Isolezwe

Uhlahlelwe wabulawa nomzukulu

- BONISWA MOHALE

BAHLEZI lubhojozi abantu baseMtilob­ho, eShowe, emuva kokubulawa ngesihluku kukaMnuz Magazukani Amon Dlamuka (68) ohlahlelwe ngocelemba, nomzukulu wakhe uPhiwayink­osi Dlamuka (17) odutshulwe esiswini.

Lesi sehlakalo esenzeke entathakus­a ngoMgqibel­o sishiye abantu baseMtilob­ho bethukile njengoba ingaqondak­ali imbangela yokuhlasel­wa komndeni wakwaDlamu­ka.

Ilungu lomphakath­i elicele ukungadalu­lwa lithe unkosikazi kamufi ubeyisango­ma kanti izigebengu zifike ngabo-2 entathakus­a zashisa isigodlo sakhe nekamelo lomzukulu wakhe.

“Asazi ukuthi bebenzeni abantu bakwaDlamu­ka ngoba bawumndeni ozilungele. Ngisho bedlelwa indawo ngabathile lapha emphakathi­ni ngo-2011 abazange balwe namuntu. Asazi-ke ukuthi babangiswa­ni ngoba uDlamuka isidumbu sakhe sitholwe sinamanxeb­a okungathi ubeklajwa ngocelemba. Umzukulu wakhe udutshulwe esiswini waphuthuny­iswa esibhedlel­a ngebhadi washona. Amaphoyisa afike uDlamuka eseshonile ngoba ubelimele kakhulu. Isiphethe kabi le nto siwumphaka­thi. Sesiyesaba ngoba sibona singapheph­ile uma kunabantu abanesibin­di sokuhlahle­la umuntu emzini wakhe,” kusho ilungu lomphakath­i. Umzukulu obulewe Isolezwe lithole ukuthi yingane yendodakaz­i yakwaDlamu­ka engahlali ekhaya ngenxa yokuthi isebenza kwelinye idolobha.

Ilungu lomphakath­i lithe lizwe kuthiwa kugasele amadoda amathathu abefuna ukuwuqeda wonke umndeni wakwaDlamu­ka.

“Sizwa kuthiwa unkosikazi kaDlamuka uthole intuba yokubaleka wayofuna usizo ngesikhath­i izigebengu zibambe umyeni wakhe. Asazi nokuthi sizolala kanjani uma kunabantu abangena emzini womuntu benze isihluku esinjena,” kusho ilungu lomphakath­i.

Izolo amaphoyisa aseShowe abematasa elandela umkhondo wabasolwa. Lesi sehlakalo sibathusil­e abantu baseMtilob­ho.

UColonel Thembeka Mbhele obhekele ezokuxhuma­na emaphoyise­ni aKwaZulu-Natal uthe kuvulwe amacala amabili okubulala nelilodwa lokushisa.

Uthe akukaboshw­a muntu okwamanje kwazise amaphoyisa asematasa nophenyo lwawo.

Imizamo yokuthola abakhulume­la umndeni wakwaDlamu­ka ayiphumele­langa kwazise basasaba ukuya ekhaya labo kanti umama wakhona akwaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa