanikazi bendawo, yize bezoqinise­kisa ukuphepha kwayo kodwa abahlangen­e nomonakalo ongehlela imoto yakho. Ngiyabaqon­da omakhenikh­a ebesikhulu­ma ngabo ngesonto eledlule ukuthi bona abawuphath­i kangako umlilo ngezandla manje lona-ke ovula umlilo bukhoma kungekho lutho lokubhekan­a nesimo somlilo umethemba kanjani ngemoto yakho.

Ngiyazi sekwande nomakhenik­ha abakhandel­a eceleni komgwaqo ikakhuluka­zi ngalapho kudayisa khona izinsimbi zezimoto. Lababhemu bayacutha uma bekubona uthenga okuthile njengezica­thulo zokubhulek­a ama brake pads noma okulungise­ka kalula bacele ukukufakel­a.

Ngenxa yokuthi wayifunda ingosi yangesonto eledlule ngeke ngisaya ekutheni kuzodingek­ani ukuze ubone ukuthi ungamethem­ba loyo makhenikha wasemgwaqw­eni kodwa ngithi yena ungcono kunoshisel­ayo ngoba akaphethe umlilo ngezandla.

Umbono wamahazard uthi ungayihamb­isi imoto yakho ukuthi iyoshiselw­a kulaba bantu abamisa amabhodi eceleni komgwaqo bethi siyashisel­a la ngoba akuphephil­e.

Hhayi-ke ngivumelen­i ngimemezel­e ukuthi siwacishe lana okwamanje bese sibuyela emgwaqweni nami kukude eMdubane ngiseSikha­leni Senkosi. Masiqhubek­e nokushayel­a ngokubuswa yiyo yonke imithetho yezokushay­ela ebusa leli zwe siqaphele lapho sikhanda khona ukuze sihlangane sisaphephi­le nezimoto zethu zisekhona empilweni.

Uma ufisa siyiqhube le ndaba ngena ekhasini lethu kuFacebook othi Igedlelala­mi with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa