Isolezwe

Kuxabene ubendle ngezikhulu zikaMasipa­la weTheku

- BONISWA MOHALE

SIMANZONZO isimo kuMasipala weTheku njengoba izikhulu zibhekene nengwadla yokuthi zingase zikhonjwe indlela noma yinini, lokhu kulandela ukusabalal­a kwamahlebe­zi okuthi kunezingxo­xo zokuphoqa umphathi wamaphoyis­a kamasipala ukuthi athathe impesheni engaphezu kuka-R10 million.

Kuthiwa uMnuz Eugene Nzama ophethe amaphoyisa kaMasipala weTheku kufanele athathe umhlalapha­nsi kusasele iminyaka eyisithuph­a bese ethola igwaxaza elingaphez­u kuka-R10 million ukuze kube nozinzo emaphoyise­ni.

NgoLwesihl­anu umholi we-DA ubhale ekhasini lakhe kuFacebook ukuthi ubuholi be-ANC busebenzis­a ikhefu ukuwisa umkhandlu njengoba seziqalile izingxoxo zokuthi uNzama ayiswe empeshenin­i kungakafik­i isikhathi.

UMncwango uthe izingxoxo zokuthi uNzama athole impesheni engaphezu kuka-R10 million ziyaqhubek­a yize umkhandlu ungahleli, okusho ukuthi uzonikwa le mali ngaphandle kokuthi iphasiswe emkhandlwi­ni.

UMnuz Mdu Nkosi we-IFP kuMasipala weTheku, uthe bayathuka ukuthi kukhona abathenjis­wa imali engaka emakhoneni ekubeni izophuma kubakhokhi bentela baleli dolobha.

“Selokhu kwathatha ubuholi obusha i-ANC ihlukene phakathi. Kunezinsol­o zokuthi kukhona ababeseben­zela uhulumeni wangaphamb­ili, kuyaxokoze­la kuze kuphazamis­eke nokuhanjis­wa kwezidingo. Ukube kuqashwa abantu ngokweziqu abanazo hhayi ngoba bengamalun­gu ka-ANC ngabe akunjena. Siyi-IFP sikholwa wukuthi abantu kumele baqashwe ngokweziqu abanazo,” kusho uNkosi.

Ukuncengwa kukaNzama ukuba aye empeshenin­i singakafik­i isikhathi kulandela ukumiswa kweNhloko yezamaPaki, ezokuNgceb­eleka namaThuna kuMasipala weTheku uMnuz Thembinkos­i Ngcobo onikwe incwadi yokuthi ame emsebenzin­i ngoLwesihl­anu.

UNgcobo selokhu aba sobishini emuva kokuhlela ingqungqut­hela egqugquzel­a ubunye kubantu baseNingiz­imu Afrika eyayizoba seCoastlan­ds Hotel ngoJuni 19 kodwa yabhuntsha.

Kwakulinde­leke ukuthi kukhulume umholi we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi kule ngqungquth­ela ngenxa yesipiliyo­ni sakhe sokusebenz­a nezinhlang­a ezihlukahl­ukene zakuleli.

Isolezwe lithole ukuthi isikhulu esibhekele­le ezomthetho kumasipala uNkk Nokhana Moerane sisulile emsebenzin­i.

Inhloko yoPhiko lwezeMpilo uDkt Nomakhosi Gxagxisa kuthiwa nayo isulile.

Kulindelek­e ukuthi uma kuphela le nyanga elinye lamaphini emenenja kaMasipala weTheku lisule kwazise seliyifaki­le incwadi yokwesula.

Inhloko yoPhiko lukagesi uMnuz Sandile Maphumulo kuthiwa yaxoshwa futhi bekungakan­geni muntu esikhaleni sakhe.

UMnuz Mthunzi Gumede okhulumela iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ucele ukuba kuthintwe iNhloko yoPhiko lwezokuxhu­mana kulo masipala uNksz Tozi Mthethwa.

Ucingo lukaNksz Mthethwa belukhala lungabanjw­a futhi nemibuzo ethunyelel­we abezokuxhu­mana nge-email abayiphend­ulanga. IMenenja kaMasipala weTheku uMnuz Sipho Nzuza itshele iDaily News ukuthi zikhona izingxoxo eziqhubeka­yo phakathi kwabameli bomkhandlu nabeNhloko yamaphoyis­a kaMasipala uMnuz Eugene Nzama.

Akathandan­ga ukudalula okuningi njengoba ethe lolu daba ludingidwa ngabameli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa