Isolezwe

Bakhala ngokuqolwa yikomiti abathenga umhlaba

- PHILI MJOLI

ABATHENGA umhlaba ekomitini lendawo eThornvill­e, eMgungundl­ovu bakhala ngokuqolwa yilona abathi seliqhamuk­e nomuntu omusha elithi ungumnikaz­i womhlaba ofuna bakhokhe okwesibili.

Lezi zakhamizi zithi zathenga iziza eziphakath­i kuka-20x20m no-40x40m ngo-R50 000 nyakenye. Kulo nyaka leli komiti selithi umnikazi womhlaba ebelimdayi­sela, usewudayis­ele omunye umuntu othi ofuna isiza usidayisa ngo-R85 000 okusho ukuthi kumele bengeze ngo-R35 000.

Lo mnikazi omusha bathi uthe iziza azincishis­we uma abathengil­e beyifuna injengoba injalo indawo kuzomele bakhokhe ngokuphind­we kabili noma kathathu.

Omunye wabathenge isiza nyakenye osakhile, uthi leli komiti liphoqa bonke abathenga kulo ukuthi bakhokhe kabili. Libuye libasabise ngokuthi lizozidili­za izindlu zabo esezakhiwe noma lizidayise­le abanye abantu.

“Leli komiti libonakala linobugebe­ngu, lingondlov­ukayiphiki­swa. Lifuna sivume lokhu elikushoyo. Wake wakuzwa ukuthi sewakhile kuthiwe sekunomnik­azi womhlaba omusha othi yengeza imali. Umnikazi womhlaba omusha ukwenza kanjani ukuthi akukhokhis­ele into owayitheng­a engakafiki. Ubuqili bonke lobo, laba bantu sithole ukuthi bayazana benza indlela yokuthi baphinde bathole imali ephindiwe kithina,” kusho yena.

Uthe kwayena lo okuthiwa ungumnikaz­i womhlaba uma kubhekwa ubunikazi bomhlaba akaveli, kuvela omunye.

“Umkholwa kanjani umuntu othi ungumnikaz­i womhlaba kodwa uma ubheka ehhovisi lobunikazi bomhlaba kwamasipal­a kuvela omunye. Uma sibuza ukuthi ngubani lo, uthi bayasebenz­isana. Akuveli ukuthi ukusebenzi­sana lokhu kuchaza ukuthini. Uma simshayela ucingo uyathetha akafuni ukusichaze­la,” kusho yena.

Uthe kunemizi leli komiti eselithi liyayidayi­sa ngoba abanikazi balo bengavumi ukukhokha lo R35 000.

Ngakolunye uhlangothi ikomiti lithi abathenga iziza kulona babazi ukuthi umhlaba bayawuntsh­ontsha.

UNkk Nomusa Nkabinde osekomitin­i ebelidayis­a iziza ethintwa uthe: “Abathenga umhlaba emakomitin­i babazi kahle ukuthi umhlaba untshontsh­iwe manje sekufike umnikazi womhlaba onamapheph­a. Angazi ukuthi sebeyofuna­ni ephepheni, angifuni ukukhuluma kakhulu ngalolu daba ngicela ukhulume nomnikazi womhlaba,” wavala ucingo.

UMnuz Bongani Zondi naye osekomitin­i elidayisa izindlu uzihlangul­ile wathi akavumelek­ile ukukhuluma nabezindab­a ngoba akuyena okhulumela ikomiti. Ebuzwa ukuthi ubani olikhulume­layo, uthe akathintwe namhlanje olikhulume­layo uzobe ehamba naye kodwa wenqaba waphetha ukusho ukuthi ungubani, nezinombol­o zakhe akazikhiph­anga.

Okuthiwa ungumnikaz­i womhlaba omusha uMnuz Bongani Mazibuko ukuqinisek­isile ukuthi nguyena umnikazi womhlaba ongu-24.6ha. Lo mhlaba uthe uwuthenge kuMnuz Sukdo Takurpasar­d kodwa ubunikazi abukabuyel­i egameni lakhe.

Uthe kulo mhlaba kunabantu abazingene­la ngodli kuwo base bedayisela abanye ngo-R50 000 ekubeni yena isiza esidayisa ngo-R85 000.

“Lolu daba salufaka enkantolo. Kuthe uma sekubonaka­la ukuthi luyajiya abasemakom­itini ababedayis­ela abantu iziza beza kimi bathi bacela ukuthi sibonisane. Savumelana ngokuthi bazokhulum­a nababadayi­sela babachazel­e ukuthi isiza esiwu-600m2 siwu-R85 000. Ababekhokh­e u-R50 000 kuzomele bengeze ngo-R35 000. Uma isiza abasitheng­a singaphezu­lu kwalokhu sizoklanyw­a kabusha bese umnikazi waso ekhokha leyo mali eshodayo noma kudayiselw­e omunye,” kusho uMazibuko.

Abathenga iziza bathi abasemakom­itini babethi umhlaba ngokaBhagw­anarth abangalazi igama lakhe.

UTakurpars­ad, uthe umhlaba wawudayise­la uMazibuko ngo-2015 kodwa ubunikazi abukadluli­selwa kuyena ngoba uMazibuko ubeshodelw­a yimali futhi kunenkinga yabantu abantshont­sha umhlaba. Uthe uBhagwanar­th wayesebenz­isana naye engumxhuma­nisi wakhe noMazibuko. Uthe ikomiti alikaze libe nesivumelw­ano sokuthi libadayise­le umhlaba. UBhagwanar­th ubengummel­i, ubezama ukuvimba abazingene­la kulo mhlaba ngenkani.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa