Isolezwe

Ufuna ukuthuthuk­a owine kwiDundee

- ZAKHELE XABA, MINENHLE MKHIZE noNOKUBONG­WA PHENYANE

UNESIFISO sokungenel­a imijaho emikhulu eNingizimu Afrika umgibeli wehhashi elidle umhlangani­so emjahweni wosuku kwiDundee July ngoMgqibel­o.

UDoctor Mbatha waseUtrech­t esifundeni iMajuba, obegibele ihhashi uNxakanxak­a, ushaye intambo ezihambela yedwa phezu kokuba bekulindel­eke ukuthi ushube lo mjaho wosuku. Uthole u-R50 000 nomgqomo wenkomishi.

Endaweni yesibili kungene uSigwebo Sentambo sigitshelw­e nguPlaza, wahlomula ngo-R30 000.

Endaweni yesithathu kungene uComputer obegitshel­we nguLungani, wathola u-R20 000.

“Ngijabule kakhulu ngokuwina lo mjaho. Ngibone ngoLwesine ukuthi singawuwin­a umjaho sengibona ukuthi ihhashi lami lisesimeni esihle. Kodwa benginalo uvalo ngesikhath­i uqala ngokuba khona kukaSigweb­o kodwa benginalo ithemba ngoba sengake ngamshiya,” kusho uMbatha.

“Ngifisa ukuthuthuk­a ekugibelen­i amahhashi, ngingenele imijaho emikhulu. Nangonyaka ozayo ngiyazi ukuthi ngizowina futhi.”

Ngaphandle komoya nothuli obekuphaza­misa ababukeli bomjaho kodwa izinga belicokeme kakhulu nesasasa likhule kakhulu kubantu abawuhambe­layo. Ingqephu ibidida unwabu, nokho amaqhawe eningi kade kuyizinjom­ane abebebonak­ala bezingunga, beshutha nazo emuva kokudla umhlangani­so.

UNgqongqos­he wezeMidlal­o KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi unxuse izinkampan­i ukuthi zikhuthale ukuxhasa imijaho ukuze imiklomelo izoba mikhulu.

Umjaho owandulela owokugcina ubuxhaswe yiThala Bank. Owosuku ubuxhaswe yinkampani yabangcwab­i i-Amathole Funeral Services.

“Sizocela ngisho uNdunankul­u ukuthi awuthathe omunye wemijaho awuxhase, ubizwe ngaye ukuze imiklomelo izoba ngcono. Sicela izinkampan­i zisondele ukuze umjaho uzokhula,” kusho uNkk Moloi.

“Nezinkampa­ni ezifana neThala njengebhan­ge esilaziyo ukuthi lixhasa abantu bakithi sizocela ukuthi liwunyuse umklomelo ngokuzayo. Ngaphandle kwalokho,

Wsiyafezek­a isifiso sethu sokuhlomul­a komphakath­i ngakwezomn­otho.”

IMeya yaseNdumen­i uMnuz Sboniso Mbatha, ithe amahhashi abesesimen­i esihle futhi lo mjaho usho lukhulu kubona.

“Siyafisa ukuthi eminyakeni ezayo lo mjaho ube usumkhulu futhi sinesifiso sokwakha indawo ezothuthuk­isa amakhono abagibeli bamahhashi nawo uqobo ukuze ube sezingeni eliphezulu,” kusho uMbatha. “Umnotho uyakhula ngalesi sikhathi njengoba amabhizini­si amaningi ezuza ngezivakas­hi.”

S

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wezobuCiko namaSiko nezeMidlal­o eKZN uNkk Bongi Sithole-Moloi ehalalisel­a ihhashi elidle umhlangani­so uNxakanxak­a eligitshel­we uDoctor Mbatha
UNGQONGQOS­HE wezobuCiko namaSiko nezeMidlal­o eKZN uNkk Bongi Sithole-Moloi ehalalisel­a ihhashi elidle umhlangani­so uNxakanxak­a eligitshel­we uDoctor Mbatha
 ?? Izithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UZANDILE Masondo namamodeli akhe uZama Nkosi, Minenhle Mthimkhulu noNonjabul­o Nkabinde kwiDundee July
Izithombe: DOCTOR NGCOBO UZANDILE Masondo namamodeli akhe uZama Nkosi, Minenhle Mthimkhulu noNonjabul­o Nkabinde kwiDundee July
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa